Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

2 | “Induduzo Evela EmiBhalweni”

2 | “Induduzo Evela EmiBhalweni”

IBHAYIBHELI LITHI: “Ngoba zonke izinto ezalotshwa kusengaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.”​—ROMA 15:4.

Lokho Okukushoyo

IBhayibheli linamazwi aduduzayo asisiza sithole amandla futhi asikhuthaze sikwazi ukulwisana nemicabango engakhi. Umyalezo weBhayibheli uphinde usinikeze ithemba lokuthi ubuhlungu obungokomzwelo esibuzwayo maduzane buzophela.

Indlela Lokhu Okungasiza Ngayo

Sonke ngezinye izikhathi sike sizizwe sikhathazekile; kodwa labo abanesifo sokucindezeleka nokukhathazeka kakhulu bangase bakuthole kunzima ukubhekana nemizwa ebuhlungu nsuku zonke. Lingabasiza kanjani iBhayibheli?

  • IBhayibheli lingasisiza siyeke ukucabanga izinto ezimbi, sicabange izinto ezinhle. (Filipi 4:8) Lingasenza siduduzeke futhi sizole, sikwazi ukulawula imizwa yethu.​—IHubo 94:18, 19.

  • IBhayibheli lingasisiza siyeke ukucabanga ukuthi asilusizo lwalutho.​—Luka 12:6, 7.

  • Amavesi amaningi eBhayibheli asiqinisekisa ngokuthi asisodwa nokuthi uNkulunkulu, uMdali wethu, uyiqonda ngokuphelele indlela esizizwa ngayo.​—IHubo 34:18; 1 Johane 3:19, 20.

  • IBhayibheli lithembisa ukuthi uNkulunkulu uzoyiqeda imicabango esizwisa ubuhlungu. (Isaya 65:17; IsAmbulo 21:4) Lesi sithembiso singasinikeza amandla okuqhubeka sikhuthazela uma silwisana nemicabango nemizwelo esizwisa ubuhlungu.