PHAPHAMA!
Ephreli 2014 | Ngisaphilelani Nje? —Izizathu Ezintathu Zokuqhubeka Uphila
Ingabe wena noma omunye umuntu omaziyo wake wacabanga ngokuzibulala? Ukuthola izizathu zokuphila kungenza umahluko omkhulu.
Ukubuka Okwezwe
Okukhulunywa ngakho kuhlanganisa: idolobha elinamarobhothi asebenza ngokuvumelana yonke indawo, ingozi yempilo eyedlula eyokungondleki, kanye nenyoni yasendle eneminyaka engu-60 esanda kuchamusela.
USIZO LOMNDENI
Indlela Yokwamukela Iseluleko
Iseluleko noma ukugxekwa okubuhlungu kungenzeka kanjani kube usizo?
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Ngoba Izimo Ziyashintsha
Ngisho noma izimo zakho zingeke zishintshe, kukhona ongakushintsha.
ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Ngoba Likhona Ithemba
Njengenhlansi yokukhanya, ithemba lingakusiza ubone ngale kwezinkinga ezikukhungethe.
INGXOXO NOTHILE
“Ngiyaqiniseka Ukuthi UMdali Ukhona”
UFrédéric Dumoulin wayeyenyanya inkolo, ngakho wakhetha ukungakholelwa kuNkulunkulu. Ukutadisha iBhayibheli nokucwaninga ngomklamo wezinto eziphilayo kwamenza kanjani wakholelwa ukuthi ukhona uMdali?
AMAZWE NABANTU
Ukuvakashela ECambodia
Kungani abantu abangakaze babonane ngaphambili bengabizana ngokuthi mfowethu, dadewethu, anti, malume, gogo noma mkhulu?
UMBONO WEBHAYIBHELI
Ubandlululo
Ingabe zonke izinhlanga ziyalingana? Ingabe ubandlululo luyoke luphele?
INGABE KWAKLANYWA?
Iphiko Lovemvane
Iphiko lovemvane i-Blue Morpho libukeka libushelelezi kodwa linezinto ezingabonakala ngesibona-khulu kuphela. Ezani lezi zinto?
Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet
Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi?
Ingabe uphoqelelwa ukuba uthumele izithombe zobulili? Iyini imiphumela yokuthumelelana izithombe zobulili? Ingabe kumane kuwukudlala ngothando okungenabo ubungozi?
Wenzenjani Uma Uxhashazwa?
Abaningi abaxhashazwayo banomuzwa wokuthi akukho abangakwenza. Lesi sihloko sichaza lokho okungenziwa ukuze kulungiswe isimo.
Unjani Umngane Weqiniso?
Kulula ukuthola abangane mbumbulu, kodwa ungamthola kanjani umngane weqiniso?
UJosefa Usindisa Ukuphila
Hlolani uGenesise izahluko 41-

