Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe UNkulunkulu Uyakukhathalela Ngempela?

Ingabe UNkulunkulu Uyakukhathalela Ngempela?

Ingabe UNkulunkulu Uyakukhathalela Ngempela?

INGABE uzizwa uthandwa? Noma ingabe ngezinye izikhathi uba nomuzwa wokuthi akekho onendaba nawe? Kuleli zwe elinokuphila okumatasa nabantu abazicabangela bona, kungase kube lula ukukholelwa ukuthi awubalulekile kangako. IBhayibheli lithi abantu abaningi namuhla bazikhathalela bona; yingakho bengenandaba nabanye abantu.—2 Thimothewu 3:1, 2.

Kungakhathaliseki ukuthi bangakanani ngeminyaka, banamaphi amasiko, bakhuluma luphi ulimi noma bangabaluphi uhlanga, bonke abantu banesidingo esijulile sokuthanda nokuthandwa. Imibiko ethile ithi isimiso sethu sezinzwa siklanywe ngokukhethekile ukuba sikwazi ukuzwa uthando nokuphathwa kamnandi. UJehova uNkulunkulu, uMdali wethu, uqonda ukudlula noma yimuphi umuntu ukuthi sinesidingo sokuthandwa nokwaziswa. Ungazizwa kanjani uma engakuqinisekisa ngokuthi uyigugu kuye? Ngokuqinisekile, ungasijabulela leso siqinisekiso. Ingabe singaqiniseka ngempela ukuthi uJehova unesithakazelo kubantu abangaphelele? Ingabe usikhathalela njengabantu ngabanye? Uma kunjalo, yini eyenza umuntu athandeke emehlweni aKhe?

UJehova Uyasikhathalela

Eminyakeni engu-3 000 edlule, umhubi owesaba uNkulunkulu wasala ekhexile lapho ebona ubuhle obumangalisayo besibhakabhaka esigcwele izinkanyezi ebusuku. Akazange angabaze nakancane ukuthi kukhona uNkulunkulu onguMninimandla onke onamandla amakhulu owadala lezo zinkayezi eziyizigidigidi. Lapho ezindla ngobukhulu bukaJehova nangokuthi umuntu akayilutho, umhubi wathi kuyamangalisa ukuthi uJehova usikhathalela ngothando. Wathi: “Lapho ngibona amazulu akho, imisebenzi yeminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okulungiselele, uyini umuntu ofayo ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu wasemhlabeni ukuba uyinakekele?” (IHubo 8:3, 4) Kungase kube lula ukuphetha ngokuthi uMninimandla onke ukude kakhulu noma umatasa kakhulu ukuthi anganakana nabantu abangaphele. Kodwa umhubi wayazi ukuthi nakuba singelutho, uNkulunkulu uyasikhathalela.

Omunye umhubi wasinika lesi siqinisekiso: “UJehova ujabula ngalabo abamesabayo, ngalabo abalinda umusa wakhe wothando.” (IHubo 147:11) Iphuzu elivezwe kula mahubo amabili lithinta inhliziyo. Nakuba uJehova ephakeme, akagcini nje ngokwazi ukuthi kunabantu emhlabeni; ‘uyabanakekela’ futhi ‘uyajabula ngabo.’

Isiprofetho seBhayibheli esichaza izenzakalo zangesikhathi sethu siligcizelela nakakhulu leli qiniso. Ngomprofethi uHagayi, uJehova wabonisa ukuthi izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zaziyoshunyayelwa emhlabeni wonke. Kube namuphi imiphumela? Yizwa omunye wayo: “Izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe zizongena; ngizoyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo.”—Hagayi 2:7.

Ziyini lezi “zinto ezifiselekayo” ezivela kuzo zonke izizwe? Akunakwenzeka ukuthi ziyingcebo. (Hagayi 2:8) Inhliziyo kaJehova ayijatshuliswa isiliva negolide. Ijatshuliswa abantu abamkhonza ngoba bemthanda, naphezu kokungapheleli kwabo. (IzAga 27:11) ‘Bayizinto ezifiselekayo’ ezimlethela udumo, futhi uyakwazisa ukuzinikela kwabo ngenhliziyo yonke nangokumkhonza ngentshiseko. Ingabe nawe ungomunye wabo?

Kungase kungabi lula ukukholelwa ukuthi abantu abangaphelele bangaba abafiselekayo kuMdali Omkhulu wendawo yonke. Kodwa empeleni leli qiniso kufanele lisishukumisele ukuba samukele isicelo sakhe esifudumele sokuba sisondele kuye.—Isaya 55:6; Jakobe 4:8.

“Ungumuntu Ofiseleka Kakhulu”

Suku lumbe kusihlwa, umprofethi uDaniyeli owayesekhulile wavelelwa yinto eyisimanga. Ngesikhathi ethandaza, wabona sekufika umuntu obalulekile ayengamlindele. Igama lakhe lalinguGabriyeli. UDaniyeli wayengaqali ukumbona futhi waphawula ukuthi wayeyingelosi kaJehova. UGabriyeli wachaza isizathu sokufika kwakhe kungazelelwe: “O Daniyeli, manje ngizile ukuzokwenza ube nokuqondisisa okunokuqonda . . . ngoba ungumuntu ofiseleka kakhulu.”—Daniyeli 9:21-23.

Kwesinye isenzakalo, enye ingelosi kaJehova yathi kuDaniyeli: “O Daniyeli, wena muntu ofiseleka kakhulu.” Ukuze iqinise uDaniyeli, leyo ngelosi yabe isithi: “Ungesabi muntu ofiseleka kakhulu. Kwangathi ungaba nokuthula.” (Daniyeli 10:11, 19) UDaniyeli uchazwa kathathu ngokuthi ‘ufiseleka kakhulu.’ Le nkulumo ingase futhi isho “ukuthandwa kakhulu,” “ukwaziswa kakhulu,” ngisho nokuba “yintandokazi.”

Ngokuqinisekile, uDaniyeli wayezizwa esondelene noNkulunkulu wakhe futhi akungabazeki ukuthi wayebona ukuthi uJehova uyayamukela inkonzo yakhe yokuzinikela. Kumelwe ukuba ayeqinisa idolo ngempela amazwi othando uNkulunkulu ayewatshela uDaniyeli esebenzisa izingelosi. Akumangazi ukuthi uDaniyeli waphendula wathi: ‘Ungiqinisile.’—Daniyeli 10:19.

Izindaba ezithinta inhliziyo ezichaza indlela uJehova ayemthanda ngayo umprofethi wakhe othembekile zilotshwe eBhayibhelini ngenjongo yokusizuzisa. (Roma 15:4) Ukuzindla ngesibonelo sikaDaniyeli kusisiza ukuba siqonde ukuthi yini eyenza umuntu afiseleke, noma athandeke, kuNkulunkulu wethu osezulwini onothando.

Tadisha IZwi LikaNkulunkulu Njalo

UDaniyeli wayekukhuthalele ukufunda imiBhalo. Lokhu sikwazi ngoba yena ngokwakhe wabhala: “Ngaqonda ngezincwadi isibalo seminyaka . . . sokugcwalisekiswa kokubhuqwa kweJerusalema.” (Daniyeli 9:2) Cishe izincwadi ezazikhona ngaleso sikhathi zazihlanganisa imibhalo engcwele kaMose, uDavide, uSolomoni, u-Isaya, uJeremiya, uHezekeli nabanye abaprofethi. Singambona ngamehlo engqondo uDaniyeli ekakwe imiqulu eminingi, ingqondo yakhe igxile ekufundeni futhi eqhathanisa izimemezelo eziyiziprofetho ezazihlobene nokubuyiselwa kokukhulekela kweqiniso eJerusalema. Kungenzeka ukuthi wayetadishela egumbini lakhe elisophahleni ngaphandle kokuphazanyiswa, azindle ngokujulile ngencazelo yaleyo miBhalo. Ukufunda kwakhe okunenjongo kwaqinisa ukholo lwakhe futhi kwamsondeza kuJehova.

Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kwalolonga ubuntu bukaDaniyeli futhi kwathonya yonke indlela yakhe yokuphila. Akungabazeki ukuthi imfundo esemiBhalweni ayithola lapho esemncane yamsiza ukuba angayekethisi eMthethweni kaNkulunkulu ophathelene nokudla okwakwenqatshelwe ngaleso sikhathi. (Daniyeli 1:8) Kamuva, wasimemezela ngesibindi isigijimi sikaNkulunkulu kubabusi baseBhabhiloni. (IzAga 29:25; Daniyeli 4:19-25; 5:22-28) Wayaziwa kakhulu njengendoda ekhuthele, ethembekile nokungethenjelwa kuyo. (Daniyeli 6:4) Ngaphezu kwakho konke, kunokuba ayekethise ukuze asindise ukuphila kwakhe, uDaniyeli wathembela kuJehova ngokugcwele. (IzAga 3:5, 6; Daniyeli 6:23) Shono ‘ayefiseleka’ kangaka emehlweni kaNkulunkulu!

Singasho ukuthi sekulula ngathi namuhla ukutadisha iBhayibheli kunangesikhathi sikaDaniyeli. Manje sesisebenzisa izincwadi ezifundeka kalula kunemiqulu emikhulu. Manje sineBhayibheli eliphelele, kuhlanganise nomlando olotshiwe wendlela ezinye iziprofetho zikaDaniyeli eziye zagcwaliseka ngayo. Sinenqwaba yezincwadi ezisisiza ekufundeni iBhayibheli kanye namathuluzi okucwaninga. * Uwasebenzisa ngokunenzuzo yini la mathuluzi? Ingabe njalo uzinika isikhathi sokufunda iBhayibheli futhi uzindle ngalo? Uma wenza kanjalo, nawe uyothola imiphumela efana naleyo eyatholwa uDaniyeli. Uyokwazi ukwakha ukholo oluqinile futhi ube nobuhlobo obufudumele noJehova. IZwi likaNkulunkulu liyoba yisiqondiso ongasethemba ekuphileni kwakho, futhi liyokuqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu ukukhathalela ngothando.

Phikelela Emthandazweni

UDaniyeli wayeyindoda yomthandazo. Wayecela izinto ezifanelekayo kuNkulunkulu. Ngesikhathi eseyinsizwa, wasongelwa ngokubulawa uma ehluleka ukuchaza iphupho lenkosi yaseBhabhiloni, uNebukhadinezari. Ngaphandle kokunqikaza, uDaniyeli wanxusa uJehova ukuba amsekele futhi amvikele. (Daniyeli 2:17, 18) Kamuva, lapho evuma ngokuzithoba ukuthi akaphelele, lo mprofethi othembekile wasivuma isono sakhe nesabantu bakubo futhi wancenga uJehova ukuba abathethelele. (Daniyeli 9:3-6, 20) Lapho engaziqondi izinto ezithile ayeziboniswa ngokuphefumulelwa, wacela uNkulunkulu ukuba amsize. Ngesinye isikhathi, ingelosi eyamvakashela ukuze imnike ukuqondisisa yamqinisekisa: “Amazwi akho aye ezwakala.”—Daniyeli 10:12.

Nokho, uDaniyeli othembekile wenza okungaphezu nje kokunxusa uNkulunkulu. UDaniyeli 6:10 uthi: ‘Kathathu ngosuku wayethandaza futhi edumisa phambi kukaNkulunkulu wakhe, njengoba ayevame ukwenza.’ UDaniyeli wayenezizathu eziningi zokubonga nokudumisa uJehova futhi wayekwenza njalo lokhu. Yebo, umthandazo wawuyingxenye ebalulekile ekukhulekeleni kwakhe kangangokuthi akawuyekanga nalapho ukuphila kwakhe kusengozini. Ngokuqinisekile, ukuhlala kwakhe egxilile kwenza uJehova wamthanda kakhulu.

Yeka ukuthi umthandazo uyisipho esiyigugu kanjani! Usuku malungapheli ungakhulumanga noYihlo osezulwini. Khumbula ukumbonga nokumdumisa ngabo bonke ubuhle bakhe. Thulula kuye zonke izinkinga zakho nezinto ezikukhathazayo. Cabanga ngezicelo aye aziphendula futhi umbonge. Ungajahi ukuqeda lapho uthandaza. Uma sithulula izinhliziyo zethu kuJehova ngale ndlela, siyozizwela mathupha uthando lwakhe. Yeka ukuthi lokhu kuyisizathu esinamandla kanjani ‘sokuphikelela emthandazweni’!—Roma 12:12.

Khazimulisa Igama LikaJehova

Abukho ubungane obungaphumelela uma oyedwa ezicabangela yena. Kunjalo nangobuhlobo bethu noJehova. UDaniyeli wayelazi leli qiniso. Cabangela indlela ayekukhathalela ngayo ukukhazimulisa igama likaJehova.

Lapho uNkulunkulu ephendula umthandazo wakhe ngokumembulela iphupho likaNebukhadinezari nencazelo yalo, uDaniyeli wathi: “Igama likaNkulunkulu malituswe kusukela nini nanini kuze kube nini nanini, ngenxa yokuhlakanipha namandla—ngoba kungokwakhe.” Kamuva, lapho etshela uNebukhadinezari iphupho nencazelo yalo, wayelokhu embonge njalo uJehova, egcizelela ukuthi nguYe kuphela “onguMambuli wezimfihlo.” Nalapho ecela intethelelo nokukhululwa, wathandaza: “Nkulunkulu wami, . . . igama lakho siqu libizwe phezu komuzi wakho naphezu kwabantu bakho.”—Daniyeli 2:20, 28; 9:19.

Sinamathuba amaningi okulingisa uDaniyeli kulesi sici. Lapho sithandaza, singazwakalisa ukuthi sifuna ‘igama likaNkulunkulu lingcweliswe.’ (Mathewu 6:9, 10) Asifuni nakancane ukuba ukuziphatha kwethu kuhlambalaze igama likaJehova elingcwele. Kunalokho, kwangathi singalikhazimulisa njalo ngokutshela abanye lokho esikwaziyo ngezindaba ezinhle zoMbuso wakhe.

Kuyiqiniso ukuthi ezweni esiphila kulo uthando nokukhathalelana kuyantuleka. Nokho, kumelwe kusiduduze ukwazi ukuthi uJehova ubakhathalela ngempela abakhulekeli bakhe njengabantu ngabanye. Umhubi uthi: “UJehova uyajabula ngabantu bakhe. Abamnene ubenza babe bahle ngensindiso.”—IHubo 149:4.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 18 OFakazi BakaJehova banyathelisa izinsiza-kutadisha futhi benze amathuluzi okucwaninga angakusiza ukuba ukufunda nokutadisha kwakho iBhayibheli kuzuzise ngokwengeziwe. Uma ungathanda ukuthola lezi zinsiza-kutadisha, zizwe ukhululekile ukuzicela kunoma imuphi uFakazi kaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]

UNkulunkulu wabonisa ukuthi uyamthanda uDaniyeli ngokuthumela ingelosi uGabriyeli ukuba imqinise

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 23]

Ukukhuthalela kukaDaniyeli ukutadisha nokuthandaza kwalolonga ubuntu bakhe futhi kwamenza wathandeka emehlweni kaNkulunkulu