USIZO LOMKHAYA | INTSHA
Indlela Yokwamukela Iseluleko
INSELELE
U-Amy, * oneminyaka engu-17 uthi: “Uma othile ekunikeza iseluleko, ngokuyinhloko lowo muntu usuke ekutshela ukuthi kukhona ongakwenzi kahle. Kanti akekho umuntu engimaziyo oyaye athi, ‘Mina ngiyakuthanda ukutshelwa ukuthi kukhona engingakwenzi kahle!’ ”
Umuntu owenqaba iseluleko ufana nomshayeli wendiza ongasinaki isiqondiso asinikezwayo. Umphumela ungaba inhlekelele.
Ingabe ukuthola kunzima ukwamukela iseluleko sabazali bakho, othisha nabanye abantu abadala? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza.
OKUFANELE UKWAZI
Wonke umuntu uyasidinga iseluleko.
“Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.”
UJessica uthi: “Asikho isidingo sokuba namahloni lapho welulekwa ngoba wenze into engafanele.”
Ukwelulekwa akusho ukuthi uyisehluleki.
“UJehova * uyamsola lowo amthandayo, njengoba nje nobaba eyisola indodana ayijabulelayo.”
UTamara uthi: “Lapho abantu bengeluleka, ngizama ukucabanga ukuthi kumelwe ukuba kunzima kangakanani ukwenza lokhu nokuthi kuwuthando kangakanani ngabo ukungicebisa.”
Iseluleko singakusiza ube ngumuntu ongcono.
“Lalelani isiyalo nihlakaniphe.”
UDeanne uthi: “Iseluleko sibalulekile ukuze ukhule. Sikwenza uqonde indlela abanye abakubheka ngayo futhi sikusize ulwe nemikhuba engemihle okungenzeka awazi nokwazi ukuthi usunayo.”
ONGAKWENZA
Yiba nombono omuhle ngeseluleko. Ungase uthukuthele lapho welulekwa. Kodwa zama ukuyigwema leyo mizwa. Ukuze sikusize wenze lokho, ake sithi akuwena onikezwa iseluleko kodwa nguwe onikeza omunye umuntu iseluleko ngento efanayo
UTheresa uthi: “Ngesinye isikhathi ungase uthukuthele kakhulu uma ugxekwa uze ukhohlwe ukuthi lo muntu ubezama ukukusiza ukuze ube ngumuntu ongcono, ubengaqondile ukukuzwisa ubuhlungu.”
Hlala uthobekile. Ungavumeli ukuqhosha kukwenze wenqabe iseluleko. Ngakolunye uhlangothi, ungazivumeli ukuba udumale ngokweqile ngenxa yokuthi kunokuthile okufanele ukuthuthukise. Ukuthobeka kuyokusiza ukuba ungaweli kulezi zinhlangothi ezimbili. Khumbula: Iseluleko esikuzwisa ubuhlungu kakhulu kungase kube yiso osidinga nakakhulu. Uma, ngesizathu esithile, wenqaba iseluleko uyolahlekelwa ithuba elibalulekile lokukhula.
Iseluleko esikuzwisa ubuhlungu kakhulu kungase kube yiso osidinga nakakhulu
ULena uthi: “Ukwamukela iseluleko kuyingxenye ebalulekile ukuze ube umuntu omdala ovuthiwe. Uma singazijwayezi ukusamukela futhi sisivumele sisiqeqeshe, yithina esiyolimala ekugcineni.”
Bonga. Ngisho noma ukuthola kunzima ukwamukela iseluleko, kungani ungambongi umuntu okwelulekayo? Ngokungangabazeki, lowo muntu ukukhathalela ngokujulile futhi ufuna ngempela ukuba uphumelele.
UCarla uthi: “Awusoze wenza iphutha ngokuthi ‘Ngiyabonga,’ ikakhulukazi uma kunesidingo sokuba welulekwe. Ngisho noma besingadingeki, ungazithoba futhi ubonge ngomzamo walowo muntu wokukhuluma nawe.”
^ isig. 4 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.
^ isig. 11 Elithi Jehova, igama likaNkulunkulu njengoba lembulwe eBhayibhelini.