Eyesibili KwabaseThesalonika 3:1-18

  • Qhubekani nithandaza (1-5)

  • Isixwayiso ngokuziphatha okungahlelekile (6-15)

  • Imikhonzo (16-18)

3  Ekugcineni, bazalwane, qhubekani nisithandazela, + ukuba izwi likaJehova* liqhubeke lisakazeka ngokushesha + futhi likhazinyuliswa njengoba nje nilikhazimulisa,  nokuba sikhululwe kubantu abalimazayo nababi, + ngoba ukholo alulona olwabo bonke abantu. +  Kodwa iNkosi ithembekile, iyoniqinisa futhi inivikele komubi.  Ngaphezu kwalokho, njengabalandeli beNkosi siyaqiniseka ukuthi niyazenza futhi niyoqhubeka nizenza izinto esiniyala ngazo.  Kwangathi iNkosi ingaqhubeka iziqondisa ngempumelelo izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu + nasekukhuthazeleni + ngenxa kaKristu.  Manje siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba niqhele kulowo nalowo mzalwane ohamba ngokungahlelekile + futhi engahambi ngokwesiko* enalamukela* kithi. +  Ngoba nina ngokwenu niyayazi indlela okufanele nisilingise ngayo, + ngoba asiziphathanga ngokungahlelekile phakathi kwenu  futhi asidlanga kudla kwamuntu mahhala. *+ Kunalokho, sasisebenza ubusuku nemini ngokushikashikeka nokukhandleka ukuze singathwesi muntu kini umthwalo oyizindleko ezinkulu. +  Akukhona ukuthi asinalo igunya, + kodwa sasifuna ukuzinikela kini njengesibonelo sokuba nisilingise. + 10  Eqinisweni, ngesikhathi sinani, sasivame ukuniyala kanje: “Uma umuntu engafuni ukusebenza, makangadli futhi.” + 11  Ngoba siyezwa ukuthi abathile bahamba ngokungahlelekile phakathi kwenu, + bengasebenzi nhlobo kodwa bezigaxa kokungabathinti. + 12  Abantu abanjalo siyabayala futhi siyabakhuthaza eNkosini uJesu Kristu ukuba basebenze bethule futhi badle ukudla abazizuzela kona. + 13  Nina, bazalwane, ningayeki ukwenza okufanele. 14  Kodwa uma noma ubani engalilaleli izwi lethu eliza ngale ncwadi, mgcineni ephawuliwe lowo, niyeke ukuzihlanganisa naye, + ukuze abe namahloni. 15  Nokho ningambheki njengesitha, kodwa niqhubeke nimyala + njengomfowenu. 16  Kwangathi iNkosi yokuthula uqobo inganinika ukuthula ngazo zonke izindlela. + INkosi mayibe nani nonke. 17  Nanku umkhonzo wami, mina Pawulu, ngesandla sami siqu, + okuwuphawu kuzo zonke izincwadi; yile ndlela engibhala ngayo. 18  Umusa omkhulu weNkosi yethu uJesu Kristu ube nani nonke.

Imibhalo yaphansi

Noma, “ngesiyalo.”
Noma kungaba, “abalamukela.”
Noma, “ngaphandle kokukhokha.”