Lithini IBhayibheli?
Kuyoke kube khona yini ukuthula emhlabeni?
Ubungathini?
Yebo
Cha
Mhlawumbe
Okushiwo iBhayibheli
Uma sekubusa uJesu Kristu, kuyoba “nokuchichima kokuthula ize ingabe isaba khona inyanga”—okusho ukuthi phakade.—IHubo 72:7.
Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?
Abantu abenza izinto ezimbi bayobhujiswa, kusale abalungile ‘abayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.’—IHubo 37:10, 11.
UNkulunkulu uyoqeda zonke izimpi.—IHubo 46:8, 9.
Kungenzeka yini ukuthi singakhathazeki kulesi sikhathi esiphila kuso?
Abanye bakholelwa ukuthi . . . asisoze sayeka ukukhathazeka uma nje kusenzeka izinto ezingalungile ezweni futhi sisahlupheka. Wena ucabangani?
Okushiwo iBhayibheli
Kwamanje, abantu abangabangane bakaNkulunkulu bangaba ‘nokuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.’—Filipi 4:6, 7.
Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?
UNkulunkulu usithembisa ukuthi uzoziqeda zonke izinto ezingalungile nokuhlupheka, ‘enze konke kube kusha.’—IsAmbulo 21:4, 5.
Singaba nokuthula uma ‘siqaphela isidingo sethu esingokomoya,’ sifunda ngoNkulunkulu.—Mathewu 5:3.

