Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Fundisa Izingane Zakho

Abantu Ababhala NgoJesu

Abantu Ababhala NgoJesu

INGABE niyakujabulela ukufunda ndawonye ngoJesu?— * Abanye abantu bayamangala uma bethola ukuthi ayikho incwadi yeBhayibheli eyabhalwa uJesu. Yize kunjalo, abalobi beBhayibheli abangu-8 basitshela okuningi ngaye. Wonke la madoda ayephila ngesikhathi sikaJesu, futhi asitshela lokho ayekufundisa. Uyawazi amagama awo?— UMathewu, uMarku, uLuka noJohane. Amanye amane nguPetru, uJakobe, uJude noPawulu. Yini oyaziyo ngalaba balobi?—

Masiqale sixoxe ngabalobi abathathu ababephakathi kwabaphostoli bakaJesu abangu-12. Ingabe uyawazi amagama abo?— UPetru, uJohane noMathewu. UPetru wabhala izincwadi ezimbili eziya kwamanye amaKristu. Wawatshela izinto ayazi ukuthi zenziwa futhi zashiwo uJesu. Vula iBhayibheli kweyesi-2 Petru 1:16-18, uzwe uPetru echaza amazwi ashiwo uJehova uNkulunkulu esezulwini lapho ekhuluma noJesu.—Mathewu 17:5.

Umphostoli uJohane wabhala izincwadi ezinhlanu zeBhayibheli. Wayehlezi eduze kukaJesu esidlweni sokugcina abafundi abasihlanganyela neNkosi yabo. Wayekhona nangesikhathi uJesu efa. (Johane 13:23-26; 19:26) Wabhala ivangeli elilodwa leBhayibheli elikhuluma ngokuphila kukaJesu elibizwa ngokuthi iVangeli likaJohane. Wabhala nencwadi yesAmbulo asinikwa uJesu kanye nezinye izincwadi ezintathu eziseBhayibhelini ezibizwa ngegama lakhe. (IsAmbulo 1:1) Umlobi weBhayibheli wesithathu owaba umphostoli kaJesu nguMathewu futhi ngaphambili wayengumthelisi.

Kunabanye abalobi beBhayibheli ababili ababazi uJesu ngendlela ekhethekile. Babengabafowabo abancane, kodwa bezalwa uJosefa noMariya. (Mathewu 13:55) Ekuqaleni abazange babe abafundi bakhe. Babecabanga nokuthi uyahlanya ngenxa yokushumayela kwakhe ngentshiseko. (Marku 3:21) Babengobani laba bafowabo?— Omunye wabo kwakunguJakobe. Wabhala incwadi yeBhayibheli ebizwa ngokuthi uJakobe. Omunye kwakunguJuda, obizwa nangokuthi uJude. Wabhala incwadi yeBhayibheli ebizwa ngokuthi uJude.—Jude 1.

Abanye ababili ababhala ngokuphila kukaJesu kwakunguMarku noLuka. Unina kaMarku, uMariya, wayenomuzi omkhulu eJerusalema, lapho amaKristu okuqala ayehlangana khona, kuhlanganise nomphostoli uPetru. (IzEnzo 12:11, 12) Eminyakeni ethile ngaphambili, ngobusuku uJesu enza ngabo iPhasika lakhe lokugcina nabaphostoli bakhe, kungenzeka uMarku wabalandela lapho beya ensimini yaseGetsemane. Lapho uJesu eboshwa, amasosha abamba uMarku, kodwa washiya ingubo yakhe wabaleka enqunu.—Marku 14:51, 52.

ULuka wayengudokotela ofunde wagogoda okusobala ukuthi waba ngumfundi ngemva kokufa kukaJesu. Wafunda ngokucophelela ngokuphila kukaJesu wabe esebhala indaba ecacile nenembile ngakho. Kamuva wahamba nomphostoli uPawulu emsebenzini wokujikeleza futhi wabhala incwadi yeBhayibheli yezEnzo.—Luka 1:1-3; IzEnzo 1:1.

UPawulu ungumlobi weBhayibheli wesi-8 owaloba ngoJesu. Wafundiswa isazi somthetho esidumile uGamaliyeli. UPawulu, ngaleso sikhathi owayebizwa ngoSawulu, wakhuliswa ngendlela yabaFarisi futhi wafundiswa yibo. Wayebazonda abafundi bakaJesu futhi waba nesandla ekubulaweni kwabo. (IzEnzo 7:58–8:3; 22:1-5; 26:4, 5) Ingabe uyazi ukuthi uPawulu walazi kanjani iqiniso ngoJesu?—

UPawulu wayesendleleni eya eDamaseku eyobopha abafundi bakaJesu lapho ngokungazelelwe exhoshwa ukukhanya okukhulu okuvela ezulwini. Wezwa izwi libuza: “Sawulu, Sawulu, ungishushiselani na?” KwakunguJesu okhulumayo! Watshela uPawulu ukuba aye eDamaseku. UJesu wabe esethuma umfundi wakhe u-Ananiya ukuba ayokhuluma noPawulu, futhi uPawulu waba umfundi kaJesu. (IzEnzo 9:1-18) Wabhala izincwadi zeBhayibheli ezingu-14, incwadi yamaRoma kuya kweyamaHebheru.

Usuqalile yini ukufunda izincwadi zeBhayibheli ezikhuluma ngoJesu noma ingabe kunothile okufundelayo?— Enye into enhle kunazo zonke ongayenza ekuphileni kwakho ukuqala manje usemusha ukufunda okushiwo iBhayibheli ngoJesu.

^ Uma ufunda lesi sihloko nengane, udwi ukukhumbuza ukuba uhlabe ikhefu futhi ukhuthaze ingane ukuba iveze umbono wayo.