Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

Indalo

Indalo

Ingabe uNkulunkulu wadala umhlaba ngezinsuku eziyisithupha zamahora angu-24 njengoba kusho labo abathatha le nkulumo njengoba injalo?

“Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.”—Genesise 1:1.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UNkulunkulu wadala indawo yonke ebonakalayo kuhlanganise nomhlaba, esikhathini eside kakhulu esidlule—“ekuqaleni,” njengoba kusho uGenesise 1:1. Izazi zesayensi zanamuhla ziyavuma ukuthi indawo yonke yaba nesiqalo. Ucwaningo lwesayensi lwamuva lusikisela ukuthi indawo yonke ineminyaka engaba izigidi eziyizinkulungwane ezingu-14.

IBhayibheli libuye lichaze “izinsuku” eziyisithupha zokudala. Kodwa, alisho ukuthi lezi kwakuyizinsuku zamahora angu-24. (Genesise 1:31) Empeleni, iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “usuku” lapho libhekisela ebudeni bezikhathi obuhlukahlukene. Ngokwesibonelo, libiza yonke inkathi yokudala ngokuthi ‘usuku uJehova uNkulunkulu enza ngalo umhlaba nezulu.’ (Genesise 2:4) Kusobala ukuthi lezi “zinsuku” zokudala zaba yizinkulungwane eziningi zeminyaka.—IHubo 90:4.

OKWENZA IBALULEKE LE NDABA

Imibono eyiphutha yalabo abathatha iBhayibheli njengoba linjalo ingakwenza ungalikholelwa ngokuphelele iBhayibheli. Ngakolunye uhlangothi, uma empeleni iBhayibheli liqukethe umlando omangalisayo wendalo, usethubeni lokuzuza enqolobaneni ‘yokuhlakanipha okusebenzayo.’—IzAga 3:21.

 Ingabe uNkulunkulu wasebenzisa ukuziphendukela kwemvelo ukuze adale izinto eziphilayo emhlabeni?

“UNkulunkulu wathi: ‘Umhlaba mawuveze imiphefumulo ephilayo ngezinhlobo zayo.’”—Genesise 1:24.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UNkulunkulu akazange enze izinto eziphilayo zezinga eliphansi wabe esezivumela ukuba zithuthuke zibe yinkimbinkimbi, ngenqubo yokuziphendukela kwemvelo. Kunalokho, wadala izitshalo nezilwane ‘ezinhlobonhlobo’ eziyisisekelo, ezabe sezizalana “ngezinhlobo zazo.” (Genesise 1:11, 21, 24) Le nqubo esaqhubeka nanamuhla, iye yaphumela ekubeni umhlaba ugcwaliswe izinto eziphilayo ‘zezinhlobo’ ezifanayo nalezo uNkulunkulu ayezidalile ekuqaleni.—IHubo 89:11.

IBhayibheli alisho ukuthi zingaki izinto ezingaphuma ohlotsheni olulodwa, njengoba kungenzeka lapho izilwane zikhwelana nezinye zohlobo oluthi alufane futhi zizivumelanisa nendawo eziphila kuyo. Nakuba abanye bebheka lokho kuzivumelanisa nendawo njengengxenye yokuziphendukela kwemvelo, akukho hlobo olusha lwento ephilayo eyakhekayo. Ucwaningo lwanamuhla lusekela umbono wokuthi izinhlobo eziyisisekelo zezitshalo nezilwane ziye zashintsha kancane phakathi nenkathi ende edlule.

OKWENZA IBALULEKE LE NDABA

Ukunemba kweBhayibheli ngokwesayensi ekuchazeni ‘izinhlobo’ eziyisisekelo zezinto eziphilayo kuqinisa ukwethenjelwa kwalo nakwezinye izici, kuhlanganise nomlando walo nesiprofetho.

Zavelaphi izinto ezasetshenziselwa ukudala indawo yonke?

“Izandla zami siqu zelula amazulu.”Isaya 45:12.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UNkulunkulu unguMthombo wawo wonke amandla. (Jobe 37:23) Lokho kuyaphawuleka, ngoba ososayensi baye bathola ukuthi amandla angaguqulwa abe yinto ephathekayo. IBhayibheli lithi uNkulunkulu ngokwakhe unguMthombo ‘wamandla amakhulu’ aveza indawo yonke. (Isaya 40:26) UNkulunkulu uthembisa ukusebenzisa amandla akhe ekulondolozeni indalo yakhe, ngoba iBhayibheli lithi ngokuphathelene nelanga, inyanga nezinkanyezi: “[UNkulunkulu] ukugcina kumi phakade, kuze kube nini nanini.”—IHubo 148:3-6.

OKWENZA IBALULEKE LE NDABA

Isazi sezinkanyezi u-Allan Sandage, sake sathi: “Isayensi ayikwazi ukuphendula imibuzo ejulile. Uma ubuza ukuthi kungani kukhona into ethile esikhundleni sokuba kungabi nalutho, usuke usuyididile isayensi.” IBhayibheli aligcini ngokuchaza indalo ngendlela evumelana nesayensi kodwa futhi liphendula nemibuzo isayensi engeke ikwazi ukuyiphendula—ehlanganisa nothi, Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba nangesintu? *

^ isig. 16 Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka isahluko 3 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.