Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ongenalwazi Uba Nokholo Kuwo Wonke Amazwi”

“Ongenalwazi Uba Nokholo Kuwo Wonke Amazwi”

“Uyisiwula umuntu ongalifundi nhlobo iphephandaba; kodwa oyisiwula nakakhulu yilowo okholelwa yilokho akufundayo ngenxa nje yokuthi kusephephandabeni.” —U-August von Schlözer, isazi-mlando nomlobi waseJalimane (wango-1735 kuya ku-1809).

EMINYAKENI engaphezu kuka-200 edlule, abantu babengakholelwa yikho konke okwakusemaphephandabeni. Namuhla asinakukholelwa yinoma yini esiyifunda noma esiyibona kuyi-Internet. Kuyi-Internet kunentilibathwa yokwaziswa, futhi ezobuchwepheshe zanamuhla zikwenza kube lula ukukuthola. Okuningi kwalokhu kwaziswa kuyiqiniso, kuwusizo futhi akunangozi, kodwa okunye okuningi kungamanga, akusizi ngalutho futhi kuyingozi. Yingakho kumelwe sikukhethe ngokucophelela esikufundayo. Lapho abathile beqala ukusebenzisa i-Internet, bangase bacabange ukuthi izindaba ezilapho kumelwe zibe yiqiniso ngoba nje zikuyi-Internet, noma ngenxa yokuthi bazithunyelelwe umngane nge-e-mail. Bangase bakholelwe ngisho nayindaba engavamile. Kodwa iBhayibheli liyasixwayisa: “Ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”IzAga 14:15.

Okuphambene nokungabi nalwazi, noma ukukholelwa ngobuwula kunoma yini esiyizwayo, ukuba nokuqonda. Lapho sinokuqonda, siyacophelela futhi sikholelwa kuphela kulokho esikwaziyo ukuthi kuyiqiniso. Ngeke siphanjwe bese sikholelwa endabeni engamanga esiyifunda kuyi-Internet, kungakhathaliseki ukuthi ithandwa kangakanani. Yini engakusiza ube nokuqonda? Okokuqala, zibuze: ‘Ingabe leyo ndaba ivela engosini esemthethweni nethembekile? Noma ingabe ivela engosini lapho noma ubani engabhala khona umbono wakhe, noma ingabe ayaziwa nakwaziwa ukuthi ivelaphi? Ingabe ingosi ethembekile isibonisile kakade ukuthi leyo ndaba ingamanga?’ * Khona-ke, sebenzisa ‘ukuqonda.’ (IzAga 7:7) Uma indaba ibonakala ingakholakali, cishe isuke ingamanga. Kanti lapho ufunda izindaba ezingezinhle ngabanye, cabanga ngokuthi ubani oyozuza uma leyo ndaba isakazeka nokuthi kungani othile engase afune ukuyisakaza.

INGABE UHLALE UDLULISA AMA-E-MAIL?

Abanye abantu bangase badlulisele indaba kuwo wonke umuntu abanekheli lakhe le-e-mail ngaphandle kokuhlola ukuthi leyo ndaba iyiqiniso yini, noma bengacabanganga ngalokho okungase kwenzeke ngemva kokuyithumela. Kungenzeka ukuthi lokho kubangelwa ukuthi bahlale befuna ukunakwa futhi bafuna ukuba indaba izwakale ngabo kuqala. (2 Samuweli 13:28-33) Kodwa umuntu onokuqonda uyacabanga ngomonakalo leyo ndaba engawubangela. Ngokwesibonelo, leyo ndaba ingathunaza idumela lomuntu noma lenhlangano.

Umuntu othumela lezo zindaba angase angazihloli ukuthi ziyiqiniso yini ngoba lokho kudla isikhathi futhi kuwumsebenzi. Umane nje acabange ukuthi labo abathola lowo mlayezo bangazihlolela. Kodwa nesabo isikhathi siyigugu. (Efesu 5:15, 16) Ngakho, kunokuthumela izinto esingaqiniseki ngazo, kungaba kuhle ukuthi, “Uma ngingaqiniseki, kungcono ngingazigcini nakuzigcina!”

Zibuze: ‘Ingabe ngihlale ngiwadlulisa ama-e-mail? Ingabe kwake kwadingeka ngixolise kubantu engabathumelela imiyalezo ngenxa yokuthi ngangibathumelele ukwaziswa okuyiphutha noma ngisho nokungamanga? Ingabe ukhona owake wangicela ukuba ngingabe ngisamthumelela ama-e-mail?’ Khumbula ukuthi uma abangane bakho benama-e-mail, nabo bangakwazi ukungena kuyi-Internet futhi abaludingi usizo lwakho ukuze bafune izinto abazithandayo. Abafuni ukuthola inqwaba yama-e-mail anezindaba ezixakile, ama-video noma izithombe. Akuhlakaniphile nokuthumela izinto eziqoshiwe noma amaphuzu aningilizayo ezinkulumo zeBhayibheli. * Futhi khumbula ukuthi uma umuntu ezicwaningela, ebheka imiBhalo yeBhayibheli, noma elungiselela izimpendulo zemihlangano, uzozuza ngokwengeziwe kunalapho umthumelela khona lokhu kwaziswa.

Ngingayidlulisela yini . . .komunye umuntu le e-mail?

Yini okufanele uyenze lapho ubona okuthile kuyi-Internet okunyundela inhlangano kaJehova? Enqabe ngokushesha lawo manga! Ungawakholelwa. Ngeke kube ukuhlakanipha ukuxoxela abanye lokho okufundile bese ubuza ukuthi bacabangani ngakho ngoba lokho kuyovele kuyibhebhethekise nakakhulu leyo ndaba elimazayo. Uma okuthile okubone kuyi-Internet kukukhathaza, cela ukuhlakanipha kuJehova bese ukhuluma nabazalwane abavuthiwe. (Jakobe 1:5, 6; Jude 22, 23) Akufanele kusimangaze ukuthi abantu basiqambela amanga. Bakhuluma amanga nangoJesu, futhi wabaxwayisa abafundi bakhe ukuthi izitha zabo zaziyobashushisa futhi ‘zibaqambele amanga ngenxa yakhe.’ (Mathewu 5:11; 11:19; Johane 10:19-21) Ngakho uma uhlakaniphile futhi ucabangisisa, uyokwazi ukubona lapho othile eqamba amanga futhi ezama ukukhohlisa abanye.IzAga 2:10-16.

BAHLONIPHE ABANYE

Kufanele siqaphe nalapho sixoxela abanye izindaba eziphathelene nabafowethu noma silandisa izinto ezenzeke kwabanye esizizwile. Kunezikhathi lapho kungeke kufaneleke khona noma kungeke kubonise khona uthando ukusakaza izindaba ngisho noma ziyiqiniso. (Mathewu 7:12) Ngokwesibonelo, akubonisi uthando noma akukhuthazi ukudlulisela indaba engeyinhle ngabanye. (2 Thesalonika 3:11; 1 Thimothewu 5:13) Kanti ezinye izindaba zingase zibe imfihlo. Abanikazi bangase bafune ukuzambula ngezinye izikhathi lezo zindaba noma ngendlela ekhethekile. Ngakho kufanele silihloniphe ilungelo labo lokunquma ukuthi bazozambula nini futhi kanjani. Empeleni, singenza umonakalo omkhulu uma sixoxela abanye leyo ndaba ngaphambi kwesikhathi.

Namuhla, izindaba zingasakazeka ngokushesha, kungakhathaliseki ukuthi ziyiqiniso noma zingamanga, ziwusizo noma cha, ziyingozi noma cha. Ngisho noma uthumelela umuntu oyedwa umyalezo, lowo muntu angawudlulisela kwabanye abantu kuwo wonke umhlaba ngemizuzwana embalwa nje. Ngakho sibalekele isilingo sokuvele udlulisele indaba ngokushesha kuwo wonke umuntu omaziyo. Nakuba uthando “lukholelwa yizo zonke izinto” futhi lungadlinzekeli, akufanele siziphathe njengabangenalwazi futhi sikholelwe yizo zonke izindaba ezintsha nezivusa ilukuluku. (1 Korinte 13:7) Futhi ngeke silokothe sikholelwe amanga noma izinto ezibonisa inzondo ezishiwo ngenhlangano kaJehova nangabafowethu esibathandayo. Khumbula ukuthi labo abaqala futhi basakaze amanga bajabulisa uSathane uDeveli, “umqambimanga noyise wamanga.” (Johane 8:44) Ngakho kwangathi singabonisa ukuqonda futhi sihlale sicabangisisa ngendlela esisebenzisa ngayo le ntilibathwa yokwaziswa esikuthola nsuku zonke. Njengoba iBhayibheli lisho, “abangenalwazi ngokuqinisekile bayodla ifa lobuwula, kodwa abakhaliphile bayothwala ulwazi njengomnqwazo.”IzAga 14:18.

^ isig. 4 Ngemva kwesikhathi esithile, indaba ingase ilokhu ibuya yize isidaluliwe ukuthi ingamanga. Ingase ithi ukushintshwa kancane ukuze ibonakale iyiqiniso.

^ isig. 8 Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-April 2010, “Ibhokisi Lemibuzo.