Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungazilungiselela manje ukuphila ezweni elingcono kakhulu elizofika maduze

Umhlaba Omusha OyiPharadesi Oseduze!

Umhlaba Omusha OyiPharadesi Oseduze!

UNkulunkulu wadala umhlaba ukuze abantu abalungile baphile kuwo phakade. (IHubo 37:29) Wabeka indoda yokuqala nomkayo, u-Adamu no-Eva, engadini enhle yase-Edeni, wanika bona nenzalo yabo umsebenzi wokulima umhlaba nokuwunakekela.—Genesise 1:28; 2:15.

Umhlaba namuhla awulona nhlobo iPharadesi uNkulunkulu ayefuna ukuthi ube yilo. Noma kunjalo, uNkulunkulu akawushintshanga umqondo. Uzoyifeza kanjani injongo yakhe yasekuqaleni ngomhlaba? Njengoba izihloko ezidlule zibonisile, uNkulunkulu ngeke abhubhise umhlaba ngokwawo. Kunalokho, uzovumela abantu abathembekile ukuba bahlale kuwo. Zizoba njani izimo emhlabeni lapho uNkulunkulu egcwalisa izithembiso zakhe?

Uhulumeni ozobusa umhlaba wonke

Maduze, lapho uhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini usubusa sonke isintu, umhlaba uzoba indawo ejabulisayo, lapho abantu bengaphila khona ndawonye ngobunye futhi benze umsebenzi omuhle nowanelisayo. UNkulunkulu umise uJesu Kristu ukuba abuse phezu komhlaba. Ngokungafani nababusi abaningi namuhla, uJesu uzokhathalela umuntu ngamunye ngokusuka enhliziyweni. Ukubusa kwakhe kuzobe kusekelwe othandweni futhi uzoba iNkosi enomusa, enesihe nengakhethi.—Isaya 11:4.

Abantu kuwo wonke umhlaba bazoba nobunye

Umphakathi womhlaba omusha ngeke uhlukaniswe ubuzwe noma uhlanga. Abantu bazoba nobunye. (IsAmbulo 7:9, 10) Bonke abantu abahlala emhlabeni bazothanda uNkulunkulu nomakhelwane babo futhi bazosebenza ngobunye nangokuthula ukuze bafeze injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni yokunakekela ikhaya labo eliwumhlaba.—IHubo 115:16.

Abantu bazoyinakekela imvelo

Lapho uMbuso kaNkulunkulu usubusa umhlaba, uMdali uzosilawula ngokuphelele isimo sezulu, asigcine sisebenza ngendlela efanele. (IHubo 24:1, 2) Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabonisa lokho akwazi ukukwenza ngamandla ayewanikwe uNkulunkulu ngokuthulisa kalula nje isiphepho esethusayo. (Marku 4:39, 41) Ngaphansi kokubusa kukaKristu, akukho muntu ozoba nanoma yisiphi isizathu sokwesaba izinhlekelele zemvelo. Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu sizohlala ngokuthula nezilwane futhi ngeke siphinde sicekele phansi indawo esihlala kuyo.—Hoseya 2:18.

Impilo enhle nenala yokudla

Bonke abantu bazoba imiqemane. Akukho muntu ozogula, aguge noma afe. (Isaya 35:5, 6) Abantu bazojabulela ukuphila endaweni enhle nehlanzekile, enjengaleyo abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, ababehlala kuyo engadini yase-Edene. Njengase-Edene, emhlabeni omusha umhlabathi uzokhiqiza inala yokudla futhi bonke abantu abahlala emhlabeni bazoba nokudla okuningi. (Genesise 2:9) Njengo-Israyeli, isizwe sikaNkulunkulu sasendulo, bonke abantu ePharadesi ‘bayodla isinkwa [sabo] baze baneliseke.’—Levitikusi 26:4, 5.

Ukuthula nokulondeka kwangempela

Ngaphansi kukahulumeni kaNkulunkulu womhlaba wonke, bonke abantu bazojabulela ukuthula futhi bazophathana ngomusa nangendlela efanayo. Izimpi zizobe zingasekho nokusebenzisa kabi amandla okubusa futhi ngeke sisazikhandlekela izinto esizidingayo ukuze siphile. IBhayibheli lithembisa ukuthi “bayohlala kube yilowo nalowo ngaphansi kwesihlahla sakhe samagilebhisi nangaphansi kwesihlahla sakhe somkhiwane, akekho oyobenza besabe.”—Mika 4:3, 4.

Izindlu ezanele nemisebenzi eyanelisayo

Yonke imindeni izoba nemizi futhi ihlale kuyo ngaphandle kokwesaba ukuthi ukhona ongayisusa futhi wonke umsebenzi esizobe siwenza uzosijabulisa. Njengoba iBhayibheli lisho, labo abazophila ezweni elisha likaNkulunkulu “ngeke bakhandlekele ize” noma basebenzele ubala.—Isaya 65:21-23.

Imfundo esezingeni eliphezulu

IBhayibheli lithembisa ukuthi “nakanjani umhlaba uyogcwala ulwazi ngoJehova.” (Isaya 11:9) Abantu abazobe bephila ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu bazofunda ekuhlakanipheni okungapheli koMdali wabo, uJehova, nangezinto ezinhle azidalile. Ngeke basebenzise ulwazi abanalo ukuze benze izikhali noma balimaze abanye abantu. (Isaya 2:4) Kunalokho, bazofunda ukuthi bangaphilisana kanjani ngokuthula futhi bangawunakekela kanjani umhlaba.—IHubo 37:11.

Ukuphila okungapheli

UNkulunkulu wawulungiselela ngokukhulu ukucophelela umhlaba ukuze sikujabulele ngokugcwele ukuphila kuwo nsuku zonke. Uhlose ukuba abantu baphile emhlabeni phakade. (IHubo 37:29; Isaya 45:18) Ukuze afeze injongo yakhe yasekuqaleni, uNkulunkulu “uyogwinya ukufa kuze kube phakade.” (Isaya 25:8) IBhayibheli lithembisa ukuthi “ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:4) UNkulunkulu uzonikeza bonke abantu ithuba lokuphila phakade, okuhlanganisa abantu abasindisile lapho ebhubhisa abantu ababi kanye nenani elingenakubalwa labantu abazovuselwa emhlabeni.—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.

Ngisho kwamanje, izigidi zabantu emhlabeni wonke zizilungiselela isiqalo esisha esiseduze. Nakuba zinesono, seziyazama kakade ukuba uhlobo lwabantu uNkulunkulu alufunayo emhlabeni wakhe omusha. Kanjani? Ngokufunda ngoJehova uNkulunkulu nangalowo amthumile uJesu Kristu.—Johane 17:3.

Thola ukuthi ungasinda kanjani esiphelweni saleli zwe futhi uphile ezweni elingcono kakhulu elizofika maduze. Ungafunda mahhala iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova ngencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!