Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Unomuzwa Wokuthi Uqondwa Ngokungeyikho?

Ingabe Unomuzwa Wokuthi Uqondwa Ngokungeyikho?

Ingabe Unomuzwa Wokuthi Uqondwa Ngokungeyikho?

U-ANTONIO wayekhathazekile. Engalindele futhi ngaphandle kwesizathu, umngane wakhe omkhulu uLeonardo wayengasamnaki. * Ngezinye izikhathi lapho u-Antonio embingelela wayengamphenduli, futhi uma bendawonye kwakuba sengathi kunodonga phakathi kwabo. U-Antonio waqala ukwesaba ukuthi mhlawumbe wayenzé noma wayeshó okuthile umngane wakhe ayekuqonde ngokungeyikho. Kodwa kwakungaba yini?

Ukungaqondi kahle kuvamile. Okuningi akusho lutho futhi kulungiseka kalula. Okunye kungakhungathekisa kakhulu, ikakhulu lapho imibono enganembile iqhubeka naphezu kwayo yonke imizamo yokuyisusa. Kwenziwa yini ukungaqondi kahle? Kubathinta kanjani abantu abahilelekile? Yini ongayenza uma abanye bekuqonda kabi okuthile okwenzayo? Ingabe kona kunendaba ngempela ukuthi abanye bacabangani ngawe?

Iqiniso Elingenakubalekelwa

Njengoba abanye abantu bengenakuyifunda imicabango nezinhloso zethu, ngezinye izikhathi kuyoba nothile othatha amazwi noma izenzo zethu ngendlela engeyona. Kuningi okungabangela ukungaqondi kahle. Ngezinye izikhathi, asikuvezi ngokucacile nangokunembile lokho esikucabangayo. Umsindo nezinye iziphazamiso kungase kwenze kube nzima kwabanye ukusilalelisisa.

Imikhuba ethile nezindlela zokwenza nakho kungase kuqondwe kabi. Ngokwesibonelo, umuntu onamahloni angase abhekwe ngokungeyikho njengongenabungane, ongenandaba nabanye noma oziqhenyayo. Okwenzeka kumuntu esikhathini esidlule kungase kumenze asabele ngemizwelo ezimweni ezithile kunokuba asabele ngokuhluzekile. Ukuhluka kwamasiko nolimi nako kungakubangela ukungaqondi kahle. Ngaphezu kwalokhu, lapho kunemibiko enganembile nenhlebo kulula ukuba ngezinye izikhathi lokho okuthiwa kushiwo noma kwenziwe othile kuhluke kulokho lowo muntu abekuqondile. Yiqiniso, konke lokhu akubaduduzi kangako labo abanomuzwa wokuthi izinhloso zabo ziye zaqondwa kabi.

Ngokwesibonelo, engahlose lutho olubi, u-Anna wayekhulume ngokuba nogazi komngane wakhe engekho. Amazwi ka-Anna akhulunywa esebekwe ngendlela okungeyona ayeyihlosile, wayesemangala futhi edumala u-Anna lapho lowo mngane owayethukuthele esho phambi kwenqwaba yezibukeli ukuthi u-Anna unomona ngoba nakhu lowo mngane eye wanakwa othile wesilisa. Amazwi ka-Anna ayeqondwe kabi kakhulu, futhi yonke imizamo yakhe yokuqinisekisa umngane wakhe ukuthi wayengahlose lutho olubi ayiphumelelanga. Leso simo sabangela ubuhlungu obukhulu, futhi kwathatha isikhathi eside ngaphambi kokuba u-Anna akwazi ukukulungisa ngokuphelele lokho kungaqondi kahle.

Ukuthi abanye bakubheka njengomuntu onjani ngokuvamile kuxhomeke ekutheni bazibheka kanjani izinhloso zakho. Ngakho kungokwemvelo ukuphatheka kabi lapho abantu beziqonda ngokungeyikho izinhloso zakho. Ungase uthukuthele, ube nomuzwa wokuthi asikho ngempela isizathu sokuba uqondwe ngokungeyikho. Kuwe, indlela abakubheka ngayo ayinasisekelo esizwakalayo, igxeka ngokweqile noma ayilungile nakancane, futhi ingakuzwisa ubuhlungu obukhulu—ikakhulu uma uwazisa umbono walabo abakuhlaziya ngokungeyikho.

Nakuba ingase ikucasule indlela abantu abakwahlulela ngayo, kuyafaneleka ukuhlonipha imibono yabanye. Ukungakugqizi qakala lokho abanye abakucabangayo kuyangqubuzana nobuKristu, futhi asifuni neze ukuba amazwi noma izenzo zethu zilimaze abanye. (Mathewu 7:12; 1 Korinte 8:12) Ngakho ngezinye izikhathi kungase kudingeke wenze umzamo wokulungisa umbono onganembile othile anawo ngawe. Nokho, ukukhathazeka ngokweqile ngokwamukelwa akuzuzisi, kunalokho kuholela ekulahlekelweni ukuzihlonipha noma emuzweni wokungafunwa. Kakade, ukubaluleka kwakho ngempela akuxhomekile kulokho abanye abakucabangayo.

Ngakolunye uhlangothi, ungase uqaphele ukuthi ukugxekwa kwakho kunezizathu ezizwakalayo. Nalokho kungakuzwisa ubuhlungu, kodwa uma ukuvuma ngokuzithandela nangobuqotho ukungapheleli kwakho, izenzakalo ezinjalo zingakuzuzisa, zikushukumisele ukuba wenze izinguquko ezidingekayo.

Imiphumela Emibi

Ukungaqondi kahle kungase kube nemiphumela emibi kakhulu noma kungabi njalo. Ngokwesibonelo, uma uzwa umuntu ekhulumela phezulu ebanga umsindo esitolo sokudlela, ungase uphethe ngokuthi mhlawumbe uyiqhalaqhala noma ungunontandakubukwa. Kungenzeka unephutha. Mhlawumbe umuntu akhuluma naye unenkinga yokuzwa. Noma, mhlawumbe umthengisi wasesitolo angase abonakale engenamusa, kodwa kungenzeka ukuthi akaphathekile kahle. Nakuba lokho kungaqondi kahle kuholela emibonweni engemihle, cishe ngeke kube nemiphumela emibi kakhulu noma ehlala njalo. Nokho, ngezinye izikhathi ukungaqondi kahle kungabangela inhlekelele. Cabanga ngezigigaba ezimbili emlandweni wakwa-Israyeli wasendulo.

Lapho kufa uNahashi, inkosi yakwa-Amoni, uDavide wathumela izithunywa ukuba ziyoduduza indodana yakhe uHanuni, owayeseqale ukubusa esikhundleni sikayise. Nokho, ukufika kwalezi zithunywa kwabhekwa ngokungeyikho njengokuwukuhlola izwe labakwa-Amoni ngenhloso yokuhlasela, kwabangela ukuba uHanuni aqale ahlazise izithunywa abese elwa no-Israyeli. Ngenxa yalokho, kwafa abantu abangaphezu kuka-47 000—ngenxa nje yokuqondwa kabi kwezinhloso ezinhle.—1 IziKronike 19:1-19.

Ngaphambili emlandweni wakwa-Israyeli, okunye ukungaqondi kahle kwakuxazululwe ngendlela ehluke kakhulu. Isizwe sakwaRubeni nesakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase zakha i-altare obala ngaseMfuleni iJordani. Lezi ezinye izizwe zakwa-Israyeli zabheka lokhu njengesenzo sokungathembeki, njengokuhlubuka kuJehova. Ngakho zabuthana zalungela impi. Ngaphambi kokuthatha izinyathelo ezinqala, la ma-Israyeli athumela izithunywa zayobika ngentukuthelo ebangelwe yilokhu okubhekwa njengesenzo sokungathembeki. Kwasiza lokho, ngoba abakhi be-altare baphendula bathi babengahlose kuhlubuka ekukhulekeleni okumsulwa. Kunalokho, i-altare lalizoba yisikhumbuzo sokwethembeka kwabo kuJehova. Lokhu kungaqondi kahle ngabe kwabangela ukuchitheka kwegazi eliningi, kodwa ukuhlakanipha kwabangela ukuba igwenywe imiphumela emibi enjalo.—Joshuwa 22:10-34.

Cacisa Izinto Ngomoya Wothando

Ukuqhathanisa lokhu kulandisa kuyafundisa. Kusobala ukuthi ukucacisa inkinga kuwukuhlakanipha. Esenzakalweni esisanda kukhuluma ngaso, kwazi bani ukuthi kwasinda abantu abangaki ngenxa nje yokuthi izinhlangothi ezimbili zakhuluma? Ezimweni eziningi, uma ungaziqondi kahle izinhloso zangempela zomuntu othile ngeke lokho kubeke ukuphila kwabantu engozini, kodwa kungabubeka ubungane engozini. Ngakho uma unomuzwa wokuthi othile uye wakuphatha ngokungafanele, ingabe uyaqiniseka ukuthi wena uziqonda ngendlela eziyiyo ngempela izinto, noma ingabe uzithatha ngokungeyikho? Besiyini isisusa salowo muntu? Mbuze. Ingabe uzizwa uqondwa ngokungeyikho? Khuluma ngako. Ungavumeli ukuqhosha kukuvimbe.

UJesu wanikeza isisusa esihle kakhulu sokuxazulula ukungaqondi kahle: “Khona-ke, uma uletha isipho sakho e-altare bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, shiya isipho sakho lapho phambi kwe-altare, uhambe; okokuqala yenza ukuthula nomfowenu, khona-ke, lapho usubuyile, unikele ngesipho sakho.” (Mathewu 5:23, 24) Ngakho into efanelekile ukuya kulowo muntu ngasese, ungafaki abanye. Ngeke kusize uma lowo owonile ezwa ngabanye kuqala ngesikhalo sakho. (IzAga 17:9) Umgomo wakho kufanele kube ukubuyisana ngomoya wothando. Ngesizotha, chaza inkinga ngamazwi acacile, aqondile nangagxeki. Chaza ukuthi lesi simo sikwenza uzizwe kanjani. Yibe usulalela umbono walona omunye ngomqondo ovulekile. Ungaxhamazeli uzitshele ukuthi ubenezisusa ezimbi. Zimisele ukukholelwa ukuthi akanazisusa ezimbi. Khumbula, uthando “lukholelwa yizo zonke izinto.”—1 Korinte 13:7.

Yebo, ngisho nalapho ukungaqondi kahle sekuxazululiwe, kungenzeka kusekhona ukuphatheka kabuhlungu noma imiphumela emibi ehlala isikhathi eside. Yini engenziwa? Lapho kudingeka, ukuxolisa ngobuqotho kuyafaneleka impela, kanye nanoma yini enye engase yenziwe ukuze kulungiswe indaba. Kuzo zonke izimo ezinjalo, lowo ophathwe kabuhlungu uyobe wenza kahle ngokulandela iseluleko esiphefumulelwe: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani. Kodwa, ngaphezu kwazo zonke lezizinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.”—Kolose 3:13, 14; 1 Petru 4:8.

Uma nje singakapheleli, kuyoba khona ukungaqondi kahle nokuphatheka kabuhlungu. Noma ubani angalenza iphutha noma akhulume ngendlela ezwakala inokungacabangeli noma ingenawo umusa. IBhayibheli lithi: “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi. Uma noma ubani engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda ephelele, ekwazi ukulawula nomzimba wayo wonke ngokungathi ngetomu.” (Jakobe 3:2) Njengoba uJehova uNkulunkulu ekwazi kahle lokhu, uye wasinika lezi ziqondiso: “Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula. Ungabeki inhliziyo yakho emazwini onke akhulunywayo, funa uzwe inceku yakho ikuthuka, ngokuba kaninginingi inhliziyo yakho iyazi ukuba nawe ubathukile abanye.”—UmShumayeli 7:9, 21, 22.

“UJehova Ulinganisa Izinhliziyo”

Kuthiwani uma kubonakala kungenakwenzeka ukuba ulungise umbono omubi othile anawo ngawe? Ungadikibali. Qhubeka uhlakulela futhi ubonisa izimfanelo zobuKristu ngangokusemandleni akho. Cela uJehova akusize uthuthukise lapho kudingeka khona. Ngokuyinhloko, ukubaluleka kwakho kwangempela njengomuntu akunqunywa abanye abantu. NguJehova kuphela okwazi ‘ukulinganisa izinhliziyo’ ngokunembile. (IzAga 21:2) Ngisho noJesu abantu babemthatha njengongelutho futhi bemeya, kodwa lokho akuyithonyanga indlela uJehova ayembheka ngayo. (Isaya 53:3) Nakuba abanye bengase bakwahlulele ngokungeyikho, ‘ungathulula inhliziyo yakho’ kuJehova, uqiniseka ukuthi uyakuqonda, “lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.” (IHubo 62:8; 1 Samuweli 16:7) Uma uphikelela ekwenzeni okuhle, ngokuhamba kwesikhathi labo abaye baba nombono omubi ngawe bangase baqaphele ukuthi basephutheni futhi bawushintshe umbono wabo.—Galathiya 6:9; 2 Thimothewu 2:15.

Uyamkhumbula u-Antonio, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesi sihloko? Waqunga isibindi walandela iseluleko esingokomBhalo, wakhuluma nomngane wakhe uLeonardo, wambuza ukuthi wayenzeni lena emcasulile. Waba yini umphumela? ULeonardo waswela ukuthi uzothini. Waphendula wathi u-Antonio wayengenzanga noluncane olumcasulayo futhi wamqinisekisa ukuthi wayengaqondile ukumphatha ngendlela ehlukile ngandlela-thile. Uma ayebonakala engenabungane, mhlawumbe wayesuke emane ezicabangela okuthile. ULeonardo waxolisa ngokuthi wayemphathe kabuhlungu umngane wakhe engahlosile futhi wambonga ngokumazisa ngale ndaba. Wanezela ukuthi ngesikhathi esizayo uyoqaphela kakhudlwana ukuze anganikezi umbono ofanayo kwabanye. Udonga olwalukade luphakathi kwabo lwavele lwanyamalala, futhi baphinda baba abangane abakhulu njengakuqala.

Akumnandi neze ukuzizwa uqondwa ngokungeyikho. Nokho, uma uthatha zonke izinyathelo ongazithatha ukuze ucacise indaba futhi usebenzise izimiso ezingokomBhalo zothando nokuthethelela, kungenzeka kakhulu ukuthi nawe uyothola imiphumela emihle njengo-Antonio.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Amanye amagama ashintshiwe kulesi sihloko.

[Izithombe ekhasini 23]

Ukucacisa izinto ngomoya wothando nokuthethelela kungaholela emiphumeleni ejabulisayo