Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amaphuzu Avelele Encwadi KaSamuweli Wesibili

Amaphuzu Avelele Encwadi KaSamuweli Wesibili

IZwi LikaJehova Liyaphila

Amaphuzu Avelele Encwadi KaSamuweli Wesibili

INGABE ukuqaphela ubukhosi bukaJehova kudinga ukulalela kwethu okuphelele? Ingabe ngaso sonke isikhathi umuntu oqotho wenza okulungile emehlweni kaNkulunkulu? KuNkulunkulu weqiniso, umuntu onjani “ovumelana nenhliziyo yakhe”? (1 Samuweli 13:14) Incwadi yeBhayibheli kaSamuweli Wesibili inikeza izimpendulo ezigculisayo kule mibuzo.

Incwadi kaSamuweli Wesibili yabhalwa uGadi noNathani, abaprofethi ababili ababenobuhlobo obuseduze nenkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide. * Njengoba yaqedwa cishe ngo-1040 B.C.E., ngasekupheleni kweminyaka engu-40 yokubusa kukaDavide, ngokuyinhloko le ncwadi ikhuluma ngoDavide kanye nobuhlobo bakhe noJehova. Lokhu kulandisa okuvusa amadlingozi kukhuluma ngendlela esichuma ngayo isizwe esasikhungethwe imibango sibe umbuso obumbene obuswa inkosi eyiqhawe. Le ndaba evusa amadlingozi iqukethe imizwelo yabantu evezwa ngendlela ejulile.

UDAVIDE ULOKHU “EBA MKHULU”

(2 Samuweli 1:1–10:19)

Indlela uDavide asabela ngayo lapho ezwa ngokufa kukaSawule noJonathani yembula indlela azizwa ngayo ngabo nangoJehova. UDavide ugcotshwa eHebroni ukuba abuse isizwe sakwaJuda. Indodana kaSawule, u-Ishi-bhosheti, imiswa ukuba ibuse zonke ezinye izizwe zakwa-Israyeli. UDavide ulokhu “eba mkhulu,” futhi sekuphele iminyaka engaba yisikhombisa nengxenye, umiswa ukuba abuse wonke u-Israyeli.—2 Samuweli 5:10.

UDavide unqoba amaJebusi abese ethumba iJerusalema alenze ikomkhulu lombuso wakhe. Umzamo wakhe wokuqala wokuthutha umphongolo wesivumelwano uye eJerusalema uba inhlekelele. Nokho, umzamo wesibili uyaphumelela, futhi uDavide uyasina ngenxa yenjabulo. UJehova wenza isivumelwano sombuso noDavide. UDavide unqoba izitha zakhe ngoba uNkulunkulu uyaqhubeka enaye.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

2:18—Kungani uJowabe nabafowabo ababili babebizwa ngokuthi amadodana amathathu kaZeruya, unina? Ngokuvamile, emiBhalweni YesiHebheru uhlu lozalo lwalubizwa ngoyise. Kungenzeka ukuthi umyeni kaZeruya washeshe washona noma kwabonakala engakufanelekele ukufakwa emiBhalweni Engcwele. Kungenzeka ukuthi uZeruya wafakwa ohlwini ngenxa yokuthi wayengudadewabo kaDavide noma udadewabo ngamzali munye. (1 IziKronike 2:15, 16) Ukuphela kwendawo lapho kukhulunywa ngoyise wala madodana amathathu kumayelana nendawo angcwatshwa kuyo eBhetlehema.—2 Samuweli 2:32.

3:29—Isho ukuthini inkulumo ethi “umuntu obambelela othini lokuphotha olushwilekayo”? Ngokujwayelekile, abesifazane ababeluka izindwangu. Ngakho, la mazwi angase abhekisele emadodeni ayengayifanelekeli imisebenzi enjengokulwa empini futhi ngenxa yalokho ayephoqelekile ukuba enze umsebenzi owawuvame ukwenziwa abesifazane.

5:1, 2—Ngemva kokubulawa kuka-Ishi-bhosheti, kwathatha isikhathi esingakanani ukuba uDavide abuse wonke u-Israyeli? Kubonakala kunengqondo ukuphetha ngokuthi u-Ishi-bhosheti waqala ukubusa okwathatha iminyaka emibili ngokushesha ngemva kokufa kukaSawule, cishe ngesikhathi esifanayo nesokuqala kukaDavide ukubusa eHebroni. EseHebroni, uDavide wabusa uJuda iminyaka eyisikhombisa nengxenye. Ngokushesha ngemva kokuba ebekwe inkosi phezu kwawo wonke u-Israyeli, wenza iJerusalema laba ikomkhulu. Ngakho, ngemva kokufa kuka-Ishi-bhosheti, cishe kwaphela iminyaka emihlanu ngaphambi kokuba uDavide abuse wonke u-Israyeli.—2 Samuweli 2:3, 4, 8-11; 5:4, 5.

8:2—Bangaki abakwaMowabi ababulawa ngemva kokulwa no-Israyeli? Inani labo kungenzeka latholakala ngokulinganisa indawo hhayi ngokubabala. Kubonakala sengathi uDavide walalisa phansi abakwaMowabi benza umugqa. Wabe eselinganisa ubude bomugqa ngomucu, noma ngentambo. Kubonakala sengathi kwabulawa abakwaMowabi abayimicu emibili, noma izingxenye ezimbili kwezintathu, kwasinda abangaba umucu owodwa, noma ingxenye eyodwa kwezintathu.

Izifundo Esizitholayo:

2:1; 5:19, 23. UDavide wabuza uJehova ngaphambi kokuba ahlale eHebroni nangaphambi kokuba ayokulwa nezitha zakhe. Nathi kufanele sifune isiqondiso sikaJehova ngaphambi kokwenza izinqumo ezithinta ingokomoya lethu.

3:26-30. Ukuziphindiselela kuba nemiphumela edabukisayo.—Roma 12:17-19.

3:31-34; 4:9-12. Ukungaziphindiseleli nokungabonisi inzondo kukaDavide kuyisibonelo.

5:12. Kufanele singakhohlwa nanini ukuthi uJehova owasifundisa izindlela zakhe, esenza sikwazi ukuba nobuhlobo obuhle naye.

6:1-7. Nakuba uDavide ayenezinhloso ezinhle, umzamo wakhe wokuthutha uMphongolo ngenqola wawungqubuzana nomyalo kaNkulunkulu futhi awuzange uphumelele. (Eksodusi 25:13, 14; Numeri 4:15, 19; 7:7-9) Futhi ukubamba kuka-Uza uMphongolo kubonisa ukuthi izinhloso ezinhle azizishintshi izimfuneko zikaNkulunkulu.

6:8, 9. Ngesikhathi uDavide ebhekene nesimo esivivinyayo, waqale wathukuthela wabe esesaba—mhlawumbe waze wasola uJehova ngenhlekelele. Kumelwe siqaphele singamsoli uJehova ngezinkinga ezibangelwe ukungayinaki imiyalo yakhe.

7:18, 22, 23, 26. Ukuthobeka kukaDavide, ukuzinikela kwakhe okuphelele kuJehova nokukujabulela ukudumisa igama likaNkulunkulu yizimfanelo okumelwe sizilingise.

8:2. Isiprofetho esashiwo eminyakeni engaba ngu-400 ngaphambili siyagcwaliseka. (Numeri 24:17) Izwi likaJehova liyagcwaliseka njalo.

9:1, 6, 7. UDavide wasifeza isithembiso sakhe. Nathi kumelwe sizame ukukufeza lokho esikuthembisayo.

UJEHOVA UVUSA INHLEKELELE KOGCOTSHIWEYO WAKHE

(2 Samuweli 11:1–20:26)

UJehova uthi kuDavide: “Bheka ngivusa inhlekelele endlini yakho siqu; ngizothatha omkakho phambi kwamehlo akho ngibanike umuntu wakini, uyolala nawomkakho phambi kwaleli langa.” (2 Samuweli 12:11) Kungani kushiwo la mazwi? Kungenxa yesono sikaDavide noBhati-sheba. Nakuba uDavide ophendukile ethethelelwa, uyawuthola umphumela wesono sakhe.

Okokuqala indodana ezalwa uBhati-sheba iyafa. Ngemva kwalokho uThamari, indodakazi kaDavide eyintombi, udlwengulwa umfowabo ngamzali munye u-Amnoni. Ephindisela, umfowabo u-Absalomu ubulala u-Amnoni. U-Absalomu wakhela uyise omzalayo uzungu futhi umemezela ukuthi uyinkosi eHebroni. UDavide uphoqeleka ukuba abaleke eJerusalema. U-Absalomu ulala nezancinza zikayise eziyishumi ezishiywe ukuba zinakekele indlu. Ngemva kokuba u-Absalomu esebulewe, uDavide ubuyela esihlalweni sakhe sobukhosi. Ukuvukela kukaSheba wakwaBhenjamini kuyaphela lapho uSheba efa.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

14:7—Kufanekiselani “ukuvutha kwamalahle ami”? Amalahle avutha kancane afanekisela abantwana abasaphila.

19:29—Lapho uMefibhosheti echazela uDavide, kungani asabela ngendlela asabela ngayo? Lapho ezwa amazwi kaMefibhosheti, kumelwe ukuba uDavide waqaphela ukuthi wayonile ngokukholelwa amazwi kaZiba engacabanganga ngawo. (2 Samuweli 16:1-4; 19:24-28) Kumelwe ukuba lokhu kwamcasula uDavide, futhi wayengasafune kuzwa lutho ngaleyo ndaba.

Izifundo Esizitholayo:

11:2-15. Ukulandisa okungagunci ngamaphutha kaDavide kufakazela ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe.

11:16-27. Lapho senza isono esibi kakhulu, akufanele sizame ukusifihla njengoDavide. Kunalokho, kufanele sisivume isono sethu kuJehova futhi sifune usizo lwabadala ebandleni.—IzAga 28:13; Jakobe 5:13-16.

12:1-14. UNathani wababekela isibonelo esihle abadala abamisiwe ebandleni. Kufanele basize labo abawela esonweni ukuba balungise inkambo yabo. Abadala kumelwe bawufeze ngobuhlakani lo mthwalo wabo wemfanelo.

12:15-23. Ukuba nombono ofanele ngalokho okwamehlela kwamsiza uDavide ukuba asabele ngendlela efanelekile ekuhluphekeni kwakhe.

15:12; 16:15, 21, 23. Lapho kuba sobala ukuthi u-Absalomu uzohlala esihlalweni sobukhosi, ukuqhosha nesifiso sokuvelela kwabangela umeluleki ohlakaniphile u-Ahithofeli ukuba abe yimbuka. Ukuhlakanipha ngaphandle kokuthobeka nobuqotho kungaba ugibe.

19:24, 30. UMefibhosheti wawazisa kakhulu umusa wothando kaDavide. Ngokuzithandela wazithoba esinqumweni esenziwa inkosi ngoZiba. Ukwazisa uJehova nenhlangano yakhe kufanele kusishukumisele ukuba sizithobe.

20:21, 22. Ukuhlakanipha komuntu oyedwa kungavikela abaningi enhlekeleleni.—UmShumayeli 9:14, 15.

MASIWELE “ESANDLENI SIKAJEHOVA”

(2 Samuweli 21:1–24:25)

Sekuyiminyaka emithathu kunendlala ngenxa yecala legazi elabangelwa uSawule ngokubulala abaseGibheyoni. (Joshuwa 9:15) Ukuze baziphindiselele kulelo cala legazi, abaseGibheyoni bacela ukubulala amadodana ayisikhombisa kaSawule. UDavide uwanikela kwabaseGibheyoni, isomiso siphela ngomvimbi. Imidondoshiya emine engamaFilisti ‘iwa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.’—2 Samuweli 21:22.

UDavide wenza isono esibi ngokuyala ukuba kubalwe abantu ngokungemthetho. Uyaphenduka futhi akhethe ukuwela “esandleni sikaJehova.” (2 Samuweli 24:14) Ngenxa yalokho, kuba nesifo esibulala abangu-70 000. UDavide ulalela umyalo kaJehova, futhi isishayo siyanqamuka.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

21:8—Kungashiwo kanjani ukuthi uMikhali indodakazi kaSawule waba namadodana amahlanu, kuyilapho eyesi-2 Samuweli 6:23 ithi wafa engenabantwana? Incazelo eyamukelwa kabanzi ithi lawa kwakungamadodana kadadewabo kaMikhali, uMerabi, owayeshade no-Adriyeli. Kungenzeka ukuthi uMerabi washeshe wafa, futhi uMikhali owayengenabantwana wabakhulisa laba bafana.

21:9, 10—URizpa wawenzela umlindelo omude kangakanani amadodana akhe amabili nabazukulu abahlanu bakaSawule ababulawa abaseGibheyoni? Laba abayisikhombisa balengiswa “ngezinsuku zokuqala zokuvuna”—ngo-March noma ngo-April. Izidumbu zabo zashiywa zichaywe entabeni. URizpa waziqapha ubusuku nemini lezi zidumbu eziyisikhombisa kwaze kwaba yilapho uJehova ebonisa ngokuqeda isomiso ukuthi intukuthelo yakhe yase ibohlile. Umvimbi cishe wawungeke ufike ingakapheli inkathi yokuvuna ngo-October. Ngakho, cishe uRizpa walinda izinyanga ezinhlanu noma eziyisithupha. Ngemva kwalokho, uDavide wangcwaba amathambo ala madoda.

24:1—Kungani kwakuyisono esibi ngoDavide ukubala abantu? Ukubala abantu kwakungenqatshelwe eMthethweni. (Numeri 1:1-3; 26:1-4) IBhayibheli alisisho isizathu esashukumisa uDavide ukuba abale abantu. Nokho, eyoku-1 IziKronike 21:1 ibonisa ukuthi uSathane owamshoshozela ukuba enze kanjalo. Noma ngabe kwakuyisiphi isizathu, uJowabe, isikhulu sebutho, wayazi ukuthi sasingalungile isinqumo sikaDavide sokubala abantu, futhi wazama ukumvimba uDavide.

Izifundo Esizitholayo:

22:2-51. Yeka indlela ingoma kaDavide emveza kahle ngayo uJehova njengoNkulunkulu weqiniso, okufanelekelayo ukuba simethembe ngokuphelele!

23:15-17. UDavide wayewuhlonipha ngokujulile umthetho kaNkulunkulu ophathelene nokuphila kanye negazi kangangokuthi kulesi senzakalo, wenqaba ngisho nokwenza into eyayifana nokwephula lowo mthetho. Kumelwe sihlakulele leso simo sengqondo ngayo yonke imiyalo kaNkulunkulu.

24:10. Unembeza kaDavide wamshukumisela ukuba aphenduke. Ingabe unembeza wethu uzwela ngokwanele ukuze usishukumisele ukuba senze okufanayo?

24:14. UDavide wayazi kahle ukuthi uJehova unesihe kunabantu. Ingabe nathi sinalokho kuqiniseka?

24:17. UDavide wazisola ngokuthi isono sakhe saletha ukuhlupheka kuso sonke isizwe. Isoni esiphendukayo kufanele sizisole ngesihlamba okungenzeka izenzo zaso ziye zasiletha ebandleni.

Singakwazi Ukuba Abantu ‘Abavumelana Nenhliziyo KaNkulunkulu’

Inkosi yesibili kwa-Israyeli yazibonakalisa ‘ingumuntu ovumelana nenhliziyo kaJehova.’ (1 Samuweli 13:14) UDavide akazange azingabaze izindinganiso zikaJehova ezilungile, futhi akazange aphishekele inkambo yokuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu. Njalo lapho uDavide ona, wayesivuma isono sakhe, amukele isiyalo futhi alungise izindlela zakhe. UDavide wayeyindoda eqotho. Asihlakaniphile yini uma siba njengaye, ikakhulu lapho sonile?

Indaba elandisa ngokuphila kukaDavide ibonisa ngokusobala ukuthi ukuqaphela ubukhosi bukaJehova kusho ukwamukela izindinganiso zaKhe zokuhle nokubi nokulwela ukuba siphile ngokuvumelana nazo njengabagcini bobuqotho. Lokhu singakwazi ukukwenza. Yeka indlela esibonga ngayo ngezifundo esizithola encwadini kaSamuweli Wesibili! Ngempela, isigijimi esiphefumulelwe esiqukethwe yile ncwadi siyaphila futhi sinamandla.—Hebheru 4:12.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Nakuba ingekho ingxenye eyabhalwa uSamuweli, le ncwadi ibizwa ngegama lakhe ngoba ekuqaleni lezi zincwadi ezimbili zikaSamuweli zaziwumqulu owodwa emibhalweni yesiHebheru. USamuweli wabhala ingxenye enkulu yencwadi kaSamuweli Wokuqala.

[Isithombe ekhasini 16]

Ukukhumbula ukuthi ubani owayemmise ngokuqinile njengenkosi kwasiza uDavide ukuba ahlale ethobekile

[Izithombe ekhasini 18]

“Bheka ngivusa inhlekelele endlini yakho siqu”

UBhati-sheba

UThamari

U-Amnoni