Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Inkolo Iyoke Ibe Yimbangela Yokuthula?

Ingabe Inkolo Iyoke Ibe Yimbangela Yokuthula?

Ingabe Inkolo Iyoke Ibe Yimbangela Yokuthula?

“MASENZE umhlaba ube yindawo engcono. Masiyiqede inkolo.” Yilokho isazi sefilosofi esingumDashi uFloris van den Berg esathi makwenziwe enkulumweni yaso enyathelisiwe enesihloko esithi, “Indlela Yokuqeda Inkolo, Nokuthi Kungani.” Emhlabeni jikelele ochwepheshe emikhakheni ehlukahlukene nabo basekela ukuqedwa kwenkolo.

“Umhlaba kufanele uvuke ebuthongweni bokubambelela ezinkolelweni zawo ezingokwenkolo,” kusho isazi sesayensi yezinto zemvelo esazuza umklomelo kaNobel, uSteven Weinberg. Umbono wokuthi izinto ezimbi ezenzeka emhlabeni zingancipha kakhulu ngokuqeda inkolo, uye wasakazeka kakhulu kule minyaka yamuva. Izincwadi ezimelene nenkolo zanda ngokushesha futhi zithandwa kakhulu.

Ososayensi abahamba phambili baye bahlangana ukuze baxoxe ngalokho abakubheka njengesidingo esiphuthumayo sokuqeda inkolo. Kunegagasi eliqubukayo labangakholelwa kuNkulunkulu abagcwalisa imithombo yezindaba ngemibono yabo yokuzonda inkolo. Ingabe labo ngqondongqondo abahlonishwayo bayibambe ngakho?

Ingabe Ikhona Inkolo Yeqiniso?

Ukube zonke izinkolo bezingezamanga futhi engekho uNkulunkulu, khona-ke bekungabonakala kunengqondo ukuyiqeda inkolo. Kodwa kuthiwani uma ekhona uNkulunkulu? Kuthiwani uma likhona iqembu labantu emhlabeni elimmelela ngokufanele uNkulunkulu—inkolo yeqiniso?

Ukuhlolisisa umlando wenkolo kubonisa ukuthi kunohlobo olulodwa lokukhulekela, olwehluke kakhulu kuzo zonke ezinye izinkolo. Luwukukhulekela okwenziwa abantu abambalwa namuhla. Le nkolo yasungulwa uJesu Kristu nabaphostoli bakhe. Kodwa ayimelelwa yilokho eLobukholwa eliye lakwenza amakhulu amaningi eminyaka.

ELobukholwa nenkolo yeqiniso eyasungulwa uJesu Kristu kuhluke kanjani? Ngezindlela eziningi. Ake sihlole eyodwa yazo.

‘Abayona Ingxenye Yezwe’

AmaKristu okuqala awazange athathe hlangothi kwezombangazwe. Lokhu kuyavumelana nesibonelo sikaJesu sokungathathi hlangothi. IBhayibheli libika ukuthi okungenani amahlandla amabili, uJesu wenqaba lapho befuna ukumbeka njengomholi wezombangazwe. (Mathewu 4:8-10; Johane 6:15) UJesu waze wasola nabafundi bakhe ngokufuna ukulwa ukuze bavimbele ukuboshwa kwakhe.—Mathewu 26:51, 52; Luka 22:49-51; Johane 18:10, 11.

Lapho umbusi waseJudiya ongumRoma ebuza uJesu ngezinsolo zokuthi ufuna isikhundla kwezombangazwe, uJesu wamtshela ngokuqondile wathi: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe. Ukube umbuso wami ubuyingxenye yaleli zwe, izikhonzi zami ngabe zilwile ukuze nginganikelwa kumaJuda. Kodwa, njengoba kunjalo, umbuso wami awuveli kulo mthombo.” (Johane 18:36) Kuyacaca ukuthi uJesu wayengeke ahileleke kwezombangazwe nezempi zosuku lwakhe.

Abafundi bakaJesu benza ngendlela efanayo. Ucwaningo ngendima yenkolo kwezempi olwahlanganiswa yiqembu labacwaningi okukhulunywe ngalo ngaphambili kulolu chungechunge luyachaza: “AmaKristu okuqala ayengakholelwa ebudloveni. . . . Iningi lamaKristu lenqaba ukubuthelwa empini.” Izimfundiso zikaJesu nabaphostoli bakhe zagcizelela ukuthanda umakhelwane, kuhlanganise nokuthanda izihambi nalabo abanobuzwe nohlanga oluhlukile. (IzEnzo 10:34, 35; Jakobe 3:17) Ngempela le nkolo yayibangela ukuthula.

Ngokuhamba kwesikhathi ubuKristu baqala ukonakaliswa amafilosofi abangela ukwehlukana, amasiko nobuzwe. Ukuhlolwa komlando kwendima yenkolo ezimpini okukhulunywe ngakho ngaphambili kuthi: “Ukuguquka [koMbusi WamaRoma] uConstantine kwabangela ukuba kube namaKristu angamasosha—engasaqondiswa izimfundiso zikaJesu ezinobubele, kodwa eselawulwa imigomo yoMbusi yezombangazwe nokunqoba amazwe. AmaKristu, kuhlanganise noMbusi aphoqeleka ukuba athole izizathu zokulwa ezingokwenkolo.” Bavela kanjalo-ke ubuKristu mbumbulu.

Iqembu “Elihlukile”

Ingabe ubuKristu bokuqala balahleka unomphela? Lutho neze. Likhona iqembu namuhla okufanele liphawulwe ngokukhethekile. OFakazi BakaJehova balingisa amaKristu okuqala ngokungafani nanoma yibaphi abanye abantu. Abahlangene ngisho naneyodwa inkolo yeLobukholwa. I-Encyclopedia of Religion ibachaza ngokuthi “bahlukile,” ngoba basekela zonke izinkolelo zabo “egunyeni leBhayibheli, eliyithatha ngokuphelele indawo yesiko.”

NjengamaKristu okuqala, oFakazi BakaJehova abathathi hlangothi ezingxabanweni zezombangazwe. Iphephandaba elanyatheliswa yi-National Academy of Sciences of Ukraine lithi, oFakazi BakaJehova balwela ukunqoba “ukungezwani ngokohlanga, ubuzwe, inkolo, inhlalo nomnotho.” Leli phepha lichaza ukuthi oFakazi BakaJehova abahileleki “ekumelaneni nombuso” futhi “bayizakhamuzi ezithobela umthetho wezwe ezihlala kulo.”

Uprofesa uWojciech Modzelewski, wase-Warsaw University ePoland, wabhala encwadini yakhe ethi Pacifism and Vicinity: “OFakazi BakaJehova bakha umphakathi omkhulu emhlabeni namuhla omelene nezimpi.” Ngenxa yokuthi balandela amaKristu ekhulu lokuqala eduze, kungashiwo ukuthi oFakazi BakaJehova baye baphumelela ekubuyiseleni uhlobo lokukhulekela olwasungulwa uKristu nabaphostoli bakhe. Yilolo hlobo lokukhulekela oludingekayo ukuze kube nokuthula.—Bheka ibhokisi elisekhasini elilandelayo.

Ikusasa Eliqhakazile

Kuyavunywa ukuthi abakhulekeli abaningi abaqotho—ngisho nabathile abangabaholi benkolo buyabacasula ubuzenzisi bezinkolo zabo. Kufanele banconywe abantu abaningi abakholwayo abazinikele ekuthuthukiseni ukuthula nobunye emhlabeni.

Noma kunjalo, naphezu kokuba beqotho, amandla abantu okuxazulula izinkinga zomhlaba alinganiselwe. Umprofethi wasendulo uJeremiya wabhala: “Indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.”—Jeremiya 10:23.

Kodwa likhona ikusasa eliqhakazile. IZwi likaNkulunkulu lifundisa ukuthi kuyoba nomphakathi omusha onokuthula emhlabeni. Lo mphakathi omusha uyokwakhiwa ubuzalwane bomhlaba wonke. Zonke izinhlanga ziyohlala ngobunye, futhi abantu ngeke bahlukaniswe imingcele, inzondo engokohlanga noma izimfundiso zenkolo. Bayohlanganiswa ukukhulekela uJehova uNkulunkulu ngobumsulwa.

IBhayibheli liphinde libikezele ukuwa kwenkolo engamhloniphi uNkulunkulu. UJesu wathi: “Yonke imibuso ehlukene phakathi iyachitheka, futhi yonke imizi noma izindlu ezihlukene phakathi ngeke zime.” (Mathewu 12:25) Ngokuhamba kwesikhathi, uNkulunkulu uyoqinisekisa ukuthi lawo mazwi ayagcwaliseka ngokuqondene nayo yonke inkolo yamanga.

IBhayibheli labikezela kudala ukuthi uNkulunkulu “uyokhipha isahlulelo phakathi kwezizwe alungise izindaba.” Lesi siprofetho siphinde sithi abantu ‘bayokhanda izinkemba zabo zibe ngamageja nemikhonto yabo ibe ngocelemba. Isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba, futhi ngeke zisayifunda impi.’ (Isaya 2:4) Lesi siprofetho sesiyagcwaliseka. Inkolo yeqiniso njengoba imelelwa oFakazi BakaJehova, isiqalile ukubangela ukuthula.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

OFakazi BakaJehova bamunye ngenxa yothando

[Ibhokisi ekhasini 9]

Bahluke Ngani OFakazi BakaJehova?

Abaningi bayamangala lapho bezwa ngendlela oFakazi BakaJehova abahluke ngayo kuzo zonke ezinye izinkolo ezithi zilandela uKristu. Nazi ezinye izinto ezenza oFakazi BakaJehova bahluke:

INDLELA ABAHLELWE NGAYO

● Abanaso isigaba sabefundisi.

● Amadoda ahola ibandla, abafundisayo nezithunywa zabo zevangeli abakhokhelwa.

● Abakhokhi okweshumi noma baqoqe inkongozelo ezindaweni zabo zokukhulekela ezaziwa ngokuthi amaHholo OMbuso.

● Yonke imisebenzi yabo isekelwa ngeminikelo yokuzithandela evela kunoma ubani.

● Abathathi hlangothi ezindabeni zezombangazwe.

● Bakhuthaza ukuthula futhi abahlanganyeli ezimpini.

● Banobunye bomhlaba wonke ngenxa yokholo lwabo nezimfundiso ezisekelwe eBhayibhelini.

● Babumbene ngokuphelele futhi abahlukaniswa ezenhlalo, amasiko, uhlanga noma izigaba.

● Abahlangene nanoma iyiphi enye inkolo, kungaba ubuKatholika, ubu-Orthodox noma ubuProtestani.

IZIMFUNDISO ZABO

● Bakholelwa ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa kuphela weqiniso, ogama lakhe linguJehova.

● Abakholelwa ukuthi uJesu Kristu unguNkulunkulu uMninimandla onke, futhi abakholelwa emfundisweni kaZiqu-zintathu.

● Balandela izimfundiso zikaJesu futhi bamamukela njengeNdodana kaNkulunkulu.

● Abasihloniphi isiphambano noma basebenzise izithombe ekukhulekeleni kwabo.

● Abakholelwa esihogweni somlilo lapho kuya khona abantu ababi ngemva kokufa.

● Bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uyobusisa isintu esilalelayo ngokuphila okuphelele phakade emhlabeni oyipharadesi.

OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi baphumelele ukubuyisela ubuKristu bangekhulu lokuqala, uhlobo lobuKristu olwaluqhutshwa abaphostoli bakaJesu.

[Isithombe ekhasini 8]

UmSerb, umBosnia nomCroatia