Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-Edene—Ingabe Laliyikhaya Lokuqala Labantu?

I-Edene—Ingabe Laliyikhaya Lokuqala Labantu?

I-Edene—Ingabe Laliyikhaya Lokuqala Labantu?

ZIBONE ngamehlo engqondo usepaki. Awuphazanyiswa yilutho, futhi ayikho imisindo evame ukuzwakala emadolobheni. Leli paki likhulu futhi ayikho into ephazamisa ukuthula okukulo. Okujabulisa nakakhulu ukuthi azikho izinkinga ezikukhathazayo futhi uphile sáka. Zonke izinzwa zakho zisebenza kahle futhi ziyijabulela yonke indalo ekuzungezile.

Okokuqala nje, amehlo akho abona izimbali eziqhakazile nezimibalabala. Ngemva kwalokho, ubona imifudlana enamanzi acwebile. Kuthi kusenjalo, ubone izihlahla ezinamaqabunga aluhlaza. Kukhona notshani obuhlatshwa yilanga nobusemathunzini. Uzwa isikhumba sakho siphephethwa kamnandi umoya ohelezayo futhi uzwa ukunuka kwamakha amnandi. Uzwa umsindo wokuhashazela kwamaqabunga, amanzi ashaya emadwaleni, ukutshiyoza nokuhlabelela kwezinyoni nomsindo wezinambuzane ezifuna ukudla. Njengoba ucabanga ngale ndawo, awufisi yini ukuba kuyo?

Abantu emhlabeni wonke bakholelwa ukuthi ekuqaleni abantu babehlala endaweni enjengale. Sekungamakhulu eminyaka amalungu enkolo yobuJuda, eLobukholwa namaSulumane efundiswa ngensimu yase-Edene uNkulunkulu abeka kuyo u-Adamu no-Eva. IBhayibheli lithi babehlala ngokuthula nangenjabulo. Babenokuthula nomunye nomunye, nezilwane kuhlanganise noNkulunkulu onomusa owayebathembise ukuphila okuphakade kuleyo ndawo enhle.—Genesise 2:15-24.

AmaHindu nawo anenkolelo ethile ngepharadesi lasendulo. AmaBuddha akholelwa ukuthi abaholi abavelele abangokomoya, noma oBuddha, bavela ngesikhathi umhlaba unjengepharadesi. Izinkolo eziningi zase-Afrika zinezindaba ezifana neka-Adamu no-Eva.

Eqinisweni, izinkolo namazwe amaningi ayayifundisa le ndaba yepharadesi lasendulo. Omunye umbhali wathi: “Imiphakathi eminingi yayikholelwa ukuthi ekuqaleni kwakunepharadesi futhi abantu ababehlala kulo babephelele, benenkululeko, ukuthula, injabulo nenala yokudla; zazingekho izingcindezi, izinxushunxushu nezingxabano. . . . Le nkolelo yabangela ukuba umphakathi wonkana ulilangazelele leli pharadesi elalahleka futhi uzame ngawo wonke amandla ukulithola.”

Kungenzeka yini ukuthi zonke lezi zindaba nezinkolelo zisuka emthonjeni owodwa? Kungenzeka yini ukuthi bonke abantu bazalwa nale nkolelo ezingqondweni zabo? Ingabe yake yaba khona ngempela insimu yase-Edene endulo, kuhlanganise no-Adamu no-Eva?

Abagxeki bathi iwumbhedo indaba yokuthi kwake kwaba khona insimu yase-Edene. Kule nkathi yesayensi esiphila kuyo, abaningi bathi le nkolelo imane iyinganekwane. Kuyamangaza ukuthi akuzona izazi kuphela ezigxeka le nkolelo. Kunabaholi benkolo abaningi abafundisa abantu ukuthi ayikaze ibe khona indawo enjengensimu yase-Edene. Bathi le ndaba imane iwumfanekiso, inganekwane noma umzekeliso.

Yiqiniso, iBhayibheli linayo imifanekiso. UJesu uqobo wenza imifanekiso eyaziwa kabanzi. Nokho, ukulandisa kweBhayibheli nge-Edene akuwona umfanekiso, kodwa kuwumlando. Uma izinto okukhulunywa ngazo zingazange zenzeke, singalethemba kanjani-ke lonke iBhayibheli? Ake sihlole ukuthi kungani abanye beyingabaza indaba yensimu yase-Edene, sibone nokuthi izizathu zabo ziphusile yini. Ngemva kwalokho sizobe sesihlola ukuthi kungani ngamunye wethu kufanele azikhathaze ngale ndaba.