Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Shada “Kuphela ENkosini”—Usenengqondo Yini Lo Myalo?

Shada “Kuphela ENkosini”—Usenengqondo Yini Lo Myalo?

“Angimtholi umngane womshado ebandleni, futhi ngiyesaba ukuguga ngedwa.”

“Amanye amadoda asezweni anomusa, ayathandeka futhi ayacabangela. Awayiphikisi inkolo yami futhi abonakala ethakazelisa ngaphezu kwabanye abazalwane.”

Ezinye zezinceku zikaNkulunkulu ezingashadile ziye zasho amazwi athi awafane. Ziyazi ukuthi uJehova ufuna ukuba izinceku zakhe zishade “kuphela eNkosini,” okungukuthi, zishade namaKristu eqiniso kuphela. (1 Korinte 7:39) Pho, kungani amanye amaKristu esho la mazwi?

OKWENZA AMANYE AMAKRISTU ANGABAZE

AmaKristu asho la mazwi angase abe nomuzwa wokuthi odade abangashadile baningi kakhulu kunabazalwane abangashadile. Lokhu kunjalo emazweni amaningi. Ngokwesibonelo, eKorea, kumaKristu angashadile, odade bangamaphesenti angu-57, abazalwane bangamaphesenti angu-43. KumaKristu aseColombia, odade bangamaphesenti angu-66, abazalwane bangamaphesenti angu-34.

Kwamanye amazwe, abazali abangebona oFakazi bangase bafune imali eshisiwe yelobolo noma ezinye izibizo ezimba eqolo lapho amadodakazi abo eshada. Abanye abazalwane abangashadile bangase bangabi nayo imali yalezi zipho. Ngenxa yalokho, abanye odade bangase bakhathazeke ngokuthi bayoke bamthole yini umyeni ongumKristu. *—Bheka umbhalo waphansi.

UKUTHEMBELA KUJEHOVA KUBALULEKE KAKHULU

Uma uke waba nemizwa ethi ayifane, ungaqiniseka ukuthi uJehova uyasiqonda isimo sakho futhi wazi kahle ukuthi uzizwa kanjani.—2 IziKronike 6:29, 30.

Noma kunjalo, eBhayibhelini, uJehova usiyala ukuba sishade kuphela eNkosini. Kungani? Ngoba uyazi ukuthi ikuphi okusilungele kakhulu futhi ufuna ukusivikela. Akafuni senze ukukhetha okubi okuyosilimaza noma kusenze singajabuli. Osukwini lukaNehemiya, amaJuda amaningi ayeshada nabesifazane ababengamkhonzi uNkulunkulu. Ngakho, uNehemiya wakhuluma ngesibonelo esibi sikaSolomoni. “Wayethandwa uNkulunkulu wakhe, kangangokuthi uNkulunkulu wamenza inkosi phezu kuka-Israyeli wonke. Ngisho naye abafazi bezinye izizwe bamonisa.” (Nehemiya 13:23-26) UJehova uyazi ukuthi izikhumbuzo zakhe ziyasizuzisa. Yingakho eye wayala amaKristu ukuba ashade kuphela eNkosini. (IHubo 19:7-10; Isaya 48:17, 18) Siyabonga ngokuthi usinika iseluleko esinothando nesingasethemba. Lapho silalela uJehova njengoMbusi wethu, sivuma ukuthi unelungelo lokusitshela lokho okumelwe sikwenze.—IzAga 1:5.

Ngokuqinisekile, ngeke wathanda ‘ukuboshelwa ejokeni nongakholwa,’ okungukuthi, ukushada nomuntu ongamthandi uJehova. Lowo muntu angakwenza uyeke ukukhonza uNkulunkulu. (2 Korinte 6:14) Iseluleko sikaNkulunkulu siyasebenza ngaso sonke isikhathi, futhi amaKristu amaningi namuhla aye akhetha ngokuhlakanipha ukulalela uJehova. Nokho, amanye aye akhetha ukwenza okuhlukile.

USENENGQONDO

Udade wase-Australia ogama lakhe linguMaggy waqala ukuthandana nomuntu owayengeyena umKristu weqiniso. * (Bheka umbhalo waphansi.) Uthi: “Ngaphutha emihlanganweni eminingi ukuze nje ngibe naye. Ingokomoya lami lehla kakhulu.” Enye intombazane yaseNdiya egama layo linguRatana yathandana nomuntu eyayifunda naye esikoleni owaqala ukufundelwa iBhayibheli. Nokho, wayefunda ukuze nje athandane nayo. Yagcina iyekile ukukhonza uJehova futhi yaya kwenye inkolo ukuze ikwazi ukushada naye.

UNdenguè waseCameroon wayeneminyaka engu-19 ubudala lapho eshada nomuntu owayengakhonzi uJehova. Ngaphambi kokuba bashade wayemthembise ukuthi wayengaqhubeka enguFakazi. Nokho, ngemva kwamasonto amabili beshadile, wamtshela ukuthi wayengavunyelwe ukuya emihlanganweni yebandla. Uthi: “Ngazizwa ngilahliwe futhi ngangihlala ngikhala. Ngaqaphela ukuthi ngangingasenamandla okulawula ukuphila kwami. Ngangizisola njalo.”

Kuyiqiniso ukuthi amanye amaKristu ashade nabantu abangakhonzi uJehova kodwa abaqhubeka bewabonisa umusa futhi bewaphatha kahle. Nokho, ngisho noma umuntu oshade naye ongakhonzi uJehova enomusa, ubuhlobo bakho noJehova bebuyothinteka kanjani? Ubuyozizwa kanjani ngokwazi ukuthi awuzange usilalele iseluleko asinikeze ngenjongo yokuba ujabule? Okubaluleke nakakhulu, uJehova ubeyozizwa kanjani ngalokho okwenzile?—IzAga 1:33.

Abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke abaye balalela iseluleko sikaJehova sokushada “kuphela eNkosini” bayaqiniseka ukuthi lokhu kuyisinqumo esingcono kakhulu. Abafowethu nodadewethu abangashadile bazimisele ukujabulisa uJehova ngokushada nomuntu omkhulekelayo. UMichiko waseJapane wayezimisele ukulalela uNkulunkulu nakuba izihlobo zakhe zazama ukumenza ashade nomuntu owayengamthandi uJehova. Kwakunzima kuye ukubukela abanye babangane bakhe beshada namaKristu eqiniso yena ebe eqhubeka engashadile. Uthi: “Ngaqhubeka ngizitshela ukuthi njengoba uJehova ‘enguNkulunkulu ojabulayo,’ injabulo yethu ayixhomekile ekutheni sishadile yini noma cha. Ngikholelwa nokuthi uyasinika izifiso zenhliziyo yethu. Ngakho, uma singamtholi umngane womshado nakuba sifisa ukushada, kungcono kakhulu ukuba sihlale singashadile okwaleso sikhathi.” (1 Thimothewu 1:11) Kamuva, uMichiko washada nomzalwane okahle, futhi uyajabula ngokuthi walalela iseluleko sikaJehova.

Kukhona nabazalwane abaye balinda ukuze bathole umuntu ofanelekayo abangashada naye. Ngokwesibonelo, uBill wase-Australia uyavuma ukuthi ngezinye izikhathi wayekhangwa abesifazane ababengebona oFakazi. Nokho, akazange ajwayelane nabo kakhulu ngoba engafuni ukuqala ubuhlobo obabungaholela ‘ekuboshelweni kwakhe ejokeni’ nomuntu ongakholwa. Phakathi naleyo minyaka, wakhangwa nawodade abathile, kodwa bona babengakhangwa nguye. UBill walinda iminyaka engu-30 ngaphambi kokuba athole owesifazane ongumKristu owayenemigomo efanayo neyakhe. Uthi: “Angizisoli. Ngizizwa ngibusisekile ngoba sihamba ndawonye ensimini, sitadisha ndawonye futhi sikhulekela ndawonye. Ngiyakujabulela ukwazi abangane bomkami nokuba nobudlelwane nabo ngoba bonke bangabakhulekeli bakaJehova. Sisebenzisa izimiso zeBhayibheli emshadweni wethu.”

LAPHO USALINDE UJEHOVA

Yini ongayenza lapho uthemba iseluleko sikaJehova futhi usalinde umyeni noma inkosikazi emkhonzayo? Ungacabanga ngokuthi kungani ungashadile. Uma unomuzwa wokuthi kungenxa yokuthi ufuna ukulalela umyalo kaJehova, ungaqiniseka ukuthi lokhu kuyamjabulisa. (1 Samuweli 15:22; IzAga 27:11) Qhubeka uthandaza kuJehova njalo, ungamfihleli indlela ozizwa ngayo. (IHubo 62:8) Njengoba wenza konke ongakwenza ekumelaneni nezilingo nezifiso ezimbi, ubuhlobo bakho noJehova buyoqina usuku nosuku. Ungaqiniseka ukuthi uJehova unendaba nezifiso nezidingo zakho ngoba uyigugu kuye. Akathembisi muntu ukumnika umyeni noma inkosikazi. Kodwa uma udinga umshado ngempela, uJehova uyayazi indlela engcono kakhulu yokwanelisa izidingo zakho.—IHubo 145:16; Mathewu 6:32.

Ngezinye izikhathi ungase uzizwe njengoDavide, owathi: “O shesha, ngiphendule Jehova. Umoya wami uphelile. Ungangifihleli ubuso bakho.” (IHubo 143:5-7, 10) Ungalilahli ithemba. Nika uJehova isikhathi sokukubonisa lokho afuna ukwenze. Mlalele ngokufunda iBhayibheli nangokuzindla ngokujulile ngalokho okufundile. Lokhu kuyokusiza wazi lokho uJehova akufunayo kuwe nendlela aye wasiza ngayo izinceku zakhe esikhathini esidlule. Ukumlalela kuyokunika amandla okuqhubeka uzithoba kuye.

AmaKristu angashadile awusizo ebandleni ngoba ngokuvamile asiza imindeni nezingane

Yini enye ongayenza ukuze uhlale ujabule futhi umatasa ngesikhathi ungashadile? Ungasebenzela ukuqinisa ubuhlobo bakho noJehova nokuzakhela idumela elihle. Ungafunda nokuba ophanayo, okhuthele, ojwayelekayo noqotho kuJehova. Ziyadingeka lezi zimfanelo ekwenzeni umshado ujabulise. (Genesise 24:16-21; Ruthe 1:16, 17; 2:6, 7, 11; IzAga 31:10-27) Funa kuqala uMbuso ngokuhlale umatasa enkonzweni nasebandleni. Lokhu kuyokuvikela ukuba ungenzi izinqumo ezingahlakaniphile. UBill uthi ngeminyaka ayengashadile ngayo: “Yadlula ngokushesha okukhulu! Ngasebenzisa leso sikhathi enkonzweni kaJehova njengephayona.”

Umyalo kaJehova wokushada “kuphela eNkosini” awusona isidala futhi awuphelelwe isikhathi. Lapho sikhetha ukushada nomKristu weqiniso, sidumisa uJehova futhi siyojabula. IBhayibheli lithi: “Uyajabula umuntu owesaba uJehova, oyijabulele kakhulu imiyalo yakhe. Izinto zenani elikhulu nengcebo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade.” (IHubo 112:1, 3) Ngakho, zimisele ukulalela umyalo kaNkulunkulu wokushada “kuphela eNkosini.”

^ isig. 7 Kulesi sihloko, sidingida lolu daba ngokombono kadade. Nokho, izimiso ezikuso ziyasebenza nakubazalwane.

^ isig. 13 Amanye amagama ashintshiwe.