Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukudlondlobala Nokufadalala “Kwezazi”

Ukudlondlobala Nokufadalala “Kwezazi”

Ukudlondlobala Nokufadalala “Kwezazi”

BHALA igama elithi “parenting” (ukuba umzali) nelithi “advice” (iseluleko) kwenye ingosi edumile yezikhombo kuyi-Internet, futhi ngokuphazima kweso kuzovela izikhombo ezingaphezu kwezigidi ezingu-26. Uma ungathatha nje umzuzu owodwa ufunda isikhombo ngasinye, umntanakho angakhula aze abe nowakhe umuzi ngaphambi kokuba uziqede.

Abazali babesitholaphi iseluleko ngaphambi kokuba kube khona odokotela bezingane, izazi zokusebenza kwengqondo yezingane ne-Internet? Ngokuvamile, babesithola emindenini yabo. Omama, obaba, abafowabo nodadewabo babekulungele futhi bekwazi ukunikeza isiqondiso, ukusiza ngezimali nokugada abantwana. Kodwa emazweni amaningi, ukuthuthela kwezindimbane zabantu emadolobheni zisuka emaphandleni cishe kuye kwazinqamula ngokuphelele izibopho zomkhaya. Okuvame kakhulu namuhla ukuthi omama nobaba bazithola bengasenabani obasizayo kulo msebenzi onzima.

Ngokungangabazeki, lokhu kungesinye isizathu esenza ibhizinisi lokunakekela izingane lichume kangaka namuhla. Esinye isizathu siwukuthi abantu abaningi sebekholelwa kuyisayensi. Ngasekupheleni kweminyaka yawo-1800, umphakathi waseMelika kakade wawusukholelwa ukuthi isayensi yayingathuthukisa zonke izici zokuphila komuntu. Kungani-ke ingenakuthuthukisa ukukhuliswa kwabantwana? Ngakho, ngo-1899 lapho i-American National Congress of Mothers iveza obala “ukungabi nalwazi kwabazali,” ngokushesha ngemva kwalokho kwavela “izazi zesayensi” yokukhuliswa kwabantwana. Zathembisa ukusiza omama nobaba abadonsa kanzima ukuba bakhulise abantwana babo.

Ukufuna Iseluleko Sokukhulisa Abantwana Ezincwadini

Ngakho, yini eye yafezwa yilezi zazi? Ingabe abazali banamuhla abakhathazekile kangako futhi bakuhlomele kangcono ukukhulisa abantwana kunalabo bangeminyaka edlule? Inhlolo-vo yamuva nje eyenziwe eBrithani ithi akunjalo. Yembula ukuthi abazali abangaba amaphesenti angu-35 abanezingane ezincane basafuna iseluleko abangasethemba. Abanye banomuzwa wokuthi ukuphela kwento okumelwe bayenze ukuba benze ngendlela abacabanga ngayo.

Encwadini yakhe ethi Raising America: Experts, Parents, and a Century of Advice About Children, u-Ann Hulbert walandelela umlando wezincwadi ezabhalwa izazi mayelana nokukhulisa abantwana. UHulbert, ongumama wabantwana ababili, ubonisa ukuthi kumbalwa okushiwo yizazi okwakusekelwe kuyisayensi efakazelwe. Kunalokho, kubonakala sengathi iseluleko sazo siye sathonywa kakhulu okuhlangenwe nakho kwazo siqu hhayi amaqiniso aphathekayo. Uma sibheka emuva, kubonakala sengathi okuningi kwalokho ezakuloba kwakuyimibono eyayithandwa ngaleso sikhathi, kuphikisana futhi ngezinye izikhathi kuyimbudane.

Ngakho, siyini isimo sabazali namuhla? Empeleni, abazali abaningi badidekile ngenxa yabeluleki, imibono nezimpikiswano eziningi kunangaphambili. Nokho, akubona bonke abazali abanomuzwa wokuthi abanasiqondiso. Njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa, kuwo wonke umhlaba abazali bayazuza emthonjeni wokuhlakanipha wasendulo oseneseluleko ongasethemba.