Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | IZINGELOSI—ZIKHONA NGEMPELA YINI?

Zikhona Yini Izingelosi Ezimbi?

Zikhona Yini Izingelosi Ezimbi?

Yebo, zikhona izingelosi ezenza izinto ezimbi. Zavelaphi? Khumbula ukuthi uNkulunkulu wanika izingelosi ilungelo lokuzikhethela. Ngemva nje kokuba kudalwe indoda yokuqala nowesifazane, u-Adamu no-Eva, ingelosi ethile yalisebenzisa kabi ilungelo layo lokuzikhethela. Yenza u-Adamu no-Eva bahlubuka uJehova. (Genesise 3:1-7; IsAmbulo 12:9) IBhayibheli alisitsheli ukuthi ubani igama lale ngelosi noma ukuthi yayenzani ezulwini ngaphambi kokuba ihlubuke. Ngenxa yokuthi le ngelosi yahlubuka, iBhayibheli labe seliyibiza ngokuthi uSathane okusho ukuthi “uMphikisi” nangokuthi uDeveli, okusho ukuthi “uMnyundeli.”—Mathewu 4:8-11.

Ngokudabukisayo, kukhona nezinye izingelosi ezahlubuka uNkulunkulu ngemva kwalokho. Ngesikhathi sikaNowa, kunezingelosi ‘ezashiya indawo yazo yokuhlala efanele,’ izulu. Zeza emhlabeni, zazishintsha zaba abantu ukuze zenze izinto ezonakele, uNkulunkulu ayengazidalelanga ukuba zizenze.—Jude 6; Genesise 6:1-4; 1 Petru 3:19, 20.

Zaphelelaphi lezo zingelosi? Lapho uNkulunkulu ebhubhisa umhlaba ngozamcolo, zaphinde zashintsha zaba umoya, zabuyela ezulwini. Kodwa uNkulunkulu akazange azivumele lezi zingelosi ezonakele ukuba ziphindele “esikhundleni sazo sokuqala.” Kunalokho, wazigcina ‘esigayegayeni’ sobumnyama okuthiwa iThartharusi. (Jude 6; 2 Petru 2:4) La mademoni abuswa uSathane uDeveli, “umbusi wamademoni” ‘oziguqula ingelosi yokukhanya.’—Mathewu 12:24; 2 Korinte 11:14.

IBhayibheli lisifundisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu, owuhulumeni wasezulwini ophethwe uMesiya, waqala ukubusa ngo-1914. * Ngemva kokuba lo Mbuso usuqalile ukubusa, uSathane namademoni akhe baxoshwa ezulwini baphonswa emhlabeni. Ububi, ubufebe nokuziphatha kabi, okugcwele emhlabeni kuwubufakazi bokuthi la mademoni akhona emhlabeni.—IsAmbulo 12:9-12.

Indlela izwe elonakele nelinobudlova ngayo, ibonisa ukuthi ngempela sekusondele ukuba la mademoni angabe esawubusa umhlaba. UMbuso kaNkulunkulu uzobusa umhlaba oyipharadesi iminyaka eyinkulungwane, ngemva kwalokho la mademoni akhohlakele azothola ithuba lokuvivinya abantu okokugcina ngci. Ngemva kwalokho, azobhujiswa phakade.—Mathewu 25:41; IsAmbulo 20:1-3, 7-10.

^ isig. 6 Ukuze ufunde okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu, funda isahluko 8 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Iyatholakala naku-www.jw.org/zu.