Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Kungani kunzima kangaka ukuba kube nokuthula emhlabeni?

Uhulumeni ongashintsha izinhliziyo zabantu kuphela oyoletha ukuthula emhlabeni

IBhayibheli liveza izizathu ezimbili eziyinhloko. Esokuqala, nakuba abantu beye benza izinto ezimangalisayo, abadalwanga bekwazi ukuqondisa izinyathelo zabo. Esesibili, izinhlangano zabantu ziye zahluleka ngoba “lonke izwe lisemandleni omubi,” uSathane uDeveli. Ngakho, abantu bayazama ukuletha ukuthula emhlabeni kodwa bayahluleka.—Funda uJeremiya 10:23; 1 Johane 5:19.

Ubugovu nokufuna ukuvelela kuye kwenza ukuba kungabi khona ukuthula emhlabeni. Uhulumeni ongaletha ukuthula yilowo ongabusa umhlaba wonke futhi ufundise abantu ukuba bathande okulungile futhi banakekelane.—Funda u-Isaya 32:17; 48:18, 22.

Ubani oyoletha ukuthula emhlabeni?

UNkulunkulu uMninimandla onke uye wathembisa ukumisa uMbuso ozobusa bonke abantu. Uzobusa esikhundleni sohulumeni babantu. (Daniyeli 2:44) INdodana kaNkulunkulu, uJesu, iyobusa njengeNkosi Yokuthula. Iyoqeda ububi emhlabeni wonke futhi ifundise abantu indlela yokuphila ngokuthula.—Funda u-Isaya 9:6, 7; 11:4, 9.

Kwamanje kunabantu abaningi emhlabeni wonke abaqondiswa uJesu ukuba basebenzise iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ukuze bafundise abanye indlela yokuphila ngokuthula. Maduze, wonke umhlaba uzoba nokuthula.—Funda u-Isaya 2:3, 4; 54:13.