U-Isaya 50:1-11

  • Izono zika-Israyeli zibangela izinkinga (1-3)

  • Inceku kaJehova elalelayo (4-11)

    • Ulimi nendlebe yabafundisiwe (4)

50  Yilokhu uJehova akushoyo: “Siphi isitifiketi sedivosi + sikanyoko, engimlahlile? Noma, ubani enginithengise kuye kulabo engibakweletayo? Bhekani! Nathengiswa ngenxa yeziphambeko zenu, +Nonyoko waxoshwa ngenxa yezono zenu. +   Pho kungani bekungekho muntu lapha lapho ngifika? Kungani kungasabelanga muntu lapho ngibiza? + Ingabe isandla sami sifushane kakhulu ukuba sikhulule,Noma anginawo yini amandla okukhulula? + Bheka! Ngokukhuza kwami ngomisa ulwandle; +Ngenza imifula ibe ugwadule. + Izinhlanzi zayo ziyabola ngenxa yokungabi khona kwamanzi,Ziyafa ngenxa yokoma.   Ngimbathisa amazulu ngobumnyama, +Ngenze indwangu yesaka ibe yingubo yawo.”   INkosi EnguMbusi uJehova inginike ulimi lwabafundisiwe, *+Ukuze ngiyazi indlela yokuphendula* okhathele ngezwi elifanele. *+ Ingivusa njalo ekuseni;Ivusa indlebe yami ukuze ilalele njengabafundisiwe. +   INkosi EnguMbusi uJehova ivule indlebe yami,Angizange ngidlubulunde. + Angizange ngiphendukele kolunye uhlangothi. +   Umhlane wami ngawunika abangishayayo,Nezihlathi zami labo abancothula intshebe. Ubuso bami angizange ngibufihlele izinto ezilulazayo nokukhafulelwa ngamathe. +   Kodwa iNkosi EnguMbusi uJehova iyongisiza. + Yingakho ngingeke ngizizwe ngilulazekile. Yingakho ngimise ubuso bami baba njengetshe eliqinile, +Ngiyazi ukuthi ngeke ngihlazeke.   Lowo othi ngilungile useduze. Ngubani ongangibeka icala? *+ Masime ndawonye.* Ngubani ofuna ukungimangalela? Makasondele kimi.   Bheka! INkosi EnguMbusi uJehova iyongisiza. Ngubani oyongilahla ngecala? Bheka! Bonke bayoguga njengengubo. Bayodliwa yinundu. 10  Ubani phakathi kwenu owesaba uJehovaOlalela izwi lenceku yakhe? + Ubani oye wahamba ebumnyameni obukhulu, kungekho ukukhanya? Makathembele egameni likaJehova futhi ancike kuNkulunkulu wakhe. 11  “Bhekani! Nina nonke enokhela umlilo,Enenza kuqhashe izinhlansi,Hambani ekukhanyeni komlilo wenu,Phakathi kwezinhlansi enizenze zavutha. Yilokhu eniyokuthola esandleni sami: Niyolala phansi ngobuhlungu obukhulu.

Imibhalo yaphansi

Noma, “ulimi oluqeqeshwe kahle.”
NgesiHebheru, “ngezwi.”
Noma kungaba, “ngikwazi ukuqinisa.”
Noma, “ongalwa nami.”
Noma, “Masibhekane ngqo.”