Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Inkolo Iyimbangela Yokuthula?

Ingabe Inkolo Iyimbangela Yokuthula?

Ingabe Inkolo Iyimbangela Yokuthula?

NAKUBA abathile bebheka i-Church of the Holy Sepulchre eseJerusalema njengesonto elingcwele kunawo wonke kweLobukholwa, seliwuphawu lokuxabana nobutha obungokwenkolo. Kunenkolelo yokuthi leli sonto lisendaweni “okuthiwa uKristu wangcwatshwa kuyo waphinde wavuka kwabafileyo.” Kodwa, le ndawo ehlonishwayo iye yaba yinkundla yezimpi. Izindela nabapristi abavela emasontweni “obuKristu” ahlukene ayisithupha, baye bahlaselana kubangwa ilungelo lokusebenzisa le ndawo. Ubutha buye baqina kule minyaka yamuva. Kuye kwadingeka ukuba amaphoyisa ahlome ngezibhamu angenele futhi alilawule okwesikhashana leli sonto.

Umlando Wobudlova

Izenzakalo zase-Church of the Holy Sepulchre ziyingxenye yomlando omude wokuchithwa kwegazi nokubulawa kwabantu abaningi okuhlobene nokushisekela inkolo. Muva nje lapho ihlola izingxabano ezihlukahlukene ezingxenyeni zomhlaba, incwadi ethi Violence in Gods Name, ithi: “Kusukela e-Indonesia kuya eNyakatho ye-Ireland, usuke eMpumalanga Ephakathi uyafika eKashmir, usuke eNdiya uye eNigeria, usuke eBalkans uyosho eSri Lanka, amaKristu, amaBuddha, amaJuda, amaHindu, amaSulumane namaSikh athethelela ukusebenzisa kwawo ubudlova ngokuthi avikela inkolo yawo namalungelo awo angokwenkolo.”

Kodwa noma kunjalo, izinkolo eziningi zibheka ukuthula nobunye njengezinto ezibaluleke kakhulu. Kuwo wonke umlando, izimiso ezingenabugovu njengokuthanda umakhelwane nobungcwele bokuphila komuntu, kuye kwakhuthazwa kakhulu yinkolo. Khona-ke, ingabe inkolo akufanele isebenzise amandla ayo ukuze ithuthukise ukuthula? Abakhulekeli abaqotho benza kahle ngokuhlaziya lo mbuzo.