Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ngisaphilelani Nje?

Ngisaphilelani Nje?

UMA ubungahlangana noDiana, * ubungazibonela intokazi ekhaliphile nenobungane. Nokho, naphezu kokubukeka okukhangayo kukaDiana, ngaphakathi ukhungethwe umuzwa wokuzizwa engelutho ngokuphelele, othatha izinsuku, amasonto ngisho nezinyanga ngezinye izikhathi. Uthi, “Nsuku zonke ngihlale ngicabanga ngokufa. Ngikholelwa ukuthi angilusizo lwalutho emhlabeni.”

“Ucwaningo luye lwabonisa ukuthi njalo lapho kunomuntu ozibulele, kusuke kunabangu-200 abaye bazama ukuzibulala [nabanye] abangu-400 abaye bakucabanga.”—I-GAZETTE, MONTREAL, CANADA.

UDiana uthi akasoze azibulala. Noma kunjalo, ngezinye izikhathi akasiboni isizathu sokuqhubeka ephila. Uthi, “Into engiyifisa kakhulu ukuvelelwa ingozi ngife. Ukufa sengikubheka njengomngane—hhayi isitha.”

Abantu abaningi bayayiqonda indlela uDiana azizwa ngayo futhi abanye babo sebeke bakucabanga noma bakuzama ukuzibulala. Nokho, ochwepheshe bathi abantu abaningi abazama ukuzibulala basuke bengafuni ngempela ukufa; basuke bemane befuna ukuqeda ukuhlupheka kwabo. Ngamafuphi, bazibona benesizathu sokufa; into abangenayo isizathu sokuphila.

Kungani kufanele uqhubeke uphila? Cabangela izizathu ezintathu zokuqhubeka uphila.

^ isig. 3 Igama lishintshiwe.