Eyesibili KwabaseThesalonika 2:1-17

  • Umuntu ongenamthetho (1-12)

  • Isikhuthazo sokuba bame beqinile (13-17)

2  Nokho, bazalwane, ngokuqondene nokuba khona kweNkosi yethu uJesu Kristu + nokubuthelwa kwethu ndawonye kuyo, + siyanicela  ukuba ninganyakaziswa kalula ekuqondeni kwenu noma nethuswe inkulumo ephefumulelwe *+ noma umyalezo oshiwo ngomlomo noma incwadi okungathi ivela kithi, ethi usuku lukaJehova *+ selufikile.  Maningadukiswa* muntu nganoma iyiphi indlela, ngoba ngeke lufike kungakafiki kuqala ukuhlubuka + futhi kwambulwe umuntu ongenamthetho, + indodana yokubhujiswa. +  Uyaphikisa futhi uziphakamisa ngaphezu kwakho konke okubizwa ngokuthi unkulunkulu noma into ekhulekelwayo,* kangangokuthi uhlala ethempelini likaNkulunkulu, ezibonakalisa phambi kwabo bonke sengathi ungunkulunkulu.  Anikhumbuli yini ukuthi ngesikhathi ngisenani, ngangivamile ukunitshela lezi zinto?  Manje seniyakwazi lokho okusebenza njengento evimbelayo, ukuze ambulwe ngesikhathi esifanele.  Yiqiniso, lokhu kungabi namthetho okuyimfihlakalo sekuyasebenza, + kodwa kuphela kuze kube yilapho lowo njengamanje osebenza njengokuvimbelayo esengasekho endleleni.  Khona-ke, ngempela ongenamthetho uyokwambulwa, lowo iNkosi uJesu eyomqeda ngomoya womlomo wayo + futhi imenze ize ngokubonakaliswa + kokuba khona kwayo.  Kodwa ukuba khona kongenamthetho kungenxa yokusebenza kukaSathane + ngayo yonke imisebenzi yamandla nezibonakaliso zamanga nezimangaliso *+ 10  nangayo yonke inkohliso engalungile. + Konke lokhu kuyoqondiswa kulabo ababhubhayo, njengesijeziso ngoba abalamukelanga iqiniso futhi balithande ukuze basindiswe. 11  Yingakho uNkulunkulu evumela ithonya elikhohlisayo ukuba libadukise ukuze bakholwe amanga, + 12  ukuze bonke bahlulelwe ngenxa yokuthi abazange balikholwe iqiniso kodwa bajabulela ukungalungi. 13  Nokho, thina sibophekile ukubonga uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi ngenxa yenu, bazalwane abathandwa uJehova,* ngoba kusukela ekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela + ukuba nisindiswe ngokuningcwelisa + ngomoya nangokholo lwenu eqinisweni. 14  Wanibizela kukho lokhu ngezindaba ezinhle esizimemezelayo, ukuze nithole inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Kristu. + 15  Ngakho-ke, bazalwane, yimani niqine + futhi nihlale nibambelele ezimfundisweni enazifundiswa, + noma ngabe nazithola ngomyalezo womlomo noma ngencwadi evela kithi. 16  Ngaphezu kwalokho, kwangathi iNkosi yethu uJesu Kristu ngokwayo noNkulunkulu uBaba wethu, owasithanda + futhi wanikeza induduzo yaphakade nethemba elihle + ngomusa omkhulu, 17  bangaduduza izinhliziyo zenu futhi baniqinise ukuze nenze okuhle nikhulume namazwi amahle.

Imibhalo yaphansi

Noma, “umoya.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Umoya.”
Noma, “Maningayengwa.”
Noma, “ehlonishwayo.”
Noma, “nezimpawu.”