U-Isaya 30:1-33

  • IGibhithe ngeke lisize ngalutho (1-7)

  • Abantu bayawenqaba umyalezo oyisiprofetho (8-14)

  • Niyoba namandla uma ningethemba (15-17)

  • UJehova ubabonisa umusa abantu bakhe (18-26)

    • UJehova, uMfundisi Omkhulu (20)

    • “Nansi indlela” (21)

  • UJehova uzokwahlulela i-⁠Asiriya (27-33)

30  “Maye emadodaneni anenkani,” + kusho uJehova,“Afeza amacebo okungewona awami, +Enza izivumelwano* kodwa hhayi ngomoya wami,Ukuze anezele isono kwesinye isono.  2  Ayahamba aye eGibhithe + engakhulumanga nami, *+Ukuze ayokhosela ngaphansi kwesivikelo* sikaFaroNokuba aphephele emthunzini weGibhithe!  3  Kodwa isivikelo sikaFaro siyoba yisizathu sokuhlazeka,Ukuphephela emthunzini weGibhithe kube yimbangela yokululazeka. +  4  Ngoba izikhulu zakhe ziseZowani, +Nezithunywa zakhe zifinyelele eHanesi.  5  Bonke bayoba namahloniNgesizwe esingeke sibazuzise ngalutho,Esingasizi nesingazuzisi ngalutho,Kodwa esibangela amahloni nesihlazanayo.” + 6  Isimemezelo ngokumelene nezilwane zaseningizimu: Izithunywa zibeka umnotho wazo emhlane wezimbongolo,Nempahla yazo emalundeni amakamela,Zidabule ezweni lokucindezeleka nelobunzima,Lebhubesi, ibhubesi elibhongayo,Lenyoka nenyoka yomlilo endizayo.* Kodwa lezi zinto ngeke zisizuzise ngalutho lesi sizwe.  7  Usizo lwaseGibhithe luyinto engathi shu. + Ngakho ngilibize ngokuthi: “URahabi, + ohlalayo nje angenzi lutho.”  8  “Manje hamba, bhala la mazwi etsheni eliyisicaba phambi kwabo,Wabhale encwadini, +Ukuze asebenze osukwini oluzayo,Abe ubufakazi kuze kube phakade. +  9  Ngoba siyisizwe esidlubulundayo, + amadodana akhohlisayo, +Amadodana angathandi ukuzwa umthetho* kaJehova. + 10  Sithi kubaboni, ‘Akumelwe nibone,’ Nakulabo ababona imibono, ‘Ningasitsheli imibono eyiqiniso. + Sitsheleni izinto ezizosikitaza izindlebe;* bonani imibono ekhohlisayo. + 11  Chezukani endleleni; phambukani endleleni. Yekani ukubeka phambi kwethu oNgcwele ka-Israyeli.’ ” + 12  Ngakho-ke yilokhu oNgcwele ka-Israyeli akushoyo: “Ngenxa yokuthi nilenqabile leli zwi, +Nathembela ekukhwabaniseni nasekukhohliseniNancika kukho, + 13  Lesi siphambeko siyoba njengodonga olubhidlikile kini,Njengodonga oluphakeme oluvokomele oseluzowa. Luyobhidlika ngokuzumayo, ngomzuzwana. 14  Luyophihlizwa njengembiza enkulu yobumba,Ephihlizwe ngokuphelele kwangasala ngisho nezicucuOkungahhalwa ngazo umlilo ezikoNoma okungakhiwa ngazo amanzi exhaphozini.”* 15  Ngoba yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli ekushoyo: “Niyosindiswa ngokuba nibuyele kimi futhi niphumule.Niyoba namandla uma nizola futhi ningethemba.” + Kodwa anithandanga. + 16  Kunalokho nathi: “Cha, sizogibela amahhashi sibaleke!” Ngakho nizobaleka. “Sizogibela amahhashi anejubane!” + Ngakho labo abanijahayo bazoba nejubane. + 17  Inkulungwane iyokwesatshiswa umuntu oyedwa; +Niyobaleka ngenxa yokwesatshiswa abantu abahlanuKuze kube yilapho senisele njengensika esiqongweni sentaba,Nanjengesigxobo esiwuphawu egqumeni. + 18  Kodwa uJehova ulinde ngesineke* ukuze anibonise umusa, +Uyothatha isinyathelo ukuze anibonise isihe. + Ngoba uJehova unguNkulunkulu wobulungisa. + Bayajabula bonke abahlala bemlindele. *+ 19  Lapho abantu behlala eZiyoni, eJerusalema, + ngeke neze ukhale. + Nakanjani uyokubonisa umusa lapho kuzwakala ukukhala kwakho; ngokushesha lapho ekuzwa uyokuphendula. + 20  Nakuba uJehova eyoninika usizi njengesinkwa nokucindezeleka njengamanzi, + uMfundisi wakho Omkhulu ngeke esazifihla, uyombona ngamehlo uMfundisi wakho Omkhulu. + 21  Uma kwenzeka nishiya indlela efanele niya ngakwesokudla noma ngakwesobunxele, izindlebe zenu ziyozwa izwi ngemva kwenu lithi, “Nansi indlela. + Hambani ngayo.” + 22  Niyongcolisa imifanekiso yenu ebaziwe enanyekwe ngesiliva nezithombe zenu zensimbi* ezinanyekwe ngegolide. + Niyozilahla njengengubo esetshenziswa owesifazane osesikhathini, nithi kuzo: “Sukani lapha!” *+ 23  Uyoletha imvula yokunisela imbewu yenu eniyihlwanyele emhlabathini, + nesinkwa esikhiqizwa umhlabathi siyoba siningi sibe nomsoco. *+ Ngalolo suku imfuyo yenu iyoklaba emadlelweni avulekile. + 24  Izinkomo nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyodla ifolishi elinongwe ngesimuncwane, elihlungwa ngehalavu nangemfoloko. 25  Phezu kwazo zonke izintaba eziphakeme naphezu kwawo wonke amagquma aphakeme kuyoba khona imifudlana nemisele yamanzi, + ngosuku lokuhlaba okukhulu lapho imibhoshongo iwa. 26  Ukukhanya kwenyanga egcwele kuyoba njengokukhanya kwelanga; nokukhanya kwelanga kuyoba namandla ngokuphindwe kasikhombisa, + njengokukhanya kwezinsuku eziyisikhombisa, ngosuku uJehova abopha ngalo ukuphuka kwabantu bakhe, + apholise nenxeba elibi lomvimbo obangelwe nguye. + 27  Bheka! Igama likaJehova liza livela kude,Livutha ngentukuthelo yakhe nangamafu amnyama. Izindebe zakhe zigcwele ulaka,Nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo. + 28  Umoya wakhe unjengesikhukhula esinamandla esifinyelela entanyeni,Ukuze unyakazise izizwe ngesisefo sembubhiso;*Izizwe ziyofakwa amatomu emihlathini yazo + ayozenza ziduke. 29  Kodwa ingoma yakho iyoba njengengoma eculwa ebusukuLapho ulungiselela* umkhosi, +Nenhliziyo yakho iyojabula njengeyomuntuOhamba ephethe umtshingoElibangise entabeni kaJehova, eDwaleni lika-Israyeli. + 30  UJehova uyokwenza ukuba izwi lakhe elinamadla + lizwakaleEnze ingalo yakhe ibonakale + njengoba yehla ngentukuthelo, +Ngelangabi lomlilo oqothulayo, +Imvula enamandla + nokuduma nesichotho. + 31  Ngoba ngenxa yezwi likaJehova i-Asiriya liyofikelwa ukwesaba okukhulu; +Uyolishaya ngenduku. + 32  Ukushwibeka ngakunye kwenduku yakhe yokujezisaUJehova ayoyiletha phezu kwe-AsiriyaKuyohambisana namathamborini namahabhu +Njengoba ebaphakamisela isandla sakhe empini. + 33  Ngoba iThofeti *+ lakhe selilungisiwe;Lilungiselelwe nenkosi. + Wenze indawo yokubeka izinkuni yajula futhi yaba banzi,Umlilo nezinkuni kuningi. Ukuphefumula kukaJehova, njengomfula wesibabule,*Kuyolishisa.

Imibhalo yaphansi

^ NgesiHebheru, “athulula umnikelo wokuphuzwayo,” ngokusobala kubhekiselwa ekwenzeni isivumelwano.
^ Noma, “engazange abuze okuphuma emlonyeni wami.”
^ NgesiHebheru, “esiphephelweni.”
^ Noma, “nenyoka enesihlungu esheshayo.”
^ Noma, “isiqondiso.”
^ NgesiHebheru, “ezibushelelezi.”
^ Noma kungaba, “emthonjeni.”
^ Noma, “uhlala elindile.”
^ Noma, “abamlinde ngokulangazela.”
^ Noma, “ezenziwe ngokuncibilikisiwe.”
^ Noma kungaba, “nithi ziwukungcola.”
^ NgesiHebheru, “siyonona sibe namafutha.”
^ NgesiHebheru, “ngesisefo sokungabi nanzuzo.”
^ Noma, “uzingcwelisela.”
^ “IThofeti” lapha lisho indawo yokushisa izinto, limelela ukubhujiswa.
^ Igama elithi “isibabule” lapha lisho uhlobo oluthile lwempuqumpuqu evuthayo.