Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amakhambi Ezinkinga Ezivamile

Amakhambi Ezinkinga Ezivamile

Amakhambi Ezinkinga Ezivamile

IBHAYIBHELI alisho ukuthi umshado ulula. Umphostoli uPawulu waphefumulelwa uNkulunkulu ukuba abhale ukuthi abantu abashadile bayobhekana “nezinkinga zansuku zonke.” (1 Korinte 7:28, Today’s English Version) Kodwa kukhona okungase kwenziwe abantu abashadile ukuze banciphise izinkinga ababhekana nazo futhi bajabulisane kakhulu. Cabangelani izikhalo eziyisithupha ezilandelayo ezivame ukushiwo amadoda namakhosikazi futhi nibone indlela okungasiza ngayo ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli.

1

ISIKHALO:

“Mina nowakwami sesiqhelelene.”

ISIMISO SEBHAYIBHELI:

‘Qinisekani ngezinto ezibaluleke kakhulu.’Filipi 1:10.

Umshado wenu uphakathi kwezinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni kwenu. Kumelwe uze kuqala. Ngakho, hlolani ukuthi indlela yenu yokuphila ayinawo yini umthelela enkingeni yokuqhelelana. Ningavumeli ukuphila kwansuku zonke okumatasa kunenze impumalanga nentshonalanga. Yiqiniso, umsebenzi wokuziphilisa nezinye izimo ezingenakugwenywa kungase kuphoqe ukuba ningabi ndawonye okwesikhathi esithile. Kodwa ningakwazi ukulawula ezinye izinto—njengesikhathi enisichitha ezintweni zokuzilibazisa noma nabangane—futhi kufanele nikwenze lokho.

Nokho, abanye abantu abashadile bangase basebenze amahora engeziwe noma benze izintwana zokuzilibazisa ukuze babalekele ukuchitha isikhathi nabashade nabo. Empeleni, basuke bebalekela izinkinga. Uma wena noma owakwakho nikwenza lokhu, kudingeka nithole imbangela yenkinga futhi niyilungise. Ukuchitha isikhathi ndawonye kuwukuphela kwendlela eningasondelana ngayo futhi “nibe nyamanye” ngokugcwele.—Genesise 2:24.

Indlela abanye abaye basisebenzisa ngayo lesi seluleko: U-Andrew * noTanji bahlala e-Australia futhi sebeneminyaka eyishumi beshadile. U-Andrew uthi: “Ngiye ngafunda ukuthi ukusebenza ngokweqile nokuchitha isikhathi esiningi nabanye abantu kungaba yingozi emshadweni. Ngakho, mina nomkami siyasenza isikhathi sokukhuluma nokuthululelana izifuba.”

UDave noJane, abahlala e-United States nasebeneminyaka engu-22 beshadile, bachitha isigamu sehora njalo kusihlwa ukuze baxoxe ngokwenzeke osukwini, baveze nemibono yabo. UJane uthi: “Lesi sikhathi sibaluleke kakhulu kithi kangangokuthi asivumeli lutho lusiphazamise.”

2

ISIKHALO:

“Lo mshado awusangizuzisi ngalutho.”

ISIMISO SEBHAYIBHELI:

“Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”1 KORINTE 10:24.

Umuntu okhathazeka ngokuyinhloko ngokuthi yini ayizuza emshadweni akasoze ajabula ngempela, ngisho noma engashada kaningi kangakanani. Umshado uphumelela uma ngamunye egxila kakhulu ekupheni kunasekwamukeleni. UJesu usitshela isizathu salokho: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Indlela abanye abaye basisebenzisa ngayo lesi seluleko: UMaria noMartin, abahlala eMexico, sebeshade iminyaka engu-39. Kodwa bayavuma ukuthi kunezikhathi emshadweni wabo lapho kwakusinda kwehlela. Bakhumbula ingxabano eshisayo abake baba nayo. UMaria uthi: “Phakathi naleyo ngxabano, ngakhuluma amazwi angabonisi inhlonipho kuMartin. Wathukuthela wagana unwabu. Ngazama ukuchaza ukuthi ngangingaqondile ukumphatha kabi kodwa ngangenziwa ukuthukuthela. Kodwa wayengasafune kuzwa lutho.” UMartin uthi: “Phakathi naleyo ngxabano, ngafikelwa umcabango wokuthi ngeke sisakwazi ukuhlala ndawonye nokuthi kungcono ngivele ngihlanze ngedela.”

UMartin wayefuna ukuhlonishwa. UMaria wayedinga ukuqondwa. Akekho phakathi kwabo owayethola ayekudinga.

Bayixazulula kanjani le nkinga? UMartin uthi: “Ngazinika isikhathi sokwehlisa intukuthelo futhi sobabili sanquma ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile sokuhloniphana nokubonisana umusa. Njengoba iminyaka ihamba, siye safunda ukuthi kungakhathaliseki ukuthi siba nezinkinga kaningi kangakanani, singakwazi ukuzinqoba uma sithandazela usizo lukaNkulunkulu futhi sisebenzise iseluleko seBhayibheli.”—Isaya 48:17, 18; Efesu 4:31, 32.

3

ISIKHALO:

“Owakwami akazenzi izinto okufanele azenze.”

ISIMISO SEBHAYIBHELI:

“Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.”ROMA 14:12.

Akungabazeki ukuthi umshado ngeke uphumelele uma eyedwa ozama ukuba uphumelele, omunye azithele ngabandayo. Kodwa isimo siyoba sibi nakakhulu uma bobabili bengazifezi izindima zabo, omunye akhombe omunye esweni, omunye avikele iso lakhe.

Uma uhlale ucabanga ngalokho okufanele kwenziwe oshade naye, ngeke neze ujabule futhi uyohlala ungajabule nakakhulu uma usebenzisa amaphutha akhe njengezaba zokungayifezi eyakho imithwalo. Ngakolunye uhlangothi, uma ulwela ukuba yindoda noma inkosikazi enhle, cishe umshado wenu uyophumelela. (1 Petru 3:1-3) Okubaluleke nakakhulu ukuthi uyobe ubonisa uNkulunkulu ukuthi uyalihlonipha ilungiselelo lakhe lomshado, futhi izenzo zakho ziyomjabulisa kakhulu.—1 Petru 2:19.

Indlela abanye abaye basisebenzisa ngayo lesi seluleko: UKim nomyeni wakhe, abahlala eKorea, sebeshade iminyaka engu-38. UKim uthi: “Ngezinye izikhathi umyeni wami uyangicasukela angabe esangikhulumisa, ngibe ngingazi nokuthi ngenzeni. Lokho kungenza ngibone sengathi akasangithandi. Ngezinye izikhathi ngiye ngizibuze, ‘Kungani efuna mina ngiqonde ukuthi uzizwa kanjani kuyilapho yena engazami ukuqonda eyami imizwa?’”

UKim angagxila ekutheni umyeni wakhe akamphathi kahle nakulokho angakwenzi, kodwa ukhetha ukwenza okuhlukile. Uthi: “Kunokuhlala ngicasukile, ngiye ngafunda ukuthi kungcono ukuthatha isinyathelo sokubuyisana. Ekugcineni, siyakwazi ukwehlisa umoya, sixoxe ngokuthula.”—Jakobe 3:18.

4

ISIKHALO:

“Umkami akangithobeli.”

ISIMISO SEBHAYIBHELI:

“Inhloko yawo wonke amadoda nguKristu.”1 KORINTE 11:3.

Indoda enomuzwa wokuthi umkayo akayithobeli kufanele iqale izihlole ukuthi izimisele yini ukuzithoba eNhlokweni yayo, uJesu Kristu. Indoda ingabonisa ukuthobeka kwayo ngokulingisa isibonelo sikaJesu.

Umphostoli uPawulu wabhala: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” (Efesu 5:25) UJesu akazange azenze ‘ingqongqo phezu’ kwabafundi bakhe. (Marku 10:42-44) Wayenika abalandeli bakhe isiqondiso esicacile futhi wayebakhuza uma kudingeka kodwa wayengalokothi abakhahle. Wayebabonisa umusa futhi engalindeli okungaphezu kwamandla abo. (Mathewu 11:29, 30; Marku 6:30, 31; 14:37, 38) Ngaso sonke isikhathi wayecabangela izidingo zabo kuqala kunezakhe.—Mathewu 20:25-28.

Indoda kufanele izibuze lo mbuzo, ‘Ingabe indlela engibheka ngayo ubunhloko nabesifazane ithonywe kakhulu amasiko endawo esikhundleni sokuthonywa iseluleko nezibonelo eziseBhayibhelini?’ Ngokwesibonelo, ubungambheka kanjani owesifazane ongavumelani nombono womyeni wakhe, kodwa oveza owakhe ngenhlonipho futhi ame aqine kuwo? EBhayibhelini, uSara, umka-Abrahama, uyisibonelo senkosikazi ethobekile. (1 Petru 3:1, 6) Nokho, wayeyiveza imibono yakhe uma kudingeka, njengalapho u-Abrahama ehluleka ukubona izingozi ezazisongela umndeni.—Genesise 16:5; 21:9-12.

Kusobala ukuthi u-Abrahama wayengamphathi ngonya umkakhe aze esabe nokukhuluma. Wayengeyena undlovu kayiphikiswa. Ngokufanayo, indoda elalela isiyalo seBhayibheli ngeke iphoqe umkayo ukuba enze lokho okufunwa yiyo. Umkayo uyoyihlonipha uma isebenzisa ubunhloko bayo ngendlela enobubele.

Indlela abanye abaye basisebenzisa ngayo lesi seluleko: UJames, ohlala eNgilandi futhi oseshade iminyaka engu-8, uthi: “Ngiye ngafunda ukuthi akufanele ngithathe izinqumo ezibalulekile ngingakakhulumi nomkami. Ngizama ukungazicabangeli mina kuphela. Kunalokho, ngizama ukubeka izidingo zakhe kuqala kunezami.”

UGeorge uhlala e-United States futhi uneminyaka engu-59 eshadile. Uthi: “Ngizama ukuphatha umkami njengomuntu ohlakaniphile nokwaziyo ukuzenzela izinto futhi angimbukeli phansi.”—IzAga 31:10.

5

ISIKHALO:

“Umyeni wami ufuna ukumelwa ngemuva.”

ISIMISO SEBHAYIBHELI:

“Owesifazane ohlakaniphe ngempela uyakhile indlu yakhe, kodwa oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.”IzAga 14:1.

Uma umyeni wakho enqikaza noma engasheshi ukuthatha izinqumo noma ukusingatha izindaba zomndeni, zintathu izinto ongazenza. (1) Ungase umbelesele ngamaphutha akhe noma (2) ungase uthathe izintambo uhole noma (3) ungase umncome ngobuqotho kunoma yimiphi imizamo ayenzayo. Uma ukhetha okokuqala noma okwesibili, uyoyidiliza ngezandla zakho indlu yakho. Uma ukhetha okwesithathu uyokwazi ukwakha, noma ukuqinisa, umshado wakho.

Amadoda amaningi azisa kakhulu ukuhlonishwa kunokuthandwa. Ngakho, uma wenza umyeni wakho azizwe ehlonishwa—umenze abe nomuzwa wokuthi imizamo yakhe yokuhola ekhaya iyaphumelela futhi iyaziswa—cishe uyoyithuthukisa indlela afeza ngayo imithwalo yakhe. Yiqiniso, ngezinye izikhathi ngeke ubone ngaso linye nomyeni wakho odabeni oluthile. Kudingeka nobabili nixoxe ngalo. (IzAga 18:13) Kodwa amazwi owakhethayo nendlela owabeka ngayo ayobhidliza noma akhe umshado wakho. (IzAga 21:9; 27:15) Khuluma ngenhlonipho futhi uyoba semathubeni amahle okuthola imiphumela oyifisayo—umyeni onganqikazi nongephuzi ukusingatha izindaba zomndeni.

Indlela abanye abaye basisebenzisa ngayo lesi seluleko: UMichele, ohlala e-United States noseneminyaka engu-30 eshadile, uthi: “Umama wakhulisa mina nodadewethu ababili eyedwa, ngakho wayengowesifazane ozenzela zonke izinto nozimele. Ekukhuleni kwami ngaba nalezo zici zobuntu. Ngakho, kudingeka ngikusebenzele njalo ukubonisa ukuzithoba okufanele. Ngokwesibonelo, ngiye ngafunda ukuxoxa nomyeni wami kuqala kunokuvele ngizenzele izinqumo.”

URachel, ohlala e-Australia noseshade noMark iminyaka engu-21, wathonywa indlela akhula ngayo. Uyakhumbula: “Umama wayengamthobeli nhlobo ubaba. Babexabana njalo futhi bengahloniphani. Ngisanda kushada, ngangilingisa umama. Kodwa njengoba iminyaka ihamba, ngiye ngafunda ukubaluleka kokusebenzisa iseluleko seBhayibheli sokuhlonipha. Manje mina noMark sinomshado ojabulisayo.”

6

ISIKHALO:

“Angisakwazi ukubekezelela imikhuba yakhe ecasulayo.”

ISIMISO SEBHAYIBHELI:

“Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.”KOLOSE 3:13.

Ngesikhathi nisathandana, cishe wawugxile kakhulu ezimfanelweni ezinhle zesithandwa sakho, kangangokuthi awuzange uwanake amaphutha aso. Ungakwenza yini lokho namanje? Akungabazeki ukuthi zikhona ngempela izinto ezenziwa owakwakho ezikucasulayo. Kodwa zibuze, ‘Ngizokhetha ukugxila kuziphi—kwezinhle noma kwezimbi?’

UJesu wasebenzisa umfanekiso onamandla obonisa isidingo sokuba siwashalazele amaphutha abanye. Wabuza: “Kungani ubheka umucwana osesweni lomfowenu, kodwa ungacabangi ngogongolo olukwelakho iso?” (Mathewu 7:3) Umucwana ungase ube utshani obuncane. Ngakolunye uhlangothi, ugongolo luwugodo olukhulu olude lokuphasa uphahla lwendlu. Laliyini iphuzu lakhe? “Khipha kuqala ugongolo kwelakho iso, khona-ke uyobona ngokucacile ukuthi ungawukhipha kanjani umucwana esweni lomfowenu.”—Mathewu 7:5.

UJesu waqala lo mfanekiso ngesixwayiso esisangulukisayo. Wathi: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa; ngoba noma isiphi isahlulelo enahlulela ngaso, nani niyokwahlulelwa ngaso.” (Mathewu 7:1, 2) Uma ungathanda ukuba uNkulunkulu ashalazele amaphutha akho—ugongolo esweni lakho—kuyokusiza kakhulu ukuba nawe ushalazele amaphutha omuntu oshade naye.—Mathewu 6:14, 15.

Indlela abanye abaye basisebenzisa ngayo lesi seluleko: UJenny, ohlala eNgilandi noseshade noSimon iminyaka engu-9, uthi: “Ngiye ngaphawula ukuthi into engicasula kakhulu ngomyeni wami ukuthi unomkhuba wokungahleli izinto kusenesikhathi; wenza izinto ngomzuzu wokugcina. Kuyahlekisa lokho ngoba yilokho kanye engangikuthanda ngaye ngesikhathi sisathandana. Nokho, nami ngiyabona manje ukuthi nginawo amaphutha, njengokuthanda ukulawula yonke into. Mina noSimon sifunda ukushalazela amaphutha amancane omunye nomunye.”

UCurt, oshade noMichele, ocashunwe ngaphambidlana, uthi: “Uma unaka kakhulu imikhuba ecasulayo yoshade naye, lawo maphutha avele abonakale emakhulu. Ngikhetha ukugxila ezimfanelweni ezangenza ngathanda uMichele ekuqaleni.”

Imfihlo Yempumelelo

Lezi zibonelo ezimbalwa zibonisa ukuthi izinselele zasemshadweni azinakugwenywa, kodwa kungabhekanwa nazo. Ilelephi imfihlo? Hlakulelani uthando ngoNkulunkulu futhi nizimisele ukusebenzisa iseluleko esiseZwini lakhe, iBhayibheli.

U-Alex no-Itohan, abahlala eNigeria nasebeneminyaka engaphezu kuka-20 beshadile, baye bayifunda le mfihlo. U-Alex uthi: “Ngiye ngaphawula ukuthi cishe zonke izinkinga zomshado zingaxazululeka uma abashadile besebenzisa izimiso zeBhayibheli.” Umkakhe uthi: “Siye safunda ukubaluleka kokuthandaza njalo ndawonye nokusebenzisa iseluleko seBhayibheli sokuthandana nokubekezelelana ngobuqotho. Manje sesinezinkinga ezimbalwa kunangesikhathi sisanda kushada.”

Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngendlela iseluleko esihlakaniphile esiseZwini likaNkulunkulu esingawuzuzisa ngayo umndeni wakho? Uma kunjalo, cela oFakazi BakaJehova ukuba baxoxe nawe ngesahluko 14 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? *

[Imibhalo yaphansi]

^ Amanye amagama ashintshiwe.

^ Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 4]

Ingabe siyasenza isikhathi sokuba ndawonye?

[Isithombe ekhasini 5]

Ngiyazama yini ukupha ngokwengeziwe kunokulindela ukuthola okuthile?

[Isithombe ekhasini 6]

Ngiyasithatha yini isinyathelo sokulungisa izingxabano?

[Isithombe ekhasini 7]

Ingabe ngiyawucabangela umbono womkami ngaphambi kokwenza isinqumo?

[Isithombe ekhasini 9]

Ingabe ngigxila ezimfanelweni ezinhle zikawakwami?