Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izikole Ezingokwasezulwini—Ubufakazi Bothando LukaJehova

Izikole Ezingokwasezulwini—Ubufakazi Bothando LukaJehova

UJEHOVA ‘unguMfundisi wethu Omkhulu.’ (Isaya 30:20) Uthando lumshukumisela ukuba afundise futhi aqeqeshe abanye. Ngokwesibonelo, eshukunyiswa uthando olujulile, uJehova ubonisa uJesu “zonke izinto azenzayo.” (Joh. 5: 20) Uthando uJehova analo ngathi, njengoFakazi bakhe, lumshukumisela ukuba asinike “ulimi lwabafundisiweyo” njengoba senza yonke imizamo yokumdumisa nokusiza abanye.—Isaya 50:4.

Ilingisa isibonelo sikaJehova sothando, iKomiti Yokufundisa yeNdikimba Ebusayo isebenzisa izikole ezingokwasezulwini eziyishumi ukuze iqeqeshe labo abanesifiso futhi abavunyelwa izimo ukuba baye kuzo. Ingabe ubheka lezi zikole njengeziwubufakazi bothando lukaJehova?

Ake sikunikeze amanqampunqampu ngalezi zikole ezingokwasezulwini eziqhubekayo njengamanje nokuphawula kwabanye abaqeqeshwe kuzo. Yibe usuzibuza, ‘Ngingazuza kanjani kule mfundo yaphezulu?’

ZUZA EKUQEQESHWENI OKUNGOKWASEZULWINI

‘NjengoNkulunkulu wothando,’ uJehova usinikeza ukuqeqeshwa okwenza ukuphila kwethu  kube nenjongo ngokwengeziwe, okusicijela ukuba sibhekane nezinselele futhi kusisize sithole injabulo enkulu enkonzweni yethu. (2 Kor. 13:11) Njengabafundi bekhulu lokuqala, sikuhlomele kahle ukusiza abanye, ‘sibafundise ukugcina konke’ esiyalwe ngakho.—Math. 28:20.

Nakuba singeke sakwazi ukuya kuzo zonke lezi zikole, singazuza kwesisodwa noma ezingaphezulu. Ngaphezu kwalokho, singasebenzisa imfundo esekelwe eBhayibhelini etholakala kuzo. Singathuthukisa nokuphumelela kwethu enkonzweni ngokusebenza nezinceku zikaJehova eziqeqeshwe kahle.

Zibuze, ‘Ingabe izimo zami ziyangivumela ukuba ngilwele ukuya kwesinye salezi zikole?’

Abakhulekeli bakaJehova bakubheka njengelungelo ukusekela nokufunda kulezi zikole eziwusizo. Kwangathi ukuqeqeshwa okutholayo kungakusondeza kakhulu kuNkulunkulu futhi kukuhlomisele ukufeza izabelo akunike zona, ikakhulukazi umsebenzi ophuthumayo wokushumayela izindaba ezinhle.