Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umoya Omnene—Indlela Yokuhlakanipha

Umoya Omnene—Indlela Yokuhlakanipha

UToñi, onakekela asebekhulile, wangqongqoza futhi owesifazane owevile eminyakeni engu-50 wavula umnyango. Lona wesifazane wathethisa uToñi ngamazwi endelelo ngenxa yokuthi wayengafikanga ngesikhathi ukuzonakekela umama wakhe osekhulile. UToñi wayefike ngesikhathi. Nokho, ngomoya ophansi waxolisa kulona wesifazane.

LAPHO ephindela, owesifazane wenza okufanayo kuToñi. Wasabela kanjani? Wavuma, “Kwakunzima ngempela, sasingekho isizathu sokuthi angithethise.” Noma kunjalo, uToñi waxolisa futhi wabe esemtshela ukuthi uyabuqonda ubunzima abhekene nabo.

Ukube wawunguToñi ucabanga ukuthi wawuyosabela kanjani? Ingabe wawuyozama ukubonisa umoya omnene? Ingabe wawuyokuthola kunzima ukuzibamba? Ngokungangabazeki, kungase kube nzima ukuhlala uzolile ezimweni ezifana nalesi esichazwe ngenhla. Kuyinselele ngempela ukulondoloza umoya omnene lapho sicindezelekile noma sicasulwa.

Nokho, iBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba abe nomoya omnene. Eqinisweni, iZwi likaNkulunkulu lihlobanisa ukuba nomoya omnene nokuhlakanipha. UJakobe uyabuza, “Ubani ohlakaniphile noqondayo phakathi kwenu? Makabonise imisebenzi yakhe ngokuziphatha kwakhe okuhle ngobumnene bokuhlakanipha.” (Jak. 3:13) Ukuba nomoya omnene kuwubufakazi bokuhlakanipha kwaphezulu ngayiphi indlela? Yini engasisiza sihlakulele le mfanelo kaNkulunkulu?

UKUHLAKANIPHA KOMOYA OMNENE

Umoya omnene ungadambisa intukuthelo. “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.”IzAga 15:1.

Ukuphendula ngentukuthelo kungenza isimo esingesihle sibe sibi nakakhulu ngoba lokho kufana nokuthela uphethiloli emlilweni. (IzAga 26:21) Ngokuphambene, ukuphendula ngomoya omnene kuvame ukudambisa isimo esishubile. Kungathambisa ngisho nesimo sengqondo somuntu onodlame.

UToñi wakubona lokhu kwenzeka. Ephawula indlela emnene uToñi amphendula ngayo, owesifazane wavele wakhala. Wachaza ukuthi wayecindezelwe izinkinga zakhe nezomndeni. UToñi wanikeza ubufakazi obuhle futhi waqala isifundo seBhayibheli—konke lokhu kwaba umphumela wendlela ezolile nenokuthula aphendula ngayo.

Umoya omnene ungasenza sijabule. “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.”Math. 5:5.

Kungani bejabula abanomoya omnene? Ngokugqoka ubumnene, abantu abaningi ababenodlame manje bayajabula. Ukuphila kwabo sekungcono futhi bayazi ukuthi balindelwe ikusasa elihle. (Kol. 3:12) U-Adolfo, umbonisi wesigodi eSpain, ukhumbula indlela ukuphila kwakhe okwakuyikho ngaphambi kokuba azi iqiniso.

u-Adolfo uthi, “Ukuphila kwami kwakungenanjongo. Ngangithukuthela ngokushesha kangangokuthi ngisho nabangane bami babengisaba. Ekugcineni ukuphila kwami kwashintsha. Ngesikhathi ngilwa, ngagwazwa ngasala namanxeba ayisithupha futhi ngopha ngacishe ngafa.”

Nokho, manje ngalokho akushoyo nakwenzayo, u-Adolfo ufundisa abanye ukuba babe nomoya omnene. Abaningi badonswa ubuntu bakhe obunemfudumalo nobuthandekayo. U-Adolfo uthi uyajabula ngezinguquko asekwazile ukuzenza. Ubonga uJehova ngokumsiza ukuba ahlakulele umoya omnene.

Umoya omnene wenza uJehova ajabule. “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.”IzAga 27:11.

Empeleni, uJehova uklolodelwa yisitha sakhe uDeveli. Ziningi izizathu uNkulunkulu anazo zokuthukuthelela izenzo ezinjalo zokumhlambalaza ngamabomu, nokho iBhayibheli lichaza uJehova ‘njengowephuza ukuthukuthela.’ (Eks. 34:6) Lapho sizama ukulingisa uNkulunkulu ngokwephuza ukuthukuthela nokuba mnene, silandela inkambo yokuhlakanipha ejabulisa uJehova kakhulu.—Efe. 5:1.

Izwe lanamuhla ligcwele ubudlova. Singase sihlangane nabantu “abazidlayo, abahlambalazi,. . .abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka.” (2 Thim. 3:2, 3) Noma kunjalo, lokho akufanele kuvimbele umKristu ukuba ahlakulele umoya omnene. IZwi likaNkulunkulu lisikhumbuza ukuthi “ukuhlakanipha kwaphezulu . . . kunokuthula, kuyabonelela.” (Jak. 3:17) Ngokubonisa umoya wokuthula nokucabangela sinikeza ukufakazi bokuthi sinokuhlakanipha kwaphezulu. Ukuhlakanipha okunjalo kuzosishukumisela ukuba siphendule ngendlela emnene lapho sicasulwa futhi kuzosisondeza nakakhulu kuJehova, uMthombo wokuhlakanipha okungenamkhawulo.