UMBONO WEBHAYIBHELI
Umphefumulo
Izinkolo zinikeza imibono ehlukene edidayo mayelana nomphefumulo nokuthi kwenzekani kuwo lapho sifa. Nokho, iBhayibheli linikeza incazelo ecacile.
Ingabe umphefumulo awufi?
OKUSHIWO ABANTU
Abantu abaningi bakholelwa ukuthi umphefumulo awufi. Abanye bakholelwa ukuthi umphefumulo uzalwa kabusha, uvele emzimbeni omusha ngemva kokufa komzimba omdala. Abanye bakholelwa ukuthi umphefumulo udlulela kwenye indawo, njengasezulwini noma esihogweni.
OKUSHIWO IBHAYIBHELI
IBhayibheli alisho ukuthi umphefumulo awufi. Empeleni, livame ukukhuluma ngomphefumulo njengofayo. UNkulunkulu wasebenzisa umprofethi uHezekeli ukuba alobe ingxenye yeBhayibheli, ebonisa ukuthi umphefumulo ungajeziswa ngokufa. Ngezinye izikhathi, iBhayibheli lisebenzisa inkulumo ethi “umphefumulo ofile” ukuze lichaze isidumbu. (Levitikusi 21:11) Ngokusobala, iBhayibheli alifundisi ukuthi umphefumulo awufi.
“Umphefumulo owonayo
—yiwo oyokufa.” —Hezekeli 18:20.
Ingabe umphefumulo uhlukene nomzimba?
OKUSHIWO ABANTU
Umphefumulo uyaphila lapho umzimba womuntu uphila, kodwa kube sekuhlukana ngemva kokufa.
OKUSHIWO IBHAYIBHELI
IBhayibheli likhuluma ngomama njengozala “imiphefumulo”
“Wamzalela . . . imiphefumulo eyishumi nesithupha.”
—Genesise 46:18.
Kwenzekani ngomphefumulo lapho umuntu efa?
OKUSHIWO IBHAYIBHELI
Njengoba nje imizimba yethu ishabalala lapho sifa, “akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha [eThuneni].” (UmShumayeli 9:10) ImiBhalo isitshela ngokucacile ukuthi lapho umuntu efa ‘uphindela emhlabathini; ngalolo suku imicabango yakhe iyashabalala.’ (IHubo 146:4) Inkulumo ethi, umphefumulo ofile ibhekisela esimweni sokungenzi lutho, kungakho imiBhalo ivame ukufanisa abantu abafile ‘nabalele.’
KUNGANI KUNENDABA?
Lapho ufelwa abathandekayo bakho, ufuna ukwazi izimpendulo zemibuzo enjengale: Bakuphi? Bakusiphi isimo? Ingabe bayahlupheka? Njengoba iBhayibheli lisiqinisekisa ukuthi abafileyo abazi lutho, kungasiduduza ukwazi ukuthi abathandekayo bethu abafileyo abasahlupheki. Kungasiduduza nakakhulu ukwazi ukuthi uJehova uthembisa ukuvusa imiphefumulo efile iphinde iphile esikhathini esizayo.
“Abafileyo bona abazi lutho.”
—UmShumayeli 9:5.