Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungenzeka Yini Ukuba Nokholo KuMdali?

Kungenzeka Yini Ukuba Nokholo KuMdali?

Kungenzeka Yini Ukuba Nokholo KuMdali?

INDODA ethile eyayingakholelwa kuNkulunkulu neyashonelwa umndeni wayo wonke ngesikhathi kuqothulwa isizwe yathi: “Kwakungithukuthelisa ukucabanga ukuthi mhlawumbe ukhona uMdali onamandla okuvimbela ukuhlupheka kwabantu kodwa ongenzi lutho ngakho!” Baningi abantu abazizwa ngale ndlela.

Lapho abantu abaningi bebhekene nokuhlupheka, bakuthola kunzima ukukholelwa kuNkulunkulu; abanye baziduduza ngokuthi uNkulunkulu akekho. Yiziphi izizathu eziyinhloko ezenza abanye bangakholelwa kuNkulunkulu? Ingabe isintu singaphila kangcono ngaphandle kukaNkulunkulu noma inkolo njengoba abanye becabanga? Kungenzeka yini ukuba umuntu okholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho abe nokholo kuye?

Ukwehluleka Kwenkolo

Okuxakayo ukuthi inkolo iyimbangela eyinhloko yokungakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Isazi-mlando, u-Alister McGrath, siyachaza: “Isizathu esikhulu kunazo zonke esenza abantu bangakholelwa kuNkulunkulu ukuthi inkolo ehleliwe ayiziphathi ngendlela efanele futhi iyehluleka ezintweni eziningi.” Ngokuvamile inkolo ibhekwa njengeyimbangela yezimpi nobudlova. UMichel Onfray, isazi sefilosofi esingakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, uthi iyamxaka indlela incwadi yenkolo eyodwa engafaka ngayo ugqozi olungafani kubantu abahlukahlukene; yenze abanye “baphishekele ukuba ngabantu abanezinhliziyo ezinhle,” abanye ibenze “babe nonya”—njengamaphekula.

Kunezinto ezingemnandi abantu abaningi abazikhumbulayo ngesikhathi besasonta. Phakathi nokuqeqeshelwa kwakhe impi, uBertil, insizwa yaseSweden, wezwa umfundisi wamabutho ethethelela ubudlova ngokucaphuna isixwayiso sikaJesu esithi labo abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba. Lo mfundisi wathi kumelwe kube khona umuntu ozophatha leyo nkemba, ngakho isosha liyinceku kaNkulunkulu!—Mathewu 26:52. *

UBernadette, owafelwa uyise eFrance phakathi nempi yezwe yesibili, ukhumbula ezizwa enengwa amazwi omfundisi emngcwabeni kadadewabo oneminyaka emithathu: “UNkulunkulu uthathe le ngane ukuze iyoba ingelosi.” Kamuva uBernadette wazala ingane ekhubazekile futhi akazange ayithole induduzo esontweni lapho ebhekene nalobo bunzima.

UCiarán, owakhula ngesikhathi sezibhelu eNyakatho Ireland, wayeyizonda imfundiso yesihogo. Wayejwayele ukugomela ngokuthi wayemzonda uNkulunkulu obangela ukuhlupheka futhi wathi uma ekhona uNkulunkulu makamshaye. Bakhona nabanye abazizondayo izimfundiso ezimbi zenkolo ezinjengalezi. Eqinisweni, kungenzeka ukuthi izimfundiso zesonto ziye zaba umhlahlandlela wemfundiso yokuziphendukela kwemvelo. Ngokusho kuka-Alister McGrath “kwakuwukungayithandi [kukaDarwin]” imfundiso yesihogo somlilo—hhayi inkolelo yakhe yokuziphendukela kwemvelo—okwamenza wangabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona. UMcGrath uthi uDarwin waba “nosizi olujulile ngenxa yokushonelwa indodakazi yakhe.”

Abanye banombono wokuthi ukuba senkolweni ethile kusho ukungabi nangqondo nokushiseka ngokweqile. U-Irina, owayenengwa izintshumayelo eziwuwangala nokuphindaphindwa kwemithandazo, uthi: “Kimina, kwakubonakala sengathi abantu abasontayo abacabangi.” ULouis, wacasulwa izenzo zobulwane ezazibhebhezelwa abashisekeli benkolo, wafinyelela eziphethweni eziwukweqisa: “Ngaphambili ngangibheka inkolo njengento eyisicefe, kodwa kamuva yangibonisa ukuthi ingenza abantu benze izinto ezimbi kakhulu. Ngangingasafuni nokuyibona into eyinkolo.”

Ingabe Singaphila Kangcono Ngaphandle KukaNkulunkulu?

Akumangazi-ke ukuthi abaningi babheka inkolo njengeyisithiyo ekuthuthukeni kwabantu nasekulethweni kokuthula. Abanye baye bazibuza nokuthi bekungeke yini kube ngcono ukube uNkulunkulu nenkolo bekungekho. Nokho, ukuyenqaba ngokuphelele inkolo ngeke yini kulethe ezinye izinkinga?

Isazi sefilosofi sangekhulu leminyaka le-18, uVoltaire, sakuzwakalisa obala ukungahambisani kwaso nezinto ezimbi ezazenziwa isonto elikhohlakele langesikhathi saso. Nokho, sasikholelwa ukuthi ukuba khona koMuntu Ophakeme kuyisisekelo sokuziphatha kwethu. Kamuva, isazi sefilosofi esingumJalimane, uFriedrich Nietzsche, sakusakaza kabanzi ukuthi uNkulunkulu ufile, kodwa sasesaba ukuthi ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho kungase kwenze abantu baxegelwe izimilo futhi lokho kubalimaze. Ingabe ukwesaba okunjalo kunengqondo?

Umbhali uKeith Ward uphawula ukuthi ngesikhathi abantu bengena enkathini yesimanje, ubuqaba abuzange bunciphe, kunalokho “bafinyelela izinga elingakaze licatshangwe ngaphambili.” Ukungakholelwa kuNkulunkulu nakho akuzange kusikhulule isintu ebuthakathakeni bobuntu obunjengenkohlakalo nokungabekezelelani. La maqiniso aye enza abantu abaningi abacabangayo, ngisho nabathi uNkulunkulu akekho, baziqaphele izinzuzo zokukholelwa kuNkulunkulu ezindabeni zokuziphatha.

UKeith Ward uqokomisa ukubaluleka kokukholelwa kuNkulunkulu: “Ukholo lukwenza uhlale unesimilo, uzizwe unomthwalo wemfanelo wokunakekela umhlaba uNkulunkulu awudala.” Ukuhlola okuningana kwamuva kuye kwabonisa ukuthi ukukhathalela abantu ngokungenabugovu kuyanda phakathi kwamakholwa futhi kuletha isilinganiso esithile sokwaneliseka. La maqiniso agcizelela ukubaluleka kwalesi simiso esashiwo uJesu: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Usonhlalakahle owayekholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho, wahlatshwa umxhwele indlela iBhayibheli elikwazi ngayo ukuthonya ukuphila kwabantu. Wathi: “Ngachitha iminyaka eminingi ngizama ukusiza abantu ukuba bashintshe ukuziphatha okwakulimaza bona kanye nabanye, kodwa angizange ngiphumelele kangako. Kamuva kwangimangaza ukubona ukuthi abantu bangazenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo futhi bangaphindeli emikhutsheni yabo emidala.”

Noma kunjalo, ngokusho kwabanye abathi uNkulunkulu akekho, ukukholelwa kuNkulunkulu kuye kwabangela izingxabano nokubulawa kwabantu abaningi kunokuba kulethe ukuthula nomoya wokukhathalelana ngokungenabugovu. Bangase babone ukuthi ukholo lunomthelela omuhle kwabanye, kodwa bona ngokwabo basenokungabaza okukhulu. Kungani?

Ezinye Izimbangela Zokungakholelwa KuNkulunkulu

Abaningi bafundiswa ukuthi ukuziphendukela kwemvelo kuyiqiniso elingenakuphikwa. Ngokwesibonelo, u-Anila wafunda esikoleni sase-Albania esifundisa ukuthi uNkulunkulu akekho. Uyalandisa: “Esikoleni sasifundiswa ukuthi ukukholelwa kuNkulunkulu kuwubuwula futhi kuyisidala. Ngangivame ukufunda izinto ezimangazayo ngezitshalo nangezinye izinto eziphilayo, kodwa ngangithi konke kwaba khona ngenxa yokuziphendukela kwemvelo, ngoba ukucabanga okunjalo kwakusenza sibonakale sengathi sivumelana nesayensi.” Namuhla uyavuma ukuthi “ubufakazi obabunikezwa kwakufanele ubamukele njengoba bunjalo ngaphandle kokubuza imibuzo.”

Umuzwa wokungayenameli inkolo ungase ube isithiyo kwabathile. OFakazi BakaJehova baye bahlangane nabantu abanesimo sengqondo esinjalo lapho beshumayela endlini ngendlu, benikeza ithemba elivela eBhayibhelini. UBertil, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wavakashelwa insizwa enguFakazi. UBertil ukhumbula ekhuluma yedwa: ‘Mfowethu, ngazathi ungene lapho kungangenwa khona!’ Uthi: “Ngamngenisa futhi ngaqala ukumtshela indlela engangizizwa ngayo ngoNkulunkulu, ngeBhayibheli nangenkolo.”

UGus waseScotland wayekhathazwa ukungabikho kobulungisa. Ekuqaleni wayephikisa futhi enenkani uma exoxa noFakazi BakaJehova. Wayebuza imibuzo ecishe ifane neyomprofethi ongumHebheru, uHabakuki, owathi kuNkulunkulu: “Kungani ungenza ngibone okulimazayo, futhi uqhubeka ubheke inkathazo nje?”—Habakuki 1:3.

Sekuyisikhathi eside abantu bekhathazwa nawukuthi kubonakala sengathi uNkulunkulu akanandaba nobubi. (IHubo 73:2, 3) Umlobi ongumFulentshi, uSimone de Beauvoir, wake wathi: “Ngiye ngakuthola kwamukeleka kakhudlwana kimi ukucabanga ngezwe elingenaye umdali kunokucabanga ngomdali obekezelela ububi obusemhlabeni.”

Nokho, ingabe ukuhluleka kwezinkolo eziningi ukuchaza le mibono engafani kusho ukuthi ayikho incazelo? UGus uthi wagcina eyitholile “incazelo egculisayo yokuthi kungani uMdali onamandla kumelwe avumele abantu ukuba bahlupheke isikhashana.” Ukuqonda lokhu “kwasho lukhulu kimina.” *

Abanye abathi uNkulunkulu akekho bangase bayingabaze imfundiso yokuziphendukela kwemvelo, basizwe nesidingo sabo esingokomoya futhi bangaze bathandaze. Ake sibone ukuthi yini eyabangela abantu abathile ababethi uNkulunkulu akekho nalabo ababethi akaziwa ukuba bacabange ngokujulile ngale ndaba futhi bagcine sebakhe ubuhlobo noMdali wabo.

Yini Eyabasiza Ukuba Bakhe Ukholo KuMdali?

Insizwa eyavakashela uBertil yamsiza ukuba acabange ngokumtshengisa ukuthi kunomehluko omkhulu phakathi kobuKristu bangempela nobuKristu bokuzisholo. Ngaphezu nje kwamaqiniso ayebonisa ukuthi uMdali ukhona, uBertil uchaza lokho okwamhlaba umxhwele: “Ngangiyithanda indlela le nsizwa eyayingibekezelela ngayo yize nganginenkani. . . . Ngaso sonke isikhathi yayihlale izolile, ingiphathela njalo izincwadi zokufunda futhi ilungiselela kahle.” *

USvetlana, owayethonywe inkolelo yokuziphendukela kwemvelo nobuKhomanisi, wayekholelwa ukuthi ixoxo nexoxo liyazigxumela. Noma kunjalo, wawumkhathaza lowo mbono ozwakala ungenakubonelela. Lokho ayekufunda esikoleni sobudokotela kwanezela kulokho kudideka kwakhe: “Phakathi nezifundo ezifundisa ukuthi uNkulunkulu akekho, safunda ukuthi ixoxo nexoxo liyazigxumela. Kodwa ezifundweni zethu zobudokotela safundiswa ukuthi kufanele sisize ababuthaka.” Wayezibuza nokuthi pho kungani abantu obekufanele ngabe bayizidalwa ezithe ukuhlakanipha ezivela ezimfeneni, beba nezinkinga ezingokomzwelo ezingazihluphi izimfene. Incazelo yalokho kuziphikisa wayithola kumuntu ayengamlindele: “Ugogo wangichazela ngeBhayibheli ukuthi ukungapheleli kwethu okwenza sibe nezinkinga zemizwelo.” USvetlana wajatshuliswa nawukuthola izimpendulo ezivela eBhayibhelini zemibuzo efana nothi kungani abantu abathembekile behlupheka.

ULeif, odabuka eScandinavia, wayekholelwa kakhulu emfundisweni yokuziphendukela kwemvelo futhi ebheka iBhayibheli njengencwadi yezinganekwane. Nokho, ngelinye ilanga umngane wakhe wambuzisisa ngezinkolelo zakhe: “Uyaqaphela yini ukuthi uphindaphinda lokho abanye abaye bakusho, ube ungazi nolunci ngeBhayibheli?” Echaza indlela lawo mazwi amthinta ngayo, uLeif uthi: “Ngabona ukuthi angikaze ngiyihlaziye kahle le nkolelo yokuziphendukela kwemvelo, kodwa ngavele ngayikholelwa ngaphandle kokuyiphikisa. . . . Ngicabanga ukuthi phakathi kwezinye izinto ulwazi ngeziprofetho zeBhayibheli nokugcwaliseka kwazo lungasiza umuntu othi uNkulunkulu akekho ukuba acabange.”—Isaya 42:5, 9.

UCiarán, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wadunyazwa ezombusazwe ayesechithe iminyaka eminingi kuzo. Lapho ecabangisisa ngokuphila, wafikelwa yilo mbono: NguNkulunkulu onamandla nonothando kuphela ongaxazulula izinkinga ezikhungethe umhlaba, ambonise nendlela yokuphuma kolwakhe usizi. Wayefisa sengathi angamthola uNkulunkulu onjalo. Ecindezeleke kakhulu, wathandaza: “Uma ukhona futhi ungizwa, ngicela ungibonise ngandlela-thile; ngibonise indlela yokuphuma ezinsizini zami futhi usize isintu ebuhlungwini esibhekene nabo.” Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, omunye woFakazi BakaJehova wafika kwakhe. Lo Fakazi wamchazela lokho iBhayibheli elikufundisayo ngethonya elibi elilawula ohulumeni babantu. (Efesu 6:12) Leyo ncazelo yavumelana nalokho ayekubonile ngaphambili futhi waba nelukuluku lokwazi okwengeziwe. Ngemva kokutadisha iBhayibheli ngokwengeziwe, ukholo lwakhe kuMdali onothando lwaqina.

UMdali Wesintu Nobuhlobo Bakho Naye

Ubuzenzisi benkolo, izimfundiso zabantu abathi uNkulunkulu akekho njengokuziphendukela kwemvelo nokudlanga kobubi kuye kwenza abantu abaningi bangabaza noma baze ngisho baphika ukuthi uMdali ukhona. Nokho, iBhayibheli lingakunika izimpendulo ezigculisayo zemibuzo yakho uma ulivumela. Liphinde lembule imicabango kaNkulunkulu, ‘imicabango yokuthula, hhayi eyenhlekelele, ukuze sibe nekusasa nethemba.’ (Jeremiya 29:11) Lelo themba laba njengebhandeshi ezilondeni zikaBernadette, owazala ingane ekhubazekile futhi owayengabaza ukuthi uMdali ukhona.

Incazelo yeBhayibheli yokuvumela kukaNkulunkulu ububi iye yathinta izingqondo nezinhliziyo zabaningi ababethi uNkulunkulu akekho. Ngokuzinika isikhathi sokufuna izimpendulo zeBhayibheli zemibuzo ebalulekile, nawe ungagcina usukholelwa ukuthi empeleni ukhona uNkulunkulu ‘ongekude kulowo nalowo kithi.’—IzEnzo 17:27.

[Imibhalo yaphansi]

^ Ukuze uthole ukuthi amaKristu eqiniso kufanele yini ahlanganyele empini, bheka isihloko esithi, “Ingabe Impi Iyahambisana NobuKristu?” emakhasini 29-31.

^ Ukuze uthole incazelo eningiliziwe yokuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi, bheka amakhasi 106 kuya ku-114 encwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ Ukuze uthole amaphuzu abonisa ukuthi izinto zadalwa, bheka i-Phaphama! ka-September 2006, enesihloko esithi “Ingabe Ukhona UMdali?,” enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi ekhasini 13]

Imibuzo Inkolelo Yokuziphendukela Kwemvelo Engayiphenduli

• Ukuphila kungavela kanjani entweni engenakho ukuphila?—IHUBO 36:9.

• Kungani izilwane nezitshalo kukhiqiza ngokwezinhlobo zazo kuphela?—GENESISE 1:11, 21, 24-28.

• Uma abantu bavela ezimfeneni, kungani ingekho ngisho neyodwa imfene esamuntu esaphila?—IHUBO 8:5, 6.

• Umbono wokuthi ixoxo nexoxo liyazigxumela uyavumelana yini nomuzwa esizalwa nawo wokukhathalela abanye ngokungenabugovu?—ROMA 2:14, 15.

• Ingabe isintu sinalo ithemba langempela ngekusasa?—IHubo 37:29.

[Izithombe ekhasini 12, 13]

UNkulunkulu onothando angawudala yini umhlaba bese ejabulela ukubona izingane zihlupheka?

Ubuzenzisi benkolo buye benza abantu abaningi bafulathela uNkulunkulu