Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukuphila Kwakho Kulawulwa Izimo?

Ingabe Ukuphila Kwakho Kulawulwa Izimo?

Ingabe Ukuphila Kwakho Kulawulwa Izimo?

IZIMO ezicindezelayo nezinkinga zivamile kulezi ‘zikhathi ezibucayi.’ (2 Thimothewu 3:1) Ezinye izinkinga zingase zibe ezesikhashana nje bese ziyadlula. Ezinye zibelesela izinyanga noma iminyaka imbala. Ngenxa yalokho, abaningi bazizwa njengomhubi uDavide, owakhala kuJehova wathi: “Izingcindezi zenhliziyo yami zandile; O ngikhiphe ekucindezelekeni okuphezu kwami.”—IHubo 25:17.

Ingabe nawe ushikashikana nezinkinga ezikuqeda amandla? Uma kunjalo, ungathola usizo nesikhuthazo eBhayibhelini. Ake sicabangele ukuphila kwezinceku zikaJehova ezimbili ezithembekile ezabhekana nezinkinga ngokuphumelelayo: uJosefa noDavide. Ngokuhlola ukuthi benzenjani lapho bebhekene nobunzima, singathola izifundo eziwusizo eziyosisiza nathi ukuba sikwazi ukubhekana nezinkinga ezifanayo namuhla.

Babhekana Nezinkinga Ezinzima

Kwathi lapho uJosefa eba neminyaka engu-17 ubudala, wabe esebhekene nenkinga enzima emkhayeni wakubo. Abafowabo abadala babona ukuthi uJakobe, uyise, ‘wayethanda uJosefa ngaphezu kwabo bonke abafowabo.’ Ngakho, “baqala ukumzonda, futhi babengakwazi ukukhuluma naye ngokuthula.” (Genesise 37:4) Singase sibone ngeso lengqondo ukuthi lesi simo samlethela ukukhathazeka nokucindezeleka okungakanani uJosefa. Ekugcineni, inzondo yabafowabo kaJosefa yakhula kakhulu kangangokuba bamthengisa ukuba ayoba isigqila.—Genesise 37:26-33.

Lapho uJosefa eyisigqila eGibhithe, kwadingeka amelane nokweshelwa inkosikazi yenkosi yakhe. Ithukutheliswe ukuthi wayenqaba ukulala nayo, yammangalela ngamanga uJosefa ithi ubezama ukumdlwengula. ‘Wafakwa etilongweni,’ futhi lapho, “izinyawo zakhe bazihlupha ngezibopho, umphefumulo wakhe wangena ezinsimbini.” (Genesise 39:7-20; IHubo 105:17, 18) Kumelwe ukuthi lokhu kwakuwuvivinyo lwangempela! Iminyaka engaba ngu-13, uJosefa wayeyisigqila noma eyisiboshwa ngenxa yobubi babanye abantu ababengenabulungisa, kuhlanganise namalungu omkhaya wakubo.—Genesise 37:2; 41:46.

UDavide wakwa-Israyeli wasendulo naye wabhekana nezilingo lapho eseyinsizwa. Waphoqeleka ukuba aphile njengombaleki iminyaka ethile, iNkosi uSawule imzingela kuhle kwesilwane. Ukuphila kukaDavide kwakuhlala kusengozini. Ngesinye isikhathi, waya ku-Ahimeleki umpristi eyocela ukudla. (1 Samuweli 21:1-7) Lapho uSawule ezwa ukuthi u-Ahimeleki usizé uDavide, wakhipha umyalo wokuba kubulawe u-Ahimeleki kodwa wangagcina lapho. Wathi makubulawe nabo bonke abapristi kanye nemikhaya yabo. (1 Samuweli 22:12-19) Kumelwe ukuthi uDavide wezwa ubuhlungu obukhulu ngoba, ngandlela-thile, nguyena owayebangele lolu sizi.

Cabanga ngeminyaka uJosefa noDavide ababhekana ngayo nokuhlupheka bephathwa kabi. Ngokuhlola ukuthi bazisingatha kanjani izimo ezinzima ababebhekene nazo, singathola izifundo ezibalulekile. Ake sihlole izindlela ezintathu ezenza la madoda akufanelekele ukulingiswa.

Yeka Ukufukamela Inzondo Nokubamba Amagqubu

Okokuqala, la madoda athembekile awazange avume ukuba afukamele inzondo abambe namagqubu. Lapho uJosefa esetilongweni, kwakungase kuzenzekele nje ukuba alokhu ecabanga konke okubi ngalesi senzo sabafowabo sokumthengisa, mhlawumbe efuna indlela ayeyoziphindisela ngayo uma nje ayeyoke aphinde ababone futhi. Sazi ngani ukuthi uJosefa wamelana nemicabango enjalo elimazayo? Cabanga ngendlela enza ngayo lapho elithola ngempela ithuba lokuba aziphindisele kubafowabo ababezé eGibhithe bezothenga okusanhlamvu. Ukulandisa kuthi: ‘UJosefa wabafulathela wakhala. Ngemva kwalokho uJosefa wanikeza umyalo, izinceku zakhe zagcwalisa amasaka abafowabo ngokusanhlamvu. Futhi, kwakufanele zibuyisele imali yalowo nalowo esakeni lakhe zibanike nomphako wendlela.’ Kamuva, lapho esethuma abafowabo ukuba bayolanda uyise beze naye eGibhithe, uJosefa wabakhuthaza ngala mazwi: “Ningathukuthelelani endleleni.” Ngamazwi nangezenzo, uJosefa wabonisa ukuthi wayengazange avumele ukuba ukuphila kwakhe kukhinyabezwe ukufukamela inzondo nokubamba amagqubu.—Genesise 42:24, 25; 45:24.

Ngokufanayo, uDavide akazange afukamele inzondo ngeNkosi uSawule. Kabili, uDavide wathola ithuba lokuba abulale uSawule. Kodwa kwathi lapho amadoda ayekanye nawo emnxusa ukuba ambulale, uDavide wathi: “Kuyinto engacabangeki, ngami, emehlweni kaJehova, ukuba ngenze le nto enkosini yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngokwelulela isandla kuyo, ngoba ingogcotshiweyo kaJehova.” UDavide wayishiyela ezandleni zikaJehova le ndaba, ethi kulawo madoda: “Kuphila kukaJehova, uJehova ngokwakhe uzomshaya; noma usuku lwakhe luzofika futhi afe, noma uzokwehlela empini, akhukhulwe ngokuqinisekile.” Kamuva, uDavide waloba ngisho nengoma yokulilela ukufa kukaSawule nendodana yakhe uJonathani. NjengoJosefa, uDavide akazange azivumele ukuba alawulwe yinzondo.—1 Samuweli 24:3-6; 26:7-13; 2 Samuweli 1:17-27.

Ingabe sifukamela inzondo sibambe amagqubu lapho sizwa ubuhlungu ngenxa yokuphathwa kabi? Lokhu kungazenzekela nje kalula. Uma sivumela imizwelo yethu isilawule, imiphumela ingasilimaza kakhulu ngaphezu kwesenzo sokungabi nabulungisa ngokwaso. (Efesu 4:26, 27) Nakuba singase singakwazi nhlobo ukulawula isimo lapho abanye besiphatha kabi, kodwa singakwazi ukulawula lokho esikwenzayo lapho besiphatha kabi. Kulula ukuba singayifukameli inzondo sibabambele amagqubu labo abasiphatha kabuhlungu uma sinokholo lokuthi uJehova uyozisingatha ngesikhathi sakhe esifanele izinkinga esibhekene nazo.—Roma 12:17-19.

Yenza Okungcono Ongakwenza Ngesimo

Isifundo sesibili esingasithola yilesi: ukuba singavumeli izimo esibhekene nazo zikhinyabeze ukuphila kwethu. Singase sicabange kakhulu ngalokho esingenakukwazi ukukwenza size singabe sisakubona lokho esingakwenza. Empeleni, izimo esibhekene nazo zisuke seziqala ukulawula ukuphila kwethu. Lokhu kwakungenzeka kuJosefa. Kodwa kunalokho, wakhetha ukwenza okungcono ayengakwenza ngesimo ayebhekene naso. Lapho eyisigqila, uJosefa “waqhubeka ethola umusa emehlweni [enkosi yakhe] wayikhonza ngokuqhubekayo, yaze yammisa ukuba aphathe indlu yayo.” UJosefa wenza okufanayo nalapho esejele. Ngenxa yokuthi uJehova wayembusisa uJosefa nangenxa yokuthi naye wayekhuthele, “isikhulu esiyinhloko setilongo sanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; konke ezazikwenza lapho kwakunguye owayekuyaleza.”—Genesise 39:4, 21-23.

Kuyo yonke iminyaka ayengumbaleki ngayo, uDavide naye wenza okungcono ayengakwenza ngezimo ayebhekene nazo. Lapho ehlala ehlane lasePharanu, yena namadoda ayekanye naye bavikela umhlambi kaNabali kubaphangi. ‘Baba ludonga nxazonke zethu ebusuku nasemini,’ kusho omunye wabelusi bakaNabali. (1 Samuweli 25:16) Kamuva, lapho eseZikilagi, uDavide wahlasela imizi eyayiphangwe izitha zika-Israyeli ezaziseningizimu, kanjalo wavikela imingcele yakwaJuda.—1 Samuweli 27:8; 1 IziKronike 12:20-22.

Ingabe sidinga ukwenza umzamo owengeziwe ukuze senze okungcono esingakwenza ngezimo esibhekene nazo? Nakuba kungase kube umqansa ukwenza kanjalo, singaphumelela. Ekhuluma ngokuphila kwakhe, umphostoli uPawulu wabhala: “Ngiye ngafunda ukwaneliseka kungakhathaliseki ukuthi ngikuziphi izimo. . . . Kuzo zonke izinto nakuzo zonke izimo ngiye ngayifunda imfihlo yakho kokubili ukuthi kunjani ukusutha nokuthi kunjani ukulamba, kokubili ukuba nensada nokuswela.” UPawulu wakwazi kanjani ukubhekana nezimo ngale ndlela ekuphileni? Ngokuthembela kuJehova ngokuqhubekayo. Wathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Filipi 4:11-13.

Lindela UJehova

Isifundo sesithathu yilesi: kufanele silindele uJehova kunokuba sisebenzise izindlela ezingavumelani nemiBhalo ukuze sishintshe izimo esibhekene nazo. Umfundi uJakobe wabhala: “Vumelani ukukhuthazela kuphelelise umsebenzi wako, ukuze nibe abaphelele nabaphilile ezicini zonke, abangantuli lutho.” (Jakobe 1:4) Kufanele sivumele ukukhuthazela “kuphelelise umsebenzi wako” ngokuvumela isilingo siqhubeke kuze kube sekugcineni, singazami ukusiphelisa ngokushesha sisebenzisa izindlela ezingavumelani nemiBhalo. Khona-ke, ukholo lwethu luyovivinywa lucwengisiswe, kumbuleke namandla alo okusekela. UJosefa noDavide bákhuthazela ngale ndlela. Abazange bazame ukuxazulula izimo ngendlela eyayingenza uJehova angajabuli. Kunalokho, benza okungcono ababengakwenza ngezimo ababebhekene nazo. Balindela uJehova, futhi babusiswa ngempela ngokwenza lokho. UJehova wabasebenzisa bobabili ukuba bakhulule futhi bahole abantu bakhe.—Genesise 41:39-41; 45:5; 2 Samuweli 5:4, 5.

Nathi singase sibhekane nezimo esingase silingeke ukuzixazulula ngezindlela ezingavumelani nemiBhalo. Ngokwesibonelo, ingabe udumazekile ngoba ungakamtholi umuntu ofanelekayo ongashada naye? Uma kunjalo, gwema isilingo sokweqa umyalo kaJehova othi shada “kuphela eNkosini.” (1 Korinte 7:39) Ingabe unezinkinga emshadweni wakho? Kunokuba uziyekelele uthonywe umoya wezwe okhuthaza ukuhlala ngokwehlukana nesehlukaniso, bambisana noshade naye ekuxazululeni izinkinga zenu. (Malaki 2:16; Efesu 5:21-33) Ingabe ubhekene nobunzima bokunakekela umkhaya wakho ngenxa yesimo sakho sezomnotho? Ukulindela uJehova kuhlanganisa nokugwema ukwenza izinto ezingabazisayo noma ezephula umthetho uzama ukuthola imali. (IHubo 37:25; Hebheru 13:18) Yebo, sonke kumelwe senze umzamo owengeziwe sizikhandle ukuze senze okungcono esingakwenza ngezimo esibhekene nazo, kanjalo sivumele uJehova asibusise. Njengoba senza kanjalo, masizimisele ukulindela uJehova ukuba alungise izimo ngokuphelele.—Mika 7:7.

UJehova Uyokusekela

Kungasizuzisa ukuzindla ngokuthi abalingiswa beBhayibheli abanjengoJosefa noDavide babhekana kanjani nokudumazeka kanye nezimo ezinzima. Nakuba umlando maqondana nabo ulotshwe emakhasini ambalwa eBhayibheli, izilingo ababhekana nazo zadonsa iminyaka eminingi. Zibuze: ‘Lezi zinceku zikaNkulunkulu zakwazi kanjani ukwamukela izimo ezazibhekene nazo? Zakwazi kanjani ukulondoloza injabulo? Yiziphi izimfanelo okwakudingeka zizihlakulele?’

Senza kahle futhi ngokucabangela ukukhuthazela kwezinceku zikaJehova zanamuhla. (1 Petru 5:9) Unyaka ngamunye, INqabayokulinda ne-Phaphama! iba nezindaba zokuphila eziningi. Ingabe uyafunda yini ngezibonelo zala maKristu athembekile bese uzindla ngazo? Ngaphezu kwalokho, emabandleni akithi kukhona labo abakhuthazelela ngokwethembeka izimo ezingajabulisi. Ingabe uba kanye nabo njalo emihlanganweni yebandla, futhi ufunde okuthile kubo?—Hebheru 10:24, 25.

Lapho uhaqwe izimo ezinzima, qiniseka ukuthi uJehova uyakukhathalela futhi uyokusekela. (1 Petru 5:6-10) Zikhandle ukuze ungavumeli izimo obhekene nazo zilawule ukuphila kwakho. Landela izibonelo zikaJosefa, uDavide, nabanye ngokuyeka ukufukamela inzondo, ngokwenza okungcono ongakwenza ngesimo obhekene naso nangokulindela uJehova ukuba alungise izimo ngokuphelele. Sondela kuye ngomthandazo nangokwenza izinto ezingokomoya. Ngale ndlela, nawe uyobona ukuthi ungakwazi ukujabula ngisho noma ubhekene nezikhathi ezinzima.—IHubo 34:8.

[Isithombe ekhasini 20, 21]

UJosefa wazikhandla wenza okungcono ayengakwenza ngezimo ayebhekene nazo

[Isithombe ekhasini 23]

UDavide walindela uJehova ukuba axazulule izinkinga zakhe