Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zama ukuqonda ukuthi yiluphi usizo olungokoqobo, ukusekela okungokomzwelo noma isikhuthazo esivela eBhayibhelini abafowenu nodadewenu abakudingayo

Ungakwazi Yini Ukusiza Ebandleni Lakini?

Ungakwazi Yini Ukusiza Ebandleni Lakini?

NGAPHAMBI kokuba abuyele ezulwini, uJesu watshela abafundi bakhe: ‘Nizoba ofakazi bami kuze kube sezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.’ (IzEnzo 1:8) Bekungenzeka kanjani ukuba bashumayele emhlabeni wonke?

UMartin Goodman, onguprofesa eNyuvesi Yase-Oxford, uthi “njengoba amaKristu ayazi ukuthi athunyiwe ahluka kwamanye amaqembu enkolo, kuhlanganise namaJuda, embusweni wasendulo waseRoma.” UJesu wahamba izindawo ezihlukahlukene eshumayela. AmaKristu eqiniso kwakudingeka alingise isibonelo sakhe, ashumayele “izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu” kuyo yonke indawo. Kwakudingeka afune abantu abafuna ukwazi iqiniso. (Luka 4:43) Yingakho ngekhulu lokuqala, ‘kwakunabaphostoli,’ okuyigama elisho labo abathunyelwe ukuyokwenza okuthile. (Marku 3:14) UJesu wayala abalandeli bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.”—Mathewu 28:18-20.

Abaphostoli bakaJesu abangu-12 abasekho emhlabeni, kodwa izinceku eziningi zikaJehova zilingisa isibonelo sabo enkonzweni. Lapho zimenyelwa ukuyoshumayela lapho kunendingeko enkulu khona, zithi: “Nangu mina! Thuma mina.” (Isaya 6:8) Ezinye ziye zathuthela emazweni akude, njengezinkulungwane eziye zaphothula eSikoleni SaseGileyadi. Ezinye ziye zathuthela kwezinye izindawo ezisemazweni azo. Eziningi ziye zafunda olunye ulimi ukuze zisize ibandla noma iqembu. Akubanga lula ngaso sonke isikhathi, kodwa bonke laba bafowethu nodadewethu babezimisele ukuzidela ukuze babonise indlela abamthanda ngayo uJehova nabanye abantu. Ngakho bahlela ngokucophelela futhi basebenzisa isikhathi sabo, amandla nemali yabo ukuze basize ekushumayeleni lapho kunendingeko enkulu khona. (Luka 14:28-30) Lokhu okwenziwa yilaba bafowethu nodadewethu kuwusizo kakhulu.

Akuthina sonke esingakwazi ukuthuthela lapho kunendingeko enkulu khona noma sifunde olunye ulimi. Kodwa sonke singaba njengezithunywa zevangeli emabandleni esikhonza kuwo.

YIBA ISITHUNYWA SEVANGELI EBANDLENI LAKINI

Yiba usizo

Ekhulwini lokuqala, amaKristu ayeshiseka emsebenzini wokushumayela nakuba iningi lawo laqhubeka lihlala ezindaweni elalivele lihlala kuzo futhi lingezona izithunywa zevangeli. UPawulu watshela uThimothewu: ‘Yenza umsebenzi womvangeli, uyifeze ngokugcwele inkonzo yakho.’ (2 Thimothewu 4:5) La mazwi ayesebenza kumaKristu okuqala, futhi asasebenza nakithi namuhla. Wonke amaKristu kumelwe alalele umyalo wokushumayela izindaba zoMbuso futhi enze abafundi. Ngisho nasemabandleni ethu, ziningi izindlela esingafana ngazo nezithunywa zevangeli.

Ngokwesibonelo, lapho izithunywa zevangeli zithuthela kwelinye izwe, zithola izinto zihluke kakhulu, futhi kudingeke zithole izindlela zokuzivumelanisa nendlela entsha yokuphila. Ngisho nalapho singenakuthuthela endaweni enendingeko enkulu, singakwazi yini ukuthola izindlela ezintsha zokushumayela kubantu? Ngokwesibonelo, ngo-1940, abafowethu baqale bakhuthazwa ukuba bashumayele emgwaqweni usuku olulodwa isonto ngalinye. Ingabe uke wazama ukushumayela emgwaqweni? Uke wayisebenzisa yini inqola yezincwadi? Iphuzu liwukuthi: Uzimisele yini ukuzama izindlela ezintsha zokushumayela izindaba ezinhle?

Ngokukhuthaza abanye ukuba ‘benze umsebenzi womvangeli’

Uma unesimo sengqondo esihle, uyoyishisekela inkonzo futhi uyenze ngomdlandla. Ngokuvamile, labo abathuthela lapho indingeko inkulu khona noma abafunda olunye ulimi kusuke kungabamemezeli abafaneleka kakhudlwana futhi bangaba usizo olukhulu ebandleni. Ngokwesibonelo, bayahola emsebenzini wokushumayela. Izithunywa zevangeli nazo zivame ukuhola ebandleni kuze kube yilapho abafowethu bakuleyo ndawo bekufanelekela ukwenza kanjalo. Uma ungumzalwane obhapathiziwe, ingabe ‘uyazama ukufinyelela,’ okungukuthi, ingabe uzimisele ukukhonza abafowethu nodadewethu ebandleni lakini ngokuba inceku ekhonzayo noma umdala?—1 Thimothewu 3:1.

YIBA “USIZO OLUQINISAYO”

Ngokusekela ngezindlela ezingokoqobo

Singalisiza nangezinye izindlela ibandla lakithi. Sonke, abadala nabancane, abafowethu nodadewethu, singaba “usizo oluqinisayo” kwesikholwa nabo abaswele.—Kolose 4:11.

Uma sifuna ukusiza abafowethu nodadewethu, kudingeka sibazi kangcono. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba “sicabangelane,” noma sicabange ngezidingo zabafowethu nodadewethu lapho sihlangana ndawonye. (Hebheru 10:24) Lokhu akusho ukuthi kufanele sifune ukwazi konke ngokuphila kwabanye. Kusho ukuthi kufanele sizame ukubaqonda abafowethu nodadewethu nalokho abakudingayo. Bangase badinge usizo olungokoqobo, ukusekelwa ngokomzwelo noma isikhuthazo esivela eBhayibhelini. Yiqiniso, kwezinye izimo abadala nezinceku ezikhonzayo kuphela abangakwazi ukubasiza. (Galathiya 6:1) Kodwa sonke singakwazi ukusiza abafowethu nodadewethu asebekhulile, noma wonke umndeni obhekene nezinkinga.

Ngokusekela ngokomzwelo labo abanezinkinga ekuphileni

USalvatore wathola usizo olunjalo. Ngenxa yezinkinga ezinkulu zezimali, kwadingeka athengise ibhizinisi lakhe, umuzi nezinto eziningi umndeni wakhe owawunazo. Wayekhathazeke kakhulu ngomndeni wakhe. Omunye umndeni ebandleni waqaphela ukuthi uSalvatore nomndeni wakhe babedinga usizo. Wamnika imadlana futhi wamsiza yena nomkakhe ukuba bathole umsebenzi. Wabuye wachitha isikhathi esiningi sakusihlwa namalungu omndeni kaSalvatore, uwalalela futhi uwakhuthaza. Le mindeni yaba abangane abakhulu. Manje le mindeni emibili inezinkumbulo ezimnandi zesikhathi eyasichitha ndawonye phakathi naleso sikhathi esinzima kakhulu.

AmaKristu eqiniso awanqikazi ukuxoxa ngezinkolelo zawo nabanye. Kumelwe silingise uJesu, sitshele wonke umuntu ngezithembiso zikaNkulunkulu ezimangalisayo. Kungakhathaliseki ukuthi singakwazi yini ukuthutha noma cha, sonke singenza okusemandleni ethu ukusiza abanye ebandleni lakithi. (Galathiya 6:10) Lapho sipha abanye, siyojabula futhi ‘siqhubeke sithela izithelo kuyo yonke imisebenzi emihle.’—Kolose 1:10; IzEnzo 20:35.