Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Fundisa Izingane Zakho Inhlonipho

Fundisa Izingane Zakho Inhlonipho

Fundisa Izingane Zakho Inhlonipho

KUNESAGA sesiJalimane esithi: “Indoda esiphethe ngesandla isigqoko ingalidabula lonke izwe.” Emasikweni amaningi, uma indoda ikhumula isigqoko lapho ingena emzini womuntu noma lapho ibingelela, kwakubhekwa njengesenzo senhlonipho futhi kwenze ihlonishwe. Ngakho, isaga esingenhla sisho ukuthi abantu bathambekele ekubaboniseni umusa nasekubathandeni kakhudlwana labo abanemikhuba emihle.

Yeka ukuthi kuqabula kanjani ukubona intsha inemikhuba emihle! Umbonisi wesifunda eHonduras ovame ukuhamba nabamemezeli bobudala obuhlukahlukene emsebenzini wendlu ngendlu uthi, “Kaningi ngithola ukuthi ingane eqeqeshwe kahle nenenhlonipho iba nethonya elikhulu kumninikhaya ukudlula lokho engikushoyo.”

Kulezi zikhathi zokudlanga kwendelelo, kuhle futhi kuyazuzisa ukwazi indlela yokuphatha abanye. Ngaphezu kwalokho, imiBhalo isiyala ukuba “[siziphathe] ngendlela efanele izindaba ezinhle mayelana noKristu.” (Fil. 1:27; 2 Thim. 3:1-5) Kubalulekile ukufundisa izingane zethu ukuba zihloniphe abanye. Zingafundiswa kanjani ukuba zingabi nje nemikhuba emihle kodwa zishukunyiswe inhlonipho yangempela? *

Imikhuba Emihle Ifundiswa Ngesibonelo

Izingane zifunda ngezibonelo. Ngakho, indlela eyinhloko abazali abangagxilisa ngayo imikhuba emihle ezinganeni zabo iwukuba bona ngokwabo babe nemikhuba emihle. (Dut. 6:6, 7) Njengomzali kufanele uxoxe nengane yakho ngokubaluleka kokuhlonipha, kodwa lokho akwanele. Lezo zikhumbuzo kufanele zihambisane nesibonelo esihle.

Cabanga ngesibonelo sikaPaula, * owakhuliswa umKristu ongumzali ongayedwa. Ukuhlonipha bonke abantu kwaba ingxenye yobuntu bakhe. Kungani? Uyaphendula, “Umama wasibekela isibonelo, ngakho kithina zingane kwaba yinto ezenzakalelayo.” UmKristu okuthiwa uWalter wafundisa amadodana akhe ukuba ahloniphe unina owayengakholwa. Uthi, “Ngalwela ukufundisa amadodana ami ngesibonelo sami ukuba ahloniphe unina, ngangingalokothi ngikhulume kabi ngaye.” UWalter waqhubeka efundisa abafana bakhe iZwi likaNkulunkulu futhi ecela usizo lukaJehova ngomthandazo. Omunye wabo manje ukhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova, kanti omunye uyiphayona. Amadodana akhe abathanda futhi abahlonipha bobabili abazali bawo.

IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu unguNkulunkulu wokuthula akayena owesiyaluyalu.” (1 Kor. 14:33) Yonke into uJehova ayenzayo ihlelekile. AmaKristu kufanele alwele ukulingisa le mfanelo kaNkulunkulu futhi agcine imizi yawo icocekile. Abanye abazali baye bafundisa izingane zabo ukwendlula imibhede yazo nsuku zonke ngaphambi kokuba ziye esikoleni, ukuba zibeke izingubo zazo endaweni efanele futhi zisize nangemisebenzi yasekhaya. Uma izingane zibona ukucoceka nokuhlanzeka kulo lonke ikhaya, cishe ziyothambekela kakhudlwana ekugcineni amakamelo nezinto zazo kucocekile.

Izingane zakho zikubheka kanjani lokho ezikufunda esikoleni? Ingabe ziyababonga othisha bazo ngalokho abazenzela kona? Njengomzali, ingabe uyababonga othisha? Izingane zakho ziyothambekela ekuboniseni isimo sengqondo esifana nesakho ngomsebenzi wazo wesikole nangothisha. Kunganjani uzikhuthaze ukuba zikwenze umkhuba ukubonga othisha bazo? Ukubonga lapho wenzelwe into ethile kuyindlela enhle kakhulu yokubonisa inhlonipho, kungaba kuthisha, udokotela, umninisitolo noma kwabanye abantu. (Luka 17:15, 16) Siyayincoma intsha engamaKristu ehlukile ezinganeni efunda nazo esikoleni ngokuthobeka nangokuziphatha kahle.

Amalungu ebandla lobuKristu kufanele abe isibonelo esihle kule ndaba yemikhuba emihle. Yeka ukuthi kuhle kanjani ukubona intsha ebandleni ibonisa umusa ngokuthi “ngiyacela” nangokuthi “ngiyabonga”! Lapho abantu abadala bebonisa inhlonipho ngoJehova ngokulalelisisa imfundo enikezwa emihlanganweni, intsha ikhuthazeka ukuba ibalingise. Izingane zingafunda ukuhlonipha omakhelwane ngokubheka izibonelo zabanemikhuba emihle eHholo LoMbuso. Ngokwesibonelo, u-Andrew oneminyaka emine usekufundile ukuthi, “Ngisacela ukudlula,” lapho kudingeka achushe phakathi kwabantu abadala.

Yini enye abazali abangayenza ukuze basize izingane zabo ukuba zifunde ukuziphatha ngendlela efanele elindeleke kuzo? Abazali bangazinika isikhathi sokufunda nezingane zabo ngezibonelo eziningi ezitholakala eZwini likaNkulunkulu futhi kufanele benze kanjalo.—Roma 15:4.

Zifundise Ngezibonelo EziseBhayibhelini

Cishe unina kaSamuweli wayifundisa indodana yakhe ukuba ikhothame phambi komPristi Omkhulu u-Eli. Lapho eyisa uSamuweli etabernakele, kungenzeka ukuthi wayeneminyaka emithathu noma emine kuphela. (1 Sam. 1:28) Ungaprakthiza yini nengane yakho encane ukuthi “sawubona” noma ezinye izindlela zokubingelela ezamukelekayo endaweni yakini? NjengoSamuweli omncane, nezingane zakho ‘zingathandeka ngokwengeziwe kuJehova nakubantu.’—1 Sam. 2:26.

Kungani ungasebenzisi izindaba eziseBhayibhelini ukuze uqokomise umehluko phakathi kwenhlonipho nendelelo? Ngokwesibonelo, lapho u-Ahaziya, inkosi engathembekile yakwa-Israyeli ifuna ukubona umprofethi u-Eliya, yathumela ‘induna yabangamashumi amahlanu namadoda angamashumi amahlanu’ ayengaphansi kwayo ukuba iyombiza. Le nduna yafike yatshela lo mprofethi ngendelelo ukuthi kumelwe ahambe nayo. Leyo kwakungeyona indlela yokukhuluma nomuntu ongummeleli kaNkulunkulu. U-Eliya waphendula kanjani? Wathi: “Phela, uma ngingumuntu kaNkulunkulu, makwehle umlilo emazulwini ukudle wena nabakho abangamashumi amahlanu.” Yilokho kanye okwenzeka. “Umlilo wehla uvela emazulwini wayidla yona kanye nabayo abangamashumi amahlanu.”—2 AmaKh. 1:9, 10.

Kwathunyelwa induna yesibili yabangu-50 ukuba iyobiza u-Eliya. Nayo yafike yayala u-Eliya ukuba ahambe nayo. Nakulokhu, kwehla umlilo uvela emazulwini. Kodwa kwabe sekufika induna yesithathu yabangu-50 ku-Eliya. Le ndoda yabonisa inhlonipho. Esikhundleni sokufike iyale u-Eliya ukuba ahambe nayo, yaguqa futhi yamncenga: “Muntu kaNkulunkulu weqiniso, ngiyacela, umphefumulo wami nomphefumulo walezi zinceku zakho ezingamashumi amahlanu mawube yigugu emehlweni akho. Bheka kwehlé umlilo uvela ezulwini wadla izinduna ezimbili zokuqala zabangamashumi amahlanu kanye nabangamashumi amahlanu bazo, kodwa manje umphefumulo wami mawube yigugu emehlweni akho.” Ingabe umprofethi kaNkulunkulu wayeyobizela lo muntu umlilo, okungenzeka ukuthi wayesaba kodwa owakhuluma ngenhlonipho enje? Lutho neze! Kunalokho, ingelosi kaJehova yatshela u-Eliya ukuba ahambe nale nduna. (2 AmaKh. 1:11-15) Ingabe lokhu akugcizeleli ukubaluleka kokubonisa inhlonipho?

Lapho umphostoli uPawulu eboshwa amasosha amaRoma esethempelini, akazange acabange ukuthi wayenelungelo lokukhuluma. Wacela isikhulu esengamele ngenhlonipho: “Ingabe ngivumelekile ukusho okuthile kuwe?” Ngenxa yalokho, uPawulu wanikezwa ithuba lokuziphendulela.—IzE. 21:37-40.

Ngesikhathi equliswa icala, uJesu washaywa ngempama. Nokho, wayeyazi indlela efanele yokuziphendulela, wathi: “Uma ngikhulumé kabi, fakaza ngalobo bubi; kodwa uma ngikhulume kahle ungishayelani?” Akekho owathola iphutha endleleni uJesu akhuluma ngayo.—Joh. 18:22, 23.

IZwi likaNkulunkulu libuye libe nezibonelo zendlela esingasabela ngayo lapho sithola iseluleko esiqatha nendlela yokuvuma ngenhlonipho ububi noma ukusilela kwesikhathi esidlule. (Gen. 41:9-13; IzE. 8:20-24) Ngokwesibonelo, u-Abhigayili waxolisa ngendlela umyeni wakhe, uNabali, aphatha ngayo uDavide ngokweyisa. Ukuxolisa kwakhe kwahambisana nokumupha ukudla okuningi. UDavide wahlabeka umxhwele ngalokho okwenziwa u-Abhigayili kangangokuthi ngemva kokufa kukaNabali wamthatha waba umkakhe.—1 Sam. 25:23-41.

Fundisa izingane zakho inhlonipho, kungakhathaliseki ukuthi leyo nhlonipho iboniswa ngaphansi kwezimo ezivivinyayo noma kumane kuwukubonisa imikhuba emihle. ‘Ukuvumela ukukhanya kwethu kukhanye phambi kwabantu’ ngale ndlela ‘kukhazimulisa uBaba wethu osemazulwini.’—Math. 5:16.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Yiqiniso, abazali kudingeka basize izingane zabo zibone umehluko phakathi kokuhlonipha abantu abadala nokuthobela umuntu ongase abe nezinhloso ezilimazayo. Bheka i-Phaphama! ka-October 2007, amakhasi 3-11.

^ par. 7 Amanye amagama ashintshiwe.