Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Umsebenzi

Umsebenzi

Nakuba iBhayibheli liyincwadi eyalotshwa kudala, izimiso zalo aziphelelwa isikhathi. Lokho elikushoyo mayelana nomsebenzi kusasebenza namuhla ngendlela okwakusebenza ngayo ngesikhathi lilotshwa.

Iyiphi indlela efanele yokubheka umsebenzi?

OKUSHIWO ABANYE

Ukuze umsebenzi ungakulahlekeli kumelwe ube yinto eza kuqala kunakho konke okunye. Leso simo sengqondo senze abanye baba matasa kakhulu ngomsebenzi baze bangabe besayinaka imindeni nempilo yabo.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli likhuthaza ukuba nombono olinganiselayo ngomsebenzi. Litusa ukukhuthala lilahle ubuvila. (IzAga 6:6-11; 13:4) Ngesikhathi esifanayo, iBhayibheli alikukhuthazi ukuba yisigqila somsebenzi. Kunalokho, lisikhuthaza ukuba sibe nezikhathi zokuphumula ngokusesilinganisweni. UmShumayeli 4:6 uthi: “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.” Ngakho, akufanele sibe matasa ngomsebenzi size singayinaki imindeni noma impilo yethu. Akuzuzisi ngalutho ukusebenza uma kuzosibulala!

“Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba adle futhi aphuze, abangele umphefumulo wakhe ubone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.”UmShumayeli 2:24.

Ingabe kubalulekile ukuthi wenza hlobo luni lomsebenzi?

OKUSHIWO ABANYE

Umsebenzi muhle uma uholela kahle. Ukucabanga okunjalo kanye nesifiso sokwenza imali eningi ngokushesha, kuye kwaholela abanye ukuba bahlanganyele emikhubeni yokungathembeki kwezamabhizinisi futhi baze benze imisebenzi engekho emthethweni.

Abanye, abafunzwe amafilosofi athi ‘landela izifiso zakho,’ ‘yenza umsebenzi owuthandayo,’ bamukela kuphela imisebenzi ebenza bazizwe bejabule. Uma umsebenzi othile ungekhona lokho ababezifisela kona ekuphileni noma ungashukumisi ingqondo nemizwa, bathi uyabacoba. Ngenxa yalokho, baba nombono ongemuhle ngomsebenzi abawenzayo futhi abazikhandli kuwo. Bangase benqabe ngisho nemisebenzi emihle ngoba bethi ibehlisa isithunzi.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli liyawulahla umsebenzi ohilela ukungathembeki noma obangela ukulimala kwabantu nganoma iyiphi indlela. (Levitikusi 19:11, 13; Roma 13:10) Umsebenzi omuhle uzuzisa abanye futhi usiza lowo owenzayo ukuba ‘abe nonembeza omuhle.’—1 Petru 3:16.

IBhayibheli lifundisa nokuthi umsebenzi unenjongo enhle oyifezayo—ngokuyinhloko leyo njongo ayikona ukuba nomuzwa wokwaneliseka kodwa iwukuba umuntu akwazi ukuphila nokondla umndeni wakhe. Nakuba kungekubi ukujabulela umsebenzi wokuziphilisa owenzayo, kufanele ube yindlela yokufeza okubalulekile, kungabi yiwona obalulekile.

“Ubaba ungumuntu omatasa. Ngaphandle komsebenzi wokuziphilisa unezibopho ezithile ebandleni esikulo njengoFakazi BakaJehova. Noma kunjalo, ubaba uyazikhandla emsebenzini awenzayo. Wenza okudingeka akwenze, kodwa abe naso nesikhathi sokuba nami nodadewethu kanye nomama. Ubaba uhlale enezinto okufanele azenze, kodwa zonke uzigcina zisendaweni yazo.”—U-Alannah.

Yiqiniso, ukwehla komnotho nokukhuphuka kwentengo kungasenza sikhathazeke ngokuthi sizozinakekela kanjani izidingo zokuphila, kodwa iBhayibheli lisikhuthaza ukuba silinganisele. Lithi: “Uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.” (1 Thimothewu 6:8) Lawo mazwi awadingi ukuba siphile ukuphila kokuzincisha. Nokho, kufanele sazi ukuthi yini okusemandleni ethu ukuba sibe nayo futhi silinganisele enanini lezinto esiba nazo.—Luka 12:15.

OKUMELWE UKWENZE

Yiba isisebenzi esikhuthele. Wuthande umsebenzi owenzayo. Ngisho noma ubonakala uwumsebenzi ophansi noma kungewona umsebenzi owawuwufisa, zikhandle ukuze ube nekhono kuwo. Ukusebenza ngenkuthalo kukwenza uzizwe ufeze okuthile, futhi ukuthuthukisa ikhono lakho emsebenzini owenzayo kungakwenza uwujabulele nakakhulu.

Ngesikhathi esifanayo, linganisela. Makube nezikhathi zokuphumula ozijabulelayo. Lezi zikhathi sizijabulela nakakhulu uma besikade sisebenza ngokuzikhandla. Ukuzisebenzela izinto esinazo kuphinde kusenze sibe nomuzwa wokuzihlonipha, kanti nabanye bayasihlonipha—okuhlanganisa nemindeni yethu.—2 Thesalonika 3:12.

“Ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ . . . UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto.”Mathewu 6:31, 32.