Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokuphila Ngokwamandla Akho

Indlela Yokuphila Ngokwamandla Akho

AKE sithi unikwe itshali okumelwe ulembathe lapho ulele. Yini obungayenza ukuze uzimboze umzimba wonke ungambuleki? Ukuze ufudumale kungadingeka uzigoqe futhi ufinyele.

Eqinisweni, yilokho okushiwo ukuphila ngokwamandla akho. Umholo wakho ungafaniswa netshali. Izindleko zakho zingafaniswa nezinyawo nezandla eziphumela ngaphandle kwetshali uma ungazifinyezi. Inselele obhekene nayo iwukuba ungavumeli izindleko zakho zibe ziningi ukwedlula umholo wakho.

Nakuba leli qiniso eliyisisekelo lizwakala lilula, ukwenza lokhu nokuthola izinzuzo zako kungenye indaba. Abantu bebengagwema izinkinga eziningi zemali ukube nje bebelwela ukulandela lokhu. Kungenziwa kanjani lokhu? Singazitholaphi iziqondiso ezisebenza ngempela? IBhayibheli liwumthombo owusizo kule ndaba. Ake sihlole izinto ezimbalwa elizishoyo.

Izimiso ZeBhayibheli Eziyokusiza

IBhayibheli liqukethe izimiso eziningi ezisebenzayo ezingakusiza ukuba uyisebenzise kahle imali yakho. Sizoxoxa ngezimbalwa zazo. Sicela ukuba uzihlole, ubone ukuthi awuvumi yini ukuthi zingakusiza ukuba uphile ngokwamandla akho.

Yiba nohlelo lokusebenzisa imali.

Ukuze ukwazi ukuyiphatha kahle imali kumelwe wazi ukuthi ingakanani oyitholayo nokuthi uyisebenzisa kuphi. IBhayibheli lithi: “Amacebo okhuthele ayamzuzisa, kodwa noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.” (IzAga 21:5) Ukuze bayicaze kahle imali, abanye basebenzisa izimvilophu. Imvilophu ngayinye iba nemali yokukhokha izindleko ezihlukahlukene, ngokwesibonelo, kulezo zimvilophu kungase kubhalwe ukuthi “Ukudla,” “Amanzi Nogesi” noma “Izimpahla Zokugqoka.” Kungakhathaliseki ukuthi usebenzisa le ndlela elula noma enye ethuthuke kakhudlwana, okubalulekile ukwazi ukuthi imali uyisebenzisa kuphi. Ngaso sonke isikhathi qala ngezinto eziyizidingo, hhayi ozifunayo nezingabalulekile ngempela.

Gwema ukuhaha.

Abantu abaningi emazweni asathuthuka balangazelela ukuba nezinto abantu abasemazweni asethuthukile abanazo. Abaningi bayalingeka futhi bazithole sebefuna izinto omakhelwane babo ababukisa ngakho. Lokho kungakufaka ogibeni ngoba kungenzeka ukuthi nabo omakhelwane bakho basezikweletini ngenxa yalezo zinto. Musa ukulandela umuntu owenza ngobuwula funa nawe uzithole usungene ezinkingeni zemali. IBhayibheli liyaxwayisa: “Umuntu oneso elihahayo ugijimisa ingcebo, akazi ukuthi ukuswela kuyomfica.”—IzAga 28:22, The Jerusalem Bible.

 Gcina ukuphila kwakho kulula.

UJesu weluleka abalandeli bakhe ukuba bagcine iso labo “lilihle.” (Mathewu 6:22) Ukukhetha ukuthenga izibhukabhuka zenyama kuyilapho amandla akho ekuvumela ukuba uthenge isaka lamazambane kungakuholela kalula ezinkingeni zemali. Umbiko we-Asian Development Bank uthi abantu basePhilippines abacishe babe amaphesenti angu-75 nabaseNdiya abangaphezu kwamaphesenti angu-50, baphila ngomholo omncane kakhulu kunalowo odingekayo ukuze baphile, okungu-R9,80 ngosuku. Uma abantu behola imali encane kangaka, kuwukuhlakanipha ukugxila ezintweni eziyisisekelo. Nokho, lesi simiso singabasiza nabantu basemazweni acebile ukuba bangangeni ezinkingeni zemali.

Yaneliswa yizinto eziyisisekelo.

Lokhu kuvumelana neseluleko sokugcina ukuphila kwakho kulula. IBhayibheli linikeza lesi seluleko kweyoku-1 Thimothewu 6:8: “Uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.” Abanye babantu abajabule kakhulu emhlabeni abanayo imali engako; yize kunjalo, baneliswa yilokho abanakho, okuhlanganisa uthando lomndeni nabangane, hhayi izinto ezibonakalayo kuphela.—IzAga 15:17.

Gwema ukuzifaka ezikweletini ezingadingekile.

Yeka ukuthi la mazwi eBhayibheli ayiqiniso kanjani: “Ocebile nguye obusa phezu kwabanokuncane, nobolekayo uyinceku yomuntu obolekisayo”! (IzAga 22:7) Nakuba zikhona izimo lapho kungase kubonakale kungenakwenzeka ukugwema isikweletu, labo abavele bazifake ezikweletini ezingadingeki ngokuthenga noma yini abayifunayo bayozithola sebengene shí ezikweletini. Amathuba alokhu aba maningi uma kuthengwa ngamakhadi ezikweletu. Umagazini i-Time wathi: “Sinele siliphathe nje ikhadi, bese sivele sifuna ukuthenga noma yini ngokungacabangi.” U-Eric, ohlala ePhilippines, uthi: “Uma ngisebenzisa ikhadi lesikweletu ngivame ukuthenga izinto eziningi kunalezo engizithenga uma ngiphethe imali. Uhlelo lwami lwemali luyaphazamiseka uma sekudingeka ngikhokhe leso sikweletu.” Yeka indlela okuwukuhlakanipha ngayo ukuba oqaphelayo lapho uthenga ngesikweletu!—2 AmaKhosi 4:1; Mathewu 18:25.

Yonga imali ngaphambi kokuthenga.

Nakuba kungase kubonakale kuyisidala, empeleni ukonga imali ngaphambi kokuthenga kuyindlela ehlakaniphe kakhulu yokuzigcina ukude nezinkinga zemali. Ukwenza kanjalo kuphephisa abaningi ezikweletini nasezinsizini ezihambisana nazo, ezinjengokukhokha izintela eziphakeme, nazo ezenezeleka kuzo zonke izinto umuntu azithengayo. IBhayibheli lichaza intuthwane ‘njengehlakaniphile’ ngoba “ibutha ukudla kwayo ngesikhathi sokuvuna” ukuze ibekelele ikusasa.—IzAga 6:6-8; 30:24, 25.

‘Siyahlela ukuthi sizosebenzisa malini’

Ukufunda Kwabanye

Zonke izeluleko eziseBhayibhelini esisanda kuxoxa ngazo zingase zizwakale zinengqondo, kodwa ingabe ziyabasiza ngempela abantu ukuba baphile ngokwamandla abo? Ake sizwe lokho okuye kwashiwo abathile abazilalela lezi zeluleko futhi bakwazi ukusingatha izinkinga zemali ngokuphumelelayo.

UDiosdado, ubaba wezingane ezine, uyavuma ukuthi ukuwohloka kwesimo somnotho kwamuva kuye kwenza kwaba nzima ngaye ukondla umndeni wakhe. Noma kunjalo, uyakubona ukubaluleka kokuba nohlelo lokusebenzisa  imali. Uthi: “Ngiyahlela ukuthi yonke imali engiyiholayo ngizoyisebenzisa kanjani.” UDanilo naye usebenzisa indlela efanayo. Yena nomkakhe bawelwa yibhizinisi labo elincane. Nokho, uhlelo lokusebenzisa imali lubasiza ukuba bakwazi ukukhokha zonke izinto ezidinga ukukhokhelwa. Uthi: “Siyayazi imali engenayo inyanga ngayinye futhi siyayazi ephumayo. Ukwazi lokho kusisiza ukuba sihlele kahle ukuze sazi ukuthi sizosebenzisa malini.”

‘Kunokuhamba ngezinto zomphakathi lapho siya emihlanganweni yobuKristu, sesihamba ngezinyawo’

Ukuze banamathele ohlelweni lokusebenzisa imali, abanye baye bathola ukuthi kuyasiza ukunciphisa izinto abasebenzisa kuzo imali. UMyrna, umfelokazi onezingane ezintathu, uthi: “Kunokuba sihambe ngezinto zomphakathi lapho siya emihlanganweni yobuKristu, mina nezingane zami sesihamba ngezinyawo.” UMyrna uye wenza umzamo wokusiza izingane zakhe ukuba zifunde ukubaluleka kokuphila ukuphila okulula. Uthi: “Ngiye ngazama ukuba yisibonelo esihle endabeni yokusebenzisa isimiso esikweyoku-1 Thimothewu 6:8-10, esibonisa ukubaluleka kokwaneliswa yilokho onakho.”

UGerald, ubaba wezingane ezimbili, naye wenza okufanayo. Uthi: “Phakathi nesifundo seBhayibheli sasekhaya sixoxa ngamaKristu agxile ezintweni ezibaluleke ngempela, izinto eziphathelene noNkulunkulu. Imiphumela yalokho iyasijabulisa ngoba izingane zethu azisiceli izinto ezingabalulekile ngempela.”

‘Ngiyakugwema ukuthenga ngingahlelile’

UJanet akashadile futhi ukhonza njengesisebenzi sokuzithandela esifundisa iBhayibheli ePhilippines. Muva nje ulahlekelwe umsebenzi kodwa uyaqhubeka ephila ngokwamandla akhe. Uthi: “Ngiyazithiba futhi ngihlela izinto kusengaphambili. Esikhundleni sokuya ezitolo ezibizayo, ngiya ezitolo ezinamanani aphansi. Kungani nje kufanele ngikhokhe kakhulu kuyilapho ngingazithola izindawo ezingambi eqolo? Ngiyakugwema nokuthenga ngingahlelile.” UJanet uyakubona ukuhlakanipha kokonga imali ngaphambi kokuthenga noma yini ayifunayo. Uthi: “Uma kwenzeka ngizithola nginemadlana eyengeziwe, ngisho noma ingaba ncane kangakanani, ngiyayonga ukuze ngikwazi ukuba nokuthile uma kwenzeka kuvela izindleko ezingalindelekile.”

Mayelana namakhadi okuthenga ngesikweletu, u-Eric, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uthi: “Ngiye ngizame ukungalisebenzisi ikhadi lami kungadingekile, ngaphandle kwalapho kunezimo eziphuthumayo.” UDiosdado uyavuma: “Ukuze ngingazitholi sengilingeka, ngivame ukulishiya ehhovisi ikhadi lami lokuthenga ngesikweletu.”

Ungakwazi Ukuphila Ngokwamandla Akho

Yebo, abaningi bathola ukuthi nakuba iBhayibheli liyincwadi egxile ngokuyinhloko ezindabeni ezikhuluma ngoNkulunkulu, lisifundisa nezindlela zokuphila ukuphila okuhle. (IzAga 2:6; Mathewu 6:25-34) Ngokusebenzisa izeluleko zalo okuxoxwe ngazo kulesi sihloko nangokufunda kwabanye abaye bazuza kuzo, nawe ungakwazi ukuphila ngokwamandla akho. Uma wenza kanjalo, uyosinda ezinsizini nasekucindezelekeni okuningi okukhungethe izigidigidi namuhla.