Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Umhlaba Uzobhubha Ngo-2012?

Ingabe Umhlaba Uzobhubha Ngo-2012?

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Ingabe Umhlaba Uzobhubha Ngo-2012?

▪ Izindaba ze-BBC zithi: “Abantu abaningi bathutheleka edolobheni laseFrance ngoba bakholelwa ukuthi kuza i-apocalypse . . . Bakholelwa ukuthi umhlaba uzophela ngezi-21 December 2012, okuwukuphela komjikelezo omude weminyaka engu-5 125 ekhalendeni lamaMaya asendulo.”

Nakuba abaholi benkolo, abantu abazibheka njengososayensi, nabo bonke ababikezeli bekusasa bangekhulu lama-21 bethi umhlaba uzophela, umhlaba uyohlala kuze kube phakade. Yebo, umhlaba ngeke ubhubhe ngo-2012. Eqinisweni iplanethi enguMhlaba ngeke ibhubhe nhlobo.

IBhayibheli liyasitshela: “Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza; kodwa umhlaba umi kuze kube nini nanini.” (UmShumayeli 1:4) Cabangela nalokho okushiwo u-Isaya 45:18: “Ngoba yilokhu uJehova akushilo, . . . uMbumbi womhlaba noMenzi wawo, Yena owawumisa waqina, ongazange awudalele ize nje, owawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa: ‘NginguJehova, akekho omunye.’”

Ingabe ubaba onothando ubengasebenza amahora amaningi enzela indodana yakhe ithoyizi lesikebhe ukuze ijabule bese eliphula, noma akhele indodakazi yakhe indlu kanodoli bese eyibhidliza? Lokho kungaba into embi kakhulu! Ngendlela efanayo, uNkulunkulu udale umhlaba ngokuyinhloko ukuze kujabule indalo yakhe engabantu. Kubantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, uNkulunkulu wathi: “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe.” Ngemva kwalokho, “uNkulunkulu wabona konke ayekwenzile, bheka! kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:27, 28, 31) UNkulunkulu akayikhohliwe injongo yakhe ngomhlaba; ngeke avumele ukuba ubhujiswe. Ekhuluma ngazo zonke izithembiso zakhe, uJehova wagcizelela: “[Izwi lami] ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho engikujabulelayo, futhi liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.”—Isaya 55:11.

Nokho, kuyintando kaJehova ‘ukuchitha abachitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) EZwini lakhe uthembisa lokhu: “Ngabaqotho abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo. Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni; abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.”—IzAga 2:21, 22.

Kuyokwenzeka nini lokhu? Akekho umuntu owaziyo. UJesu wathi: “Ngokuphathelene nalolo suku noma lelo hora, akekho owaziyo, nazingelosi ezulwini naNdodana, ngaphandle kukaBaba.” (Marku 13:32) OFakazi BakaJehova abazami ukuqagela ukuthi uNkulunkulu uyobabhubhisa nini abantu ababi. Nakuba besiqaphela “isibonakaliso” sesiphelo futhi bekholelwa ukuthi abantu baphila kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘izinsuku zokugcina,’ abazi ngokuthé ngqo ukuthi “ukuphela” kuyofika nini. (Marku 13:4-8, 33; 2 Thimothewu 3:1) Bashiyela lokho ezandleni zikaBaba wabo osezulwini neNdodana yakhe.

Okwamanje, oFakazi BakaJehova bazigcina bematasa ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini oyobusa futhi ushintshe iplanethi enguMhlaba ibe ipharadesi elinokuthula, kulo “abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]

Image Science and Analysis Laboratory, NASA-Johnson Space Center