Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umoya Ongcwele—Wasebenza Ekudaleni!

Umoya Ongcwele—Wasebenza Ekudaleni!

Umoya Ongcwele—Wasebenza Ekudaleni!

“Ngezwi likaJehova amazulu ngokwawo enziwa, nalo lonke ibutho lawo ngomoya womlomo wakhe.”—IHU. 33:6.

1, 2. (a) Ulwazi lomuntu ngamazulu nangomhlaba luye lwakhula kanjani ngokuhamba kwesikhathi? (b) Imuphi umbuzo odinga impendulo?

LAPHO u-Albert Einstein enyathelisa umbono wakhe okhethekile wokuhlobana kwezinto ngo-1905, yena nabanye ososayensi abaningi babekholelwa ukuthi indawo yonke inomthala owodwa vó—umthala umhlaba wethu okuwo, i-Milky Way. Yeka ukuthi kuncane kangakanani ababekwazi ngendawo yonke! Manje kucatshangwa ukuthi kunemithala engaphezu kwezigidi zezigidi eziyikhulu emazulwini, eminye yayo inezinkanyezi eziyizigidi zezigidi. Njengoba kusetshenziswa izibonakude ezibukhali ngokwengeziwe emhlabeni noma zithunyelwa ukuba ziwuzungeze, liyanda inani lemithala etholakalayo.

2 Njengoba nje kwakukuncane okwakwaziwa ososayensi ngamazulu ngo-1905, nolwazi lwabo ngomhlaba lwaluluncane. Yiqiniso, abantu ababephila ekhulwini leminyaka elidlule babazi okwengeziwe kunokhokho babo. Nokho, namuhla ubuhle nokuba yinkimbinkimbi kokuphila nezimiso ezisemhlabeni ezikusekelayo sekuqondakala kangcono kakhulu kunangaleso sikhathi. Akungabazeki ukuthi sisazofunda okwengeziwe ngomhlaba nangamazulu eminyakeni ezayo. Kodwa kufaneleka kakhulu ukubuza, Empeleni, yaba khona kanjani indawo yonke? Impendulo yalo mbuzo singayithola kuphela ngoba uMdali uye wayembula ngemiBhalo Engcwele.

Isimangaliso Sendalo

3, 4. UNkulunkulu wayidala kanjani indawo yonke, futhi imisebenzi yakhe imkhazimulisa kanjani?

3 Ukuthi indawo yonke yaba khona kanjani kuchazwe emazwini okuqala eBhayibheli: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” (Gen. 1:1) Kungakabikho lutho, uJehova wasebenzisa umoya wakhe ongcwele—amandla akhe amakhulu asebenzayo—ukuze adale amazulu abonakalayo, umhlaba nakho konke okusendaweni yonke. Ingcweti engumuntu isebenzisa izandla namathuluzi ukuze yenze izinto, kodwa uNkulunkulu uthumela umoya ongcwele ukuba ufeze imisebenzi yakhe emikhulu.

4 ImiBhalo ibhekisela ngokomfanekiso emoyeni ongcwele ngokuthi ‘umunwe’ kaNkulunkulu. (Luka 11:20; Math. 12:28) ‘Umsebenzi wezandla zakhe’—lokho uJehova akudala esebenzisa umoya wakhe ongcwele—umkhazimulisa kakhulu. Umhubi uDavide wahlabelela: “Amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu; umkhathi ulandisa ngomsebenzi wezandla zakhe.” (IHu. 19:1) Ngempela, indalo ifakazela amandla amakhulu omoya ongcwele kaNkulunkulu. (Roma 1:20) Iwafakazela kanjani?

Amandla KaNkulunkulu Angenamkhawulo

5. Chaza amandla okudala omoya ongcwele kaJehova.

5 Indawo yonke enkulu ngokungacabangeki iwubufakazi bamandla kaJehova angenamkhawulo. (Funda u-Isaya 40:26.) Isayensi yanamuhla iyaqaphela ukuthi izinto zingaguqulwa zibe amandla nokuthi amandla angaguqulwa abe izinto. Isibonelo sokuthi into ingaguqulwa ibe amandla sisithola elangeni lethu eliyinkanyezi. Njalo ngomzuzwana, liguqula amagesi angamathani ayizigidi ezine abe ukukhanya kwelanga nezinye izinhlobo zamandla akhishwa imisebe yalo. Ingxenyana encane yalawo mandla efinyelela emhlabeni yanele ukuba isekele ukuphila okukuwo. Kusobala ukuthi kwadingeka amandla amakhulu ekudaleni hhayi ilanga kuphela kodwa nazo zonke ezinye izigidigidi zezinkanyezi. UJehova unawo lawo mandla ayedingeka ngisho nangaphezulu.

6, 7. (a) Kungani singathi uNkulunkulu usebenzise umoya wakhe ongcwele ngendlela ehlelekile? (b) Yini ebonisa ukuthi indawo yonke ayibanga khona ngengozi?

6 Sizungezwe ubufakazi bokuthi uNkulunkulu wasebenzisa umoya wakhe ongcwele ngendlela ehleleke kakhulu. Ngokwesibonelo: Ake sithi uphethe ibhokisi elinamabhola amibalabala. Uyalixukuza, axubane, bese uwathululela phansi ngasikhathi sinye. Ingabe ubungalindela ukuba la mabhola aqoqane ngokwemibala yawo—aluhlaza abe ngandawonye, naphuzi, njalonjalo? Lutho neze! Izenzo ezingalawuliwe zivame ukuveza izinto ezingahlelekile, akwenzeki zenze okuhlukile. Leli qiniso lamukelwa yonke indawo. *

7 Lapho sibheka phezulu ngamehlo ethu nangezibonakude, sibonani? Sibona imithala, izinkanyezi nonozungezilanga okuhleleke kahle kakhulu futhi konke kuhamba ngokunemba okukhulu. Lokhu akunakumane kuzenzakalele noma kube umphumela wengozi eyenzeke emkhathini. Ngakho kumelwe sizibuze, Imaphi amandla asetshenziswa ekuqaleni ukuze le ndawo yonke ehleleke ngale ndlela ibe khona? Thina bantu asikwazi ukuwabona lawo mandla ngokusebenzisa izindlela zesayensi zokucwaninga nokuqaphelisisa kuphela. Nokho, iBhayibheli liye lawachaza ngokuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu, amandla amakhulu kunawo wonke endaweni yonke. Umhubi wahlabelela: “Ngezwi likaJehova amazulu ngokwawo enziwa, nalo lonke ibutho lawo ngomoya womlomo wakhe.” (IHu. 33:6) Singabona ingxenye encane kakhulu kuphela yalelo “butho” lezinkanyezi ngamehlo ethu lapho sibheka isibhakabhaka ebusuku!

Umoya Ongcwele Nomhlaba

8. Kungakanani ngempela esikwaziyo ngemisebenzi kaJehova?

8 Esikwaziyo okwamanje ngemvelo kuncane kakhulu uma kuqhathaniswa nakho konke okusamelwe sikufunde. Ngokuphathelene nobungako bolwazi esinalo ngemisebenzi kaNkulunkulu yokudala, indoda ethembekile uJobe yaphetha: “Bheka! Lawa amaphethelo ezindlela zakhe, futhi yeka ukuthi okuzwakele ngaye kuwumnyenyezo omncane kangakanani wendaba!” (Jobe 26:14) Emakhulwini eminyaka kamuva, iNkosi uSolomoni, ingqapheli ekhaliphile yendalo kaJehova, yathi: “[UNkulunkulu] wenzé konke kwaba kuhle ngesikhathi sako. Ufake ngisho nobuphakade ezinhliziyweni zawo, ukuze abantu bangawutholi nanini umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni.”—UmSh. 3:11; 8:17.

9, 10. Imaphi amandla uNkulunkulu awasebenzisa lapho edala umhlaba, futhi iziphi ezinye zezenzakalo ezenzeka phakathi nezinsuku zokuqala ezintathu zokudala?

9 Nokho, uJehova uye wembula imininingwane ebalulekile ngemisebenzi yakhe. Ngokwesibonelo, imiBhalo isitshela ukuthi umoya kaNkulunkulu wasebenza ekudalweni komhlaba eminyakeni eminingi edlule. (Funda uGenesise 1:2.) Ngaleso sikhathi, kwakungakabi khona mhlabathi owomile ebusweni bomhlaba nakukhanya futhi kungenzeka ukuthi wawungekho umoya owawungaphefumulwa izidalwa eziphilayo.

10 IBhayibheli libe selichaza lokho uNkulunkulu akwenza phakathi nochungechunge lwezinsuku zokudala. Lezi akuzona izinsuku ezingamahora angu-24 kodwa ziyizinkathi. Ngosuku lokuqala lokudala, uJehova wenza ukuba ukukhanya kuqale ukuvela ebusweni bomhlaba. Leyo nqubo yaze yaphela lapho ilanga nenyanga kamuva kubonakala emhlabeni. (Gen. 1:3, 14) Ngosuku lwesibili, kwaqala ukwenziwa umkhathi. (Gen. 1:6) Ngaleso sikhathi, ayesekhona amanzi, ukukhanya nomoya emhlabeni kodwa umhlabathi owomile wawungakabikho. Ekuqaleni kosuku lwesithathu lokudala, uJehova wasebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze aveze umhlabathi owomile, okungenzeka ukuthi wasebenzisa amandla amakhulu angaphansi komhlaba ukuze asunduze amazwekazi aphume olwandle. (Gen. 1:9) Kunezinye izenzakalo ezimangalisayo ezazisazokwenzeka ngosuku lwesithathu naphakathi nezinye izinkathi zokudala ezalandela.

Umoya Ongcwele Nezidalwa Eziphilayo

11. Yini eboniswa ukuba inkimbinkimbi, ukuhleleka nobuhle bezinto eziphilayo?

11 Umoya kaNkulunkulu wabuye wenza imisebenzi ehleleke kakhulu emkhakheni wezinto eziphilayo. Phakathi nezinsuku zokudala eziqala kolwesithathu kuya kolwesithupha, uNkulunkulu wadala izinhlobo eziningi ngokumangalisayo zezitshalo nezilwane esebenzisa umoya ongcwele. (Gen. 1:11, 20-25) Ngakho, izinto eziphilayo zisinikeza izibonelo ezingenakubalwa zokuba yinkimbinkimbi, zokuhleleka nezobuhle obubonisa umklamo wezinga eliphakeme kakhulu.

12. (a) Imuphi umsebenzi owenziwa i-DNA? (b) Yini okufanele siyifunde ekuqhubekeni kwe-DNA isebenza ngokuphumelelayo?

12 Cabanga nge-DNA (deoxyribonucleic acid), isakhi sofuzo esihilelekile ekudluliseleni izici eziphawula izinto eziphilayo ukusuka kwesinye isizukulwane kuya kwesinye. Zonke izinto eziphilayo emhlabeni—kusukela ezintweni ezincane ongenakuzibona ngeso lenyama kuye otshanini, izindlovu, imikhomo nabantu—zithela noma zizalane ngokusebenzisa i-DNA. Nakuba izidalwa ezisemhlabeni zihlukahlukene kakhulu, isimiso se-DNA esilawula izici eziningi zofuzo asishintshi neze futhi senzé ukuba kulondolozeke umahluko phakathi kwezinhlobo eziyisisekelo zezidalwa phakathi nayo yonke iminyaka. Ngenxa yalokho, izinhlobo zezinto eziphilayo ezisemhlabeni ziyaqhubeka zenza imisebenzi yazo ensongensongeni yokuphila eyinkimbinkimbi ngokuvumelana nenjongo kaJehova uNkulunkulu. (IHu. 139:16) Leli lungiselelo eliphumelelayo nelihlelekile lingobunye ubufakazi bokuthi indalo iwumsebenzi ‘womunwe’ kaNkulunkulu, noma umoya ongcwele.

Umvuthwandaba Wendalo Yasemhlabeni

13. UNkulunkulu wamdala kanjani umuntu?

13 Ngemva kwenkathi engaziwa futhi uNkulunkulu esedale inqwaba yezinto eziphilayo nezingaphili, umhlaba manje ‘wawusunesimo futhi usunotho.’ Noma kunjalo, uJehova wayengakaqedi ukusebenzisa umoya wakhe ekudaleni. Wayesezodala indalo yakhe ephakeme kunayo yonke emhlabeni. Ngasekupheleni kosuku lwesithupha lokudala, uNkulunkulu wadala umuntu. Wamdala kanjani? Wasebenzisa umoya wakhe ongcwele nothuli.—Gen. 2:7.

14. Abantu bahluke ngayiphi indlela ephawulekayo ezilwaneni?

14 UGenesise 1:27 uthi: “UNkulunkulu wabe esemdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala kwaba owesilisa nowesifazane.” Ukuthi senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu kusho ukuthi uJehova wasidala sinekhono lokubonisa uthando, ukusebenzisa inkululeko yokuzikhethela ngisho nokuzakhela ubuhlobo bomuntu siqu noMdali wethu. Ngakho, ubuchopho bethu buhluke kakhulu kobezilwane. UJehova waklama ubuchopho bomuntu ngokukhethekile ukuze sikwazi ukuqhubeka sijabulela ukufunda ngaye nangemisebenzi yakhe phakade.

15. U-Adamu no-Eva babenaliphi ithuba?

15 Ekuqaleni kwesintu, uNkulunkulu wanika u-Adamu nomkakhe, u-Eva, umhlaba nazo zonke izinto ezimangalisayo ezikuwo ukuba bazihlole futhi bazijabulele. (Gen. 1:28) UJehova wabanika insada yokudla nekhaya eliyipharadesi. Babenethuba lokuphila phakade futhi babe abazali abathandekayo bezigidigidi zabantwana abaphelele. Kodwa akubanga njalo.

Ukuqaphela Indima Yomoya Ongcwele

16. Naphezu kokuvukela kwabantu bokuqala, iliphi ithemba esinalo?

16 Kunokuba babonise ukwazisa balalele uMdali wabo, u-Adamu no-Eva baba nobugovu bavukela. Ngenxa yalokho, bonke abantu abangaphelele bayinzalo yabo futhi baye babhekana nemiphumela ebuhlungu. Kodwa iBhayibheli lichaza indlela uNkulunkulu ayolungisa ngayo wonke umonakalo owabangelwa inkambo yesono yabazali bethu bokuqala. ImiBhalo ibonisa nokuthi uJehova uyoyifeza injongo yakhe yasekuqaleni. Umhlaba uyoba ipharadesi eligcwele abantu abajabule, abayimiqemane nababusiswe ngokuphila okuphakade. (Gen. 3:15) Ukuze sihlale sinokholo kulelo themba elihle, sidinga usizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu.

17. Hlobo luni lokucabanga okumelwe silugweme?

17 Kufanele sithandaze kuJehova sicele umoya ongcwele. (Luka 11:13) Ukwenza lokho kuyosisiza ukuba sikholelwe ngokuqinile ukuthi indalo iwumsebenzi wezandla zikaNkulunkulu. Namuhla, kunegagasi elikhulayo lenkolelo-ze esekelwe emiqondweni eyiphutha nengenasisekelo ethi uNkulunkulu akekho nethi yonke into yaba khona ngokuziphendukela kwemvelo. Akufanele sivumele lokhu kucabanga okuyiphutha okwandile ukuba kusidide noma kusesabise. Wonke amaKristu kumelwe azilungiselele ukumelana naleli gagasi kanye nokucindezela kontanga okuhambisana nalo.—Funda eyabaseKolose 2:8.

18. Lapho sicabangela imvelaphi yendawo yonke nesintu, kungani kungaba ukuba nomqondo omfushane ukususa umbono wokuthi yadalwa uMdali ohlakaniphile?

18 Ngokuqinisekile, ukholo eBhayibhelini nakuNkulunkulu luyoqina ngokuhlola ubufakazi bendalo ngobuqotho. Lapho becabanga ngemvelaphi yendawo yonke nesintu, abaningi bangathanda ukuwususa umbono wokuthi kunamandla angalé kwendawo ebonakalayo ahilelekile. Nokho, uma sicubungula izinto ngalowo mbono siyobe asihloli bonke ubufakazi ngendlela engenzeleli. Ngaphezu kwalokho, siyobe sibushaya indiva ubufakazi obusobala obukhona bezidalwa “ezingenasibalo” ezihlelekile nezidalwe ngenjongo. (Jobe 9:10; IHu. 104:25) NjengamaKristu, siyaqiniseka ukuthi amandla ayehilelekile ekudaleni angumoya ongcwele owawuqondiswa uJehova ngobuhlakani.

Umoya Ongcwele Nokholo Lwethu KuNkulunkulu

19. Yini wena ekunikeza ubufakazi bokuba khona kukaNkulunkulu nobokusebenza komoya wakhe?

19 Akudingeki sazi yonke into ngendalo ukuze sibe nokholo kuNkulunkulu, simthande futhi simhloniphe ngokujulile. Njengobuhlobo babantu, ukholo kuJehova alusekelwe emaqinisweni wodwa. Njengoba nje ubuhlobo phakathi kwabangane bukhula lapho bazana kangcono, ukholo lwethu kuNkulunkulu luyakhula lapho sifunda okwengeziwe ngaye. Ngempela, khona kanye ukuba khona kwakhe kuyagcizeleleka kithi lapho ephendula imithandazo yethu futhi siphawula imiphumela emihle yokusebenzisa izimiso zakhe ekuphileni kwethu. Sisondela kuJehova kakhudlwana njengoba sibona ubufakazi obandayo bokuthi uqondisa izinyathelo zethu, uyasivikela, uyayibusisa imizamo yethu enkonzweni yakhe futhi usinika izinto esizidingayo. Konke lokhu kuyisiqinisekiso esinamandla sokuba khona kukaNkulunkulu nesokusebenza komoya wakhe ongcwele.

20. (a) Kungani uNkulunkulu adala umuntu nendawo yonke? (b) Ukuqhubeka silandela ukuhola komoya ongcwele kaNkulunkulu kuyoba namuphi umphumela?

20 IBhayibheli liyisibonelo esivelele sendlela uJehova asebenzisa ngayo amandla akhe asebenzayo ngoba abalobi balo “[babekhuluma] okuvela kuNkulunkulu ngoba babeqhutshwa umoya ongcwele.” (2 Pet. 1:21) Ukuyitadisha ngokucophelela imiBhalo kungakha ukholo lwethu kuNkulunkulu njengoMdali wazo zonke izinto. (IsAm. 4:11) UJehova waba uMdali ngoba eshukunyiswa uthando, imfanelo yakhe emenza simthande. (1 Joh. 4:8) Ngakho-ke, masenze konke esingakwenza ukuze sisize abanye bafunde ngoBaba wethu onothando osezulwini futhi onguMngane wethu. Uma thina siqhubeka siholwa umoya kaNkulunkulu, siyobusiswa ngethuba lokufunda ngaye phakade. (Gal. 5:16, 25) Kwangathi sonke singaqhubeka sifunda ngoJehova nangemisebenzi yakhe emikhulu, futhi ekuphileni kwethu sibonakalise uthando olungenamkhawulo alubonisa lapho esebenzisa umoya wakhe ongcwele ekudaleni amazulu, umhlaba nabantu.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Bheka incwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? amakhasi 24 no-25.

Ungachaza?

• Ukuba khona kwamazulu nomhlaba kusifundisani ngendlela uNkulunkulu asebenzisa ngayo umoya ongcwele?

• Ukuthi senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu kusinika maphi amathuba?

• Kungani kudingeka sihlole ubufakazi bendalo?

• Ubuhlobo bethu noJehova bungakhula ngaziphi izindlela?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 7]

Ukuhleleka esikubona endaweni yonke kusifundisani ngendalo?

[Umthombo]

Stars: Anglo-Australian Observatory/David Malin Images

[Izithombe ekhasini 8]

Kubonisani ukuba khona kwe-DNA kuzo zonke lezi zinto?

[Isithombe ekhasini 10]

Ingabe ukulungele ukuvikela ukholo lwakho?