uJobe 37:1-24
37 “Manje inhliziyo yami ishaya ngamandla,Futhi iyagxuma endaweni yayo.
2 Kulaleleni ngokucophelela ukugwavuma kwezwi lakheNokuduma okuphuma emlonyeni wakhe.
3 Ulithumela ngaphansi kwawo wonke amazulu,Athumele nombani wakhe + emaphethelweni omhlaba.
4 Kube sekulandela umsindo ohlokomayo;Uduma ngezwi elikhulu, +Umbani ulokhu ubaneka lapho ekhuluma.
5 UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe + ngendlela emangalisayo;Wenza izinto ezinkulu esingenakuziqonda. +
6 Ngoba uthi eqhweni, ‘Khithika emhlabeni,’ +
Nasemvuleni enkulu, ‘Yina ngamandla.’ +
7 UNkulunkulu uqeda yonke imisebenzi yabantuUkuze wonke umuntu ofayo awazi umsebenzi waKhe.
8 Izilwane zasendle zingena emigedeni yazo,Zihlale kuyo.
9 Kufika isivunguvungu somoya +Namakhaza avela emoyeni wasenyakatho. +
10 Ngokuphefumula kukaNkulunkulu, kwakheka iqhwa, +Nezindawo eziningi ezinamanzi ziba yiqhwa. +
11 Wenza amafu asindwe umswakama;Umbani wakhe + uwusakaza emafwini;
12 Ayaphenduphenduka aye lapho ewaqondisa khona;Enza noma yini awayala ukuba ayenze + emhlabeni.
13 Kungakhathaliseki ukuthi kungenjongo yokujezisa *+ noma yokunisela umhlabaNoma ngenxa yothando oluqotho, ubangela ukuba kwenzeke. +
14 Lalela Jobe;Ake ume ucabangisise ngemisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu. +
15 Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwalawula* kanjani amafuNokuthi uwenza kanjani umbani ukuba ubanike efwini lakhe?
16 Uyazi yini ukuthi amafu ama kanjani emoyeni? +
Lena imisebenzi emangalisayo yaLowo onolwazi oluphelele. +
17 Kungani izingubo zakho zishisaKuyilapho umhlaba uzoliswa umoya oseningizimu? +
18 Ungasisabalalisa* yini kanye naye isibhakabhaka +Siqine njengesibuko sensimbi?
19 Sitshele okufanele sikusho kuye;Asikwazi ukuphendula ngoba sisebumnyameni.
20 Ngingamtshela yini uNkulunkulu ukuthi ngifuna ukukhuluma naye?
Noma ukhona yini umuntu osho okuthile okufanele kuxoxwe naye? +
21 Abakwazi nokubona ukukhanya,*Nakuba kukhanya esibhakabhakeni,Kuze kube yilapho kudlula umoya uphephule amafu.
22 Enyakatho kuvela ubukhazikhazi begolide;Ubukhulu bukaNkulunkulu + buyamangalisa.
23 Ngeke sikwazi ukuqonda uMninimandla Onke; +Unamandla amakhulu, +Futhi akalokothi ahlanekezele ubulungisa bakhe + nokulunga kwakhe okukhulu. +
24 Ngakho abantu kufanele bamesabe. +
Ngoba umelene nanoma ubani ocabanga ukuthi uhlakaniphile.” +

