Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukushumayela Izwi’ Kuletha Ukuqabuleka

Ukushumayela Izwi’ Kuletha Ukuqabuleka

“Wozani Kimi, . . . Ngizonenza Niqabuleke”

Ukushumayela Izwi’ Kuletha Ukuqabuleka

WAYENGUMUNTU ophelele, enomsebenzi obalulekile. Izindlela zakhe zokufundisa zaziphumelela kangangokuthi “izixuku zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.” (Mathewu 7:28) Futhi wayengumfundisi ongakhathali. Isikhathi sakhe, amandla nanoma yini ayenayo wayekusebenzisela ngokuyinhloko ukushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngempela, uJesu Kristu walidabula lonke izwe lakubo engumshumayeli nomfundisi ongenakuqhathaniswa namuntu.—Mathewu 9:35.

Umsebenzi ophuthumayo kaJesu kwakuwukushumayela “izindaba ezinhle zombuso” kubantu besikhathi sakhe nokulungiselela abafundi bakhe lowo msebenzi owawuyokwenziwa emhlabeni wonke. (Mathewu 4:23; 24:14; 28:19, 20) Ingabe ubunzima bomsebenzi wabo wokushumayela nokuphuthuma kwawo kanye nje nobukhulu bawo lo msebenzi kwakuyobathena amandla abalandeli bakhe abangaphelele nabanokulinganiselwa?

Lutho neze! Ngemva kokuyala abafundi bakhe ukuba bathandaze ‘eNkosini yokuvuna,’ uJehova uNkulunkulu, bacele izisebenzi ezengeziwe, uJesu wabathuma ukuba bayofundisa abantu. (Mathewu 9:38; 10:1) Wabe esebaqinisekisa ukuthi umthwalo wokuba ngumlandeli wakhe—kuhlanganise nokuthunywa kokushumayela—wawuyoletha impumuzo nenduduzo yangempela. UJesu wathi: “Wozani kimi, . . . ngizonenza niqabuleke.”—Mathewu 11:28.

Umthombo Wenjabulo

Yeka isimemo esinesihawu, uthando nomusa! Siveza ukukhathalela kukaJesu abalandeli bakhe ngozwela. Abafundi bakhe bayakuthola ukuqabuleka lapho befeza umthwalo wabo wemfanelo wokushumayela “izindaba ezinhle” zoMbuso kaNkulunkulu. Lokhu kubalethela injabulo nokwaneliseka kwangempela.—Johane 4:36.

Ngaphambili kakhulu kokuba uJesu afike emhlabeni, imiBhalo yagcizelela ukuthi injabulo kumelwe ibe yisici senkonzo engcwele eya kuNkulunkulu. Lokhu kwenziwa kwacaca lapho umhubi ehlabelela: “Hlokoma kuJehova ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke. Mkhonzeni uJehova ngokujabula, nisondele ebusweni bakhe ngokuhuba kwentokozo.” (IHubo 100:1, 2) Namuhla, abantu bazo zonke izizwe bathaba ngoJehova, futhi amazwi abo okumdumisa anjengokukhamuluka kwebutho lempi elinqobile. Labo abazinikele ngempela kuNkulunkulu basondela phambi kwakhe “ngokuhuba kwentokozo.” Futhi kuyafaneleka ngempela lokho, ngoba uJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo,’ ofuna izinceku zakhe zithole injabulo lapho zigcwalisa ukuzinikezela kwazo kuye.—1 Thimothewu 1:11.

Izikhonzi Eziqabulekile

Kwenzeka kanjani ukuba ukusebenza kanzima enkonzweni yasensimini kungasenzi sizizwe sicobekile kodwa kunalokho kusiqabule? Phela, ukwenza umsebenzi kaJehova kwakunjengokudla okubuyisa amandla kuJesu. Wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumile nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.”—Johane 4:34.

Ngokufanayo, abashumayeli abashisekayo abangamaKristu namuhla bathola injabulo njengoba ‘beshumayela izwi.’ (2 Thimothewu 4:2) UConnie, owesifazane ongumKristu oseqinile osebenza amahora angaphezu kwangu-70 ngenyanga emsebenzini wokushumayela, uthi: “Ngemva kokuhlanganyela enkonzweni, ngiba nomuzwa wokwaneliseka nokwenama, yize ngisuke ngikhathele ekupheleni kosuku.”

Kuthiwani uma abantu bengasamukeli isigijimi soMbuso? UConnie uyaqhubeka: “Kungakhathaliseki ukuthi abantu basabele kanjani, angikaze ngizisole ngokuhlanganyela enkonzweni. Ngaphezu kokwazi ukuthi ngenza into ejabulisa uJehova, ngikubheka njengenjabulo ukukhuluma ngeqiniso ngoba njengoba ngenza kanjalo, ithemba elimangalisayo eliseBhayibhelini liyagxila enhliziyweni yami.”

Abanye bathola ukuthi ukusiza abantu ukuba bathole ulwazi olunembile ngoNkulunkulu kwenza nokwabo ukuphila kube nenjongo. UMeloney, owesifazane osemusha osebenza amahora angaphezu kwangu-50 njalo ngenyanga emsebenzini wokushumayela, uthi: “Inkonzo iyaqabula ngoba yenza ukuphila kwami kube nesiqondiso nenjongo. Izinkinga zami nezingcindezi zansuku zonke ziba ubala lapho ngisenkonzweni.”

UMillicent, esinye isikhonzi esishisekayo esinguFakazi KaJehova, uthi: “Inkonzo yenza lube yigugu usuku ngalunye engilusebenzisa ngikhuluma nabanye ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu ngichaza nendlela iPharadesi eliyobuyiselwa ngayo emhlabeni. Yenza uJehova abe ngokoqobo kimi usuku ngalunye futhi inginika ukuthula nesilinganiso esithile senjabulo yangaphakathi engingenakuyithola nganoma iyiphi enye indlela.”

Izilaleli Eziqabulekile

Inkonzo yobuKristu iyabaqabula ngempela abashumayeli boMbuso, kanti labo abasamukelayo isigijimi esinika ukuphila siyabaduduza. Nakuba uthisha othile wasePortugal ayeqeqeshwe yizindelakazi nabapristi, waba nomuzwa wokuthi isonto lakhe lalingazanelisi izidingo zakhe ezingokomoya. Imibuzo yakhe yeBhayibheli yayisalokhu ingaphendulekile. Isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke esaqhutshwa omunye woFakazi BakaJehova samsiza waqonda izinto eziningi ezingokomBhalo. Lo thisha wajabula. Wathi: “Njalo ngoLwesithathu ngangilindela isifundo sami ngimagange, kwazise imibuzo yami yayiphendulwa ngamunye ngamunye ngobufakazi obugculisayo beBhayibheli.” Namuhla, lona wesifazane uyinceku kaJehova ezinikezele, futhi naye unikeza abanye ukuqabuleka ngeqiniso leBhayibheli.

Kusobala-ke ukuthi ukuba nohlonze komsebenzi wabo wokushumayela akubatheni amandla oFakazi BakaJehova ngisho nobukhulu bensimu yabo yomhlaba wonke. Ukunganaki nokuphikiswa nakho akubenzi badikibale. Baye bazikhandla ngamandla ukuze bafeze ukuthunywa kwabo kokushumayela ngoMbuso. Bahlanganyela izindaba ezinhle nabantu nomaphi lapho abantu betholakala khona—endaweni yokupaka amaloli e-United States (1), esikhumulweni sezindiza saseKorea (2), e-Andes (3), noma emakethe yaseLondon (4). Abalandeli bakaJesu banamuhla bawenza ngenjabulo umsebenzi wabo ovuzayo emhlabeni wonke. Futhi ngokuvumelana nesithembiso sakhe, uye wabenza baqabuleka futhi wabasebenzisela ukwenza nabanye abaningi baqabuleke.—IsAmbulo 22:17.