Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuzamazama Komhlaba Okukhulu—Yini Eyabikezelwa IBhayibheli Mayelana Nakho?

Ukuzamazama Komhlaba Okukhulu—Yini Eyabikezelwa IBhayibheli Mayelana Nakho?

 Minyaka yonke, kuba khona ukuzamazama komhlaba okungamashumi ezinkulungwane. Nakuba okuningi kwakho kukuncane, ukuzamazama komhlaba okukhulu kungabangela umonakalo omkhulu, ukuhlupheka nokufa. Ngezinye izikhathi, kungabangela amatsunami adala umonakalo kubantu abahlala ezindaweni eziseduze nolwandle, kubulale abantu abaningi lapho. Ingabe iBhayibheli lakubikezela lokhu kuzamazama komhlaba okukhulu?

Kulesi sihloko

 Ingabe iBhayibheli lakubikezela ukuzamazama komhlaba?

 UJesu wakhuluma ngokuzamazama komhlaba esiprofethweni esiseBhayibhelini. Amazwi akhe abhalwe ezincwadini ezintathu zeBhayibheli athi:

 “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, futhi kuyoba khona ukusweleka kokudla nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.”Mathewu 24:7.

 “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso; kuyoba khona ukuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo; kuyoba khona nokusweleka kokudla.”—Marku 13:8.

 “Kuyoba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ezindaweni ngezindawo kube khona ukusweleka kokudla nezifo eziwumshayabhuqe.”—Luka 21:11.

 Ngakho uJesu wabikezela ukuthi kwakuyoba khona “ukuzamazama komhlaba okukhulu ezindaweni ngezindawo” ngesikhathi esifanayo okwakuyobe kukhona ngaso izimpi, ukuntuleka kokudla, nezifo eziwumshayabhuqe. Sezihlangene, zonke lezi zinto zembula ukuthi siphila enkathini ebizwa ngokuthi ‘isiphelo sesimiso sezinto’ noma “izinsuku zokugcina.” (Mathewu 24:3; 2 Thimothewu 3:1) Ngokohlelo lokulandelana kwezenzakalo zeBhayibheli, “izinsuku zokugcina” zaqala ngo-1914 futhi azikapheli.

 Ingabe ukuzamazama komhlaba kwanamuhla kugcwalisa isiprofetho seBhayibheli?

 Yebo. Isiprofetho sikaJesu, esihlanganisa lokho akusho mayelana nokuzamazama komhlaba, sikhuluma ngazo ngqo izenzakalo ezenzeka esikhathini sethu. Kusukela ngo-1914, sekube khona ukuzamazama komhlaba okukhulu okungaphezu kuka-1 950, okubulale abantu abangaphezu kwezigidi ezimbili uma sekuhlangene. a Cabanga ngezibonelo ezimbalwa ezenzeke esikhathini sethu.

 Ngo-2004—E-Indian Ocean. Ukuzamazama komhlaba okungaba ngu-9.1 ubukhulu kwabangela itsunami eyagadla emazweni amaningi futhi yabulala abantu abangaba ngu-225 000.

 Ngo-2008—EChina. Ukuzamazama komhlaba okungaba ngu-7.9 kwabhubhisa ezindaweni ezisemakhaya nezisemadolobheni, futhi kulinganiselwa ukuthi kwabulala abantu abangu-90 000, kwalimaza abanye abangu-375 000 futhi kwashiya izigidi zingenawo amakhaya.

 Ngo-2010—EHaiti. Ukuzamazama komhlaba okungaba ngu-7.0 ubukhulu kwalandelwa okunye ukuzamazama komhlaba okuningi okuncane okwabulala abantu abangaphezu kuka-300 000, kwashiya abantu abangaphezu kwesigidi bengenamakhaya.

 Ngo-2011—EJapan. Ukuzamazama komhlaba okungaba ngu-9.0 ubukhulu kanye namatsunami alandela ngenxa yakho kwabulala abantu abangaba ngu-18 500 futhi izinkulungwane zabanye abantu kwadingeka zishiye amakhaya azo. Indawo okuphehlwa kuyo ugesi eseFukushima yacekeleka phansi, okwabangela ukusabalala kwemisebe eyingozi yenuclear. Eminyakeni eyishumi kamuva, abantu abangaba ngu-40 000 babengakabuyeli emakhaya abo aseduze nendawo yokuphehla ugesi ngenxa yemisebe eyingozi eyayisekhona.

 Sisho ukuthini kithi isiprofetho seBhayibheli esimayelana nokuzamazama komhlaba?

 Isiprofetho seBhayibheli esimayelana nokuzamazama komhlaba sisixwayisa ngalokho okuzokwenzeka maduzane. UJesu wathi: “Lapho nibona lezi zinto zenzeka, yazini ukuthi uMbuso kaNkulunkulu useduze.”—Luka 21:31.

 IBhayibheli lisichazela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni ongokoqobo osezulwini uJesu Kristu ayiNkosi yawo. Yilo Mbuso uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele.—Mathewu 6:10.

 Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu emhlabeni, uNkulunkulu uyoqikelela ukuthi izinhlekelele zemvelo, ezihlanganisa ukuzamazama komhlaba, azibalimazi abantu. (Isaya 32:18) Ngaphezu kwalokho, uyolungisa wonke umonakalo nokuhlukumezeka okubangelwe ukuzamazama komhlaba kwanamuhla. (Isaya 65:17, IsAmbulo 21:3, 4) Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi, “Yini UMbuso KaNkulunkulu Ozoyenza?

a Amanani athathelwe ku-Global Significant Earthquake Database yase-United States National Geophysical Data Center.