Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ENdiya—“Ubunye Phakathi Kokuhlukahluka”

ENdiya—“Ubunye Phakathi Kokuhlukahluka”

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

ENdiya—“Ubunye Phakathi Kokuhlukahluka”

AMAZWI athi “Ubunye Phakathi Kokuhlukahluka” ayisiqubulo esithandwayo esisetshenziselwa ukuchaza ukuhlangana kwezizwe ezingafani eNdiya. Ukufinyelela ubunye akuyona into encane kuleli zwe elikhulukazi nelinokuhlukahluka okukhulu emasikweni, izilimi, inkolo, imisuka yobuzwe, indlela yokugqoka nokudla. Nokho, ubunye obunjalo buyabonakala ehhovisi labaphathi loFakazi BakaJehova eNdiya, yize izisebenzi zokuzithandela ezihlala futhi zisebenze khona zivela ezifundazweni nasezifundeni eziningi futhi zikhuluma izilimi eziningi ezihlukahlukene.

• Ake sixoxe ngoRajrani—owesifazane osemusha wasePunjab, lé enyakatho-ntshonalanga yelaseNdiya. Lapho uRajrani esesesikoleni, omunye wababefunda naye waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Le ntombazanyana yazama ukuvusa isithakazelo sikaRajrani ngeBhayibheli. Njengoba lo mfundi ayengasazi kahle isiNgisi futhi INqabayokulinda ingatholakali ngesiPunjabi ngaleso sikhathi, wacela uRajrani ukuba amsize amhumushele okwakushiwo umagazini. Lokho uRajrani ayekufunda kuyi-Nqabayokulinda kwaqala ukumthinta ngokujulile kangangokuthi naphezu kokuphikisa kwabazali bakhe, wathuthuka waze wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova uNkulunkulu. Njengoba manje ekhonza eBethel yaseNdiya, wenza yona kanye le nto eyavula amehlo akhe ukuze abone iqiniso. Uhumushela izincwadi zobuKristu olimini lwesiPunjabi!

• Cabanga nangoBijoe, ovela kwenye ingxenye yeNdiya—esifundazweni saseKerala esiseningizimu-ntshonalanga. UBijoe waxoshwa esikoleni esiphakeme ngenxa yokungathathi hlangothi emkhosini wokushisekela ubuzwe. Ngemva kwecala elaqulwa isikhathi eside enkantolo nelaphetha ngokunqoba okuyingqopha-mlando kokukhulekela okumsulwa, uBijoe waphindela esikoleni. * Wabe eseya ekolishi. Nokho, ukuziphatha okubi okwakulapho kwawukhathaza unembeza wakhe, ngakho wayeka ezinyangeni zokuqala. Manje ngemva kweminyaka eyishumi eseBethel, unomuzwa wokuthi uye wazuza kakhulu ngokuba yilungu lomkhaya waseBethel onokuhlukahluka kodwa onobunye ngaphezu kwalokho ayeyokuzuza ngokuphishekela imfundo ephakeme.

• UNorma noLily bobabili baneminyaka engaphezu kuka-70 ubudala futhi sebeneminyaka eminingi bengabafelokazi. Ngamunye wabo usehlanganise iminyaka engaphezu kwengu-40 esenkonzweni yesikhathi esigcwele. ULily useneminyaka engu-20 esebenza egatsheni njengomhumushi wolimi lwesiTamil. UNorma wafika eBethel eminyakeni engu-13 edlule ngemva kokuba eshonelwe ngumyeni wakhe. Ngaphezu kokuba yizibonelo ezinhle njengezisebenzi ezikhuthele neziqotho, banethonya eliqinisa ubunye bawo wonke umkhaya waseBethel. Bayakuthanda ukubungaza izivakashi, futhi bayakujabulela ukuba kanye namalungu asemasha omkhaya, baxoxe ngezinjabulo zokuphila kobuKristu kweminyaka eminingi. Nabasha babamemela ezindlini zabo ukuze bajabulele ubudlelwane futhi babasize lapho kudingeka. Bayizibonelo ezinhle ngempela!

Njengoba ziye zanqoba ukungafani okubangela izingxabano nokungezwani ezindaweni eziningi, lezi zisebenzi zokuzithandela zisebenza ndawonye ngenjabulo zikhonza njengamalungu omkhaya onobunye waseBethel yaseNdiya.—IHubo 133:1.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 Bheka INqabayokulinda ka-November 1, 1987, ikhasi 21.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]

Background: Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.