Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thola Induduzo Emandleni KaJehova

Thola Induduzo Emandleni KaJehova

Thola Induduzo Emandleni KaJehova

“Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.”—IHUBO 94:19.

IBHAYIBHELI linamazwi enduduzo kubo bonke abalangazelela induduzo. Khona-ke, akumangalisi ukuthi i-World Book Encyclopedia ithi “abantu abangenakubalwa baye baphendukela eBhayibhelini ukuze bathole induduzo, ithemba nesiqondiso phakathi nezikhathi zezinkathazo nokungaqiniseki.” Ngani?

Ngoba iBhayibheli liphefumulelwe uMdali wethu onothando, ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke‚’ Lowo “osiduduza osizini lwethu lonke.” (2 Korinte 1:3, 4) ‘UnguNkulunkulu onika induduzo.’ (Roma 15:5) UJehova uye wabeka isibonelo ekunikezeni indlela yokwenza sonke sikhululeke. Wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa, uKristu Jesu, emhlabeni ukuba izosinika ithemba nenduduzo. UJesu wafundisa: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) IBhayibheli lichaza uJehova ‘njengosithwala imihla ngemihla; uNkulunkulu oyinsindiso yethu.’ (IHubo 68:19) Abantu abesaba uNkulunkulu bangasho ngokuqiniseka ukuthi: “Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa.”—IHubo 16:8.

Amavesi anjena eBhayibheli abonisa uthando olujulile uJehova uNkulunkulu analo ngathi bantu. Kuba sobala ukuthi unesifiso esiqotho—kanye nekhono—lokusinika intilibathwa yenduduzo nokudambisa ubuhlungu esibuzwayo ngezikhathi zosizi. “Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha.” (Isaya 40:29) Khona-ke, singayithola kanjani induduzo emandleni kaJehova?

Umphumela Oduduzayo Wokukhathalela KukaJehova

Umhubi wabhala: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.” (IHubo 55:22) Yebo, uJehova uNkulunkulu unesithakazelo emkhayeni wesintu. Umphostoli uPetru waqinisekisa amaKristu ekhulu lokuqala: “[UNkulunkulu] uyanikhathalela.” (1 Petru 5:7) UJesu Kristu wagcizelela indlela uNkulunkulu abheka abantu njengababaluleke ngayo ngokuthi: “Ondlunkulu abahlanu bathengiswa ngezinhlamvu zemali ezimbili zenani elincane, akunjalo? Nokho akukho noyedwa kubo olibalekayo phambi kukaNkulunkulu. Kodwa ngisho nezinwele zamakhanda enu zibaliwe zonke. Ningesabi; nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.” (Luka 12:6, 7) KuNkulunkulu sibaluleke kangangokuthi uqaphela ngisho nezinto ezincane kakhulu kithi. Wazi izinto nathi ngokwethu esingazazi ngoba unesithakazelo esijulile kithi ngabanye.

Ukuba nalo muzwa wokuthi uJehova unesithakazelo kwamduduza kakhulu uSvetlana, intombazanyana eyisifebe okukhulunywe ngayo esihlokweni esandulele. Wayesezozibulala lapho ehlangana noFakazi BakaJehova. Wabe esevuma ukutadisha iBhayibheli, okwamsiza ukuba ajwayelane noJehova njengomuntu ongokoqobo onesithakazelo enhlalakahleni yakhe. Lokhu kwathinta inhliziyo yakhe, kwamshukumisela ukuba ashintshe indlela yakhe yokuphila futhi azinikezele kuNkulunkulu. Kwanika uSvetlana nesilinganiso esifanele sokuzizwa ebalulekile, leso ayesidinga ukuze akhuthazele naphezu kwezinkinga zakhe futhi abe nombono ofanele ngokuphila. Manje uthi: “Ngikholisekile ukuthi uJehova akasoze angishiya. Ngiye ngathola ukuthi lokho okulotshwe kweyoku-1 Petru 5:7 kuyiqiniso. Lo mbhalo uthi: ‘Niphons[e] konke ukukhathazeka kwenu phezu [kukaJehova], ngoba uyanikhathalela.’”

Ithemba Elisekelwe EBhayibhelini Liyaduduza

Indlela eqondile uNkulunkulu anikeza ngayo induduzo yiZwi lakhe elilotshiwe, elinethemba elimangalisayo ngekusasa. Umphostoli uPawulu wabhala: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) UPawulu wahlobanisa ithemba langempela nenduduzo lapho ebhala: ‘Kwangathi uNkulunkulu uBaba wethu, owasithanda futhi wanikeza induduzo emi phakade nethemba elihle ngomusa ongafanelwe, angaduduza izinhliziyo zenu futhi aniqinise kuzo zonke izenzo namazwi amahle.’ (2 Thesalonika 2:16, 17) Leli “themba elihle” lihlanganisa ithemba lokuphila okuphelele, okujabulisayo nokungenakuphela emhlabeni oyipharadesi.—2 Petru 3:13.

Ithemba elinjalo eliqinisekile neliqhakazile lakhuthaza uLaimonis, umlutha wotshwala okhubazekile okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele. Ngokufunda izincwadi zoFakazi BakaJehova ezisekelwe eBhayibhelini, wajabulela ukuzwa ngezwe elisha ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, lapho impilo yakhe iyobuyiselwa esimweni sayo ngokuphelele. EBhayibhelini, wafunda lesi sithembiso esikhazimulayo sokuphulukisa okuyisimangaliso: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.” (Isaya 35:5, 6) Ukuze afanelekele ukuphila kulelo Pharadesi, uLaimonis wenza ushintsho olukhulu. Wayeka utshwala futhi ushintsho alwenza lwaqashelwa omakhelwane bakhe nabantu ayebajwayele. Manje uqhuba izifundo zeBhayibheli eziningana, ehlanganyela nabanye induduzo enikezwa ithemba elisekelwe eBhayibhelini.

Indima Yomthandazo

Lapho sizwa ubuhlungu benhliziyo ngenxa yesizathu simbe, singathola induduzo ngokuthandaza kuJehova. Lokho kungasethula umthwalo. Ekunxuseni kwethu, singase siduduzwe ukukhumbula izinto ezishiwo eZwini likaNkulunkulu. Ihubo elide kunawo wonke eBhayibhelini linjengomthandazo omuhle. Umqambi walo wahlabelela: “Ngiyakhumbula izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; ngiyaduduzeka.” (IHubo 119:52) Ezimweni ezinzima kakhulu, ikakhulukazi lezo ezihilela izinkinga zempilo, ngokuvamile akubi nasisombululo esisodwa esihlanganisa konke. Ngamandla ethu, singase singazi ngokuqondile ukuthi singaphendukelaphi. Abaningi baye bathola ukuthi lapho sekwenziwe konke okungase kwenziwe, ukuphendukela kuNkulunkulu ngomthandazo kuphumela enduduzweni enkulu, futhi ngezinye izikhathi, emakhambini ezinkinga abengalindelekile.—1 Korinte 10:13.

UPat, owaphuthunyiswa egunjini labadinga usizo oluphuthumayo esibhedlela, wawuzwa lo mphumela oduduzayo womthandazo. Ngemva kokululama, wathi: “Ngathandaza kuJehova futhi ngakufunda ngempela ukuthi kwakudingeka ngibeke ukuphila kwami ezandleni zakhe, nginethemba lokuthi wayezokwenza noma yini eyintando yakhe. Phakathi naso sonke lesi sikhathi, ngazizwa ngizolile; nganginokuthula kukaNkulunkulu okukhulunywa ngakho kweyabaseFilipi 4:6, 7.” Yeka indlela leli vesi elingasiduduza ngayo sonke! Lapho uPawulu uyasiyala: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”

Umduduzi Ongumoya Ongcwele

Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu wakwenza kwacaca kubaphostoli bakhe ukuthi wayezobashiya ngokushesha. Lokhu kwabenza bakhathazeka futhi baba lusizi. (Johane 13:33, 36; 14:27-31) Eqaphela isidingo sabo sokuqhubeka beduduzwa, uJesu wathembisa: “Ngiyocela uBaba futhi uyoninika omunye umsizi [noma umduduzi] ukuze abe nani kuze kube phakade.” (Johane 14:16; umbhalo waphansi we-NW) UJesu lapha wayekhuluma ngomoya ongcwele kaNkulunkulu. Phakathi kokunye, umoya kaNkulunkulu waduduza abaphostoli phakathi nokulingwa kwabo futhi wabaqinisela ukuba baqhubeke benza intando kaNkulunkulu.—IzEnzo 4:31.

U-Angie, omyeni wakhe kwakwembulwa kwembeswa ngemva kokuhileleka engozini enkulu, wakwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nakho konke ukucindezela nobuhlungu besimo ayekuso. Yini eyamsiza? Uthi: “Ngaphandle kokusekela komoya ongcwele kaJehova, besingeke sikwazi ukubhekana nalokho esabhekana nakho maqede siqhubeke siqinile. Amandla kaJehova aye abonakaliswa ngempela ebuthakathakeni bethu, futhi uye waba inqaba esikhathini esasicindezeleke ngaso.”

Ubuzalwane Obududuzayo

Kungakhathaliseki ukuthi umuntu ubhekene nesimo esinjani ekuphileni, kungakhathaliseki ukuthi kuvela izimo ezibuhlungu kangakananani, kufanele akwazi ukuthola induduzo ebuzalwaneni obukhona phakathi kwebandla likaJehova. Lobu buzalwane bunikeza ukusekela okungokomoya nosizo kulabo abahlanganyela nabo. Kubo, umuntu angathola iqembu labangane abanothando, abakhathalelayo nabaduduzayo, abakulungele nabazimisele ukusiza futhi baduduze abanye ngezikhathi zosizi.—2 Korinte 7:5-7.

Amalungu ebandla lobuKristu afundiswa ukuba ‘asebenze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nawo okholweni.’ (Galathiya 6:10) Imfundo esekelwe eBhayibhelini ayitholayo iwashukumisela ukuba abonisane uthando lobuzalwane. (Roma 12:10; 1 Petru 3:8) Abazalwane nodade ebandleni bashukunyiselwa ukuba babe nomusa, baduduze futhi babe nobubele besisa.—Efesu 4:32.

UJoe noRebecca, abashonelwa indodana yabo kalusizi, bakuthola ukusekelwa okunjalo okududuzayo emalungwini ebandla lobuKristu. Bathi: “UJehova nebandla lakhe elinothando baye basisiza phakathi nesikhathi esinzima esabhekana naso. Sathola amakhulukhulu amakhadi, izincwadi nezingcingo. Lokhu kusenza siqaphele indlela ubuzalwane bethu obuyigugu ngayo. Lapho sisakhungathekiswe yile nhlekelele, amabandla amaningi endawo asisiza, esilethela ukudla futhi ehlanza nendlu.”

Duduzeka!

Lapho isishingishane sokuhlupheka siqala ukukhwishiza ngamandla nemvula kanye nesichotho sosizi esingenazwela kulokhu kutheleke njalo, uNkulunkulu ukulungele ukunikeza isivikelo esiduduzayo. Nansi indlela elinye lamahubo elimchaza ngayo njengonikeza isikhoselo esiduduzayo: “Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela, uphephele phansi kwamaphiko akhe.” (IHubo 91:4) Lapha kungenzeka ukuthi kwenziwa umfanekiso wokhozi. Umfanekiso wenyoni ezwayo ukuthi kunengozi bese ivula amaphiko ayo ukuze ivikele amaphuphu ayo. Ngomqondo obanzi nakakhulu, uJehova uba uMvikeli wabo bonke abaphephela kuye.—IHubo 7:1.

Uma uthanda ukufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu, ubuntu bakhe, izinjongo zakhe nangekhono lakhe lokududuza, umenywa ukuba utadishe iZwi lakhe. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza kulowo mzamo wakho. Yebo, nawe ungakuthola ukududuzeka emandleni kaJehova!

[Izithombe ekhasini 7]

Ithemba lekusasa elisekelwe eBhayibhelini linganikeza induduzo