Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

KUNGANI indoda eyayinesithembu futhi iphikisa oFakazi BakaJehova yagcina inqume ukuba ngomunye wabo? Umfundisi weSonto Likamoya washukunyiswa yini ukuba ashintshe izinkolelo zakhe? Yini eyasiza owesifazane owakhula kanzima ukuba anqobe ukungazithandi futhi asondele kuNkulunkulu? Umthandi womculo onesigqi esinamandla wazithola kanjani esekhonza uNkulunkulu? Funda izindaba ezilandelayo uthole izimpendulo.

“Sengingumyeni Ongcono.”—URIGOBERT HOUETO

  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1941

  • IZWE AZALELWA KULO: IBENIN

  • UMLANDO: WAYENESITHEMBU FUTHI EPHIKISA OFAKAZI BAKAJEHOVA

UKUPHILA KWAMI:

Ngidabuka eCotonou, idolobha elikhulu laseBenin. Ekhaya sasisonta eKatolika kodwa mina ngangingayi njalo esontweni. AmaKatolika amaningi endaweni ayenesithembu, kwazise ukuganwa amakhosikazi amaningi kwakusemthethweni ngaleso sikhathi. Nami ngagcina nginamakhosikazi amane.

Lapho ukuvukela kuqala ngeminyaka yawo-1970, ngangicabanga ukuthi kuzozuzisa izwe lakithi. Ngakusekela ngenhliziyo yonke futhi ngangenela ezombusazwe. Abavukeli babengabathandi oFakazi BakaJehova ngoba babengathathi hlangothi kwezombusazwe. Nami ngabashushisa oFakazi. Lapho izithunywa zevangeli ezingoFakazi zixoshwa ezweni ngo-1976, ngangiqiniseka ukuthi ngeke ziphinde zibuye.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ukuvukela kwaphela ngo-1990, futhi ngamangala kabi lapho izithunywa zevangeli ezingoFakazi zibuya ngokushesha. Ngaqala ukucabanga ukuthi kungenzeka uNkulunkulu uyabasekela laba bantu. Cishe ngaleso sikhathi, ngathola umsebenzi omusha. Omunye wabantu engangisebenza nabo wayenguFakazi, futhi ngokushesha waqala ukuxoxa nami ngezinkolelo zakhe. Wangibonisa amavesi eBhayibheli achaza uJehova njengoNkulunkulu wothando nobulungisa. (Duteronomi 32:4; 1 Johane 4:8) Lezo zimfanelo zangihlaba umxhwele. Ngafuna ukufunda okwengeziwe ngoJehova, ngakho ngasamukela isifundo seBhayibheli.

Ngokushesha ngaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Lwangihlaba umxhwele uthando lwangempela engalubona—kwakungekho ukuhlukana ngokohlanga noma ngezikhundla. Njalo lapho nginoFakazi, kwakuba sobala ngokwengeziwe ukuthi bangabalandeli bakaJesu beqiniso.—Johane 13:35.

Ngabona ukuthi uma ngifuna ukukhonza uJehova, kwakudingeka ngilishiye iSonto LobuKatolika. Kwakungelula lokho, ngoba ngangesaba ukuthi abantu bazothini. Ngemva kwesikhathi eside nangosizo lukaJehova, ngaqunga isibindi ngesula esontweni.

Kwakusenolunye ushintsho olukhulu okwakumelwe ngilwenze. Esifundweni sami seBhayibheli ngafunda ukuthi uNkulunkulu akasamukeli isithembu. (Genesise 2:18-24; Mathewu 19:4-6) Umshado wami wokuqala yiwona awubheka njengosemthethweni. Ngakho, ngawubhalisa ngokomthetho, ngahlukana namanye amakhosikazi ami futhi ngawahlelela ukuba izidingo zawo ezingokwenyama zinakekeleke. Ngokuhamba kwesikhathi, ababili kuwo baba oFakazi BakaJehova.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Nakuba umkami esengumKatolika, uyasihlonipha isinqumo sami sokukhonza uJehova. Sobabili sikholelwa ukuthi sengingumyeni ongcono.

Ngangicabanga ukuthi ngingakwazi ukuthuthukisa umphakathi wakithi ngezombusazwe, kodwa leyo mizamo yaba yize. Manje sengiyabona ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwekhambi lezinkinga zabantu. (Mathewu 6:9, 10) Ngiyambonga uJehova ngokungibonisa indlela yokuthola injabulo yangempela ekuphileni.

“Kwakungelula Ukwenza Izinguquko Okwakudingeka Ngizenze.”—U-ALEX LEMOS SILVA

  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1977

  • IZWE AZALELWA KULO: IBRAZIL

  • UMLANDO: WAYENGUMFUNDISI WESONTO LIKAMOYA

UKUPHILA KWAMI:

Ngakhulela emaphethelweni edolobha lase-Itu, eSão Paulo State. Le ngxenye yedolobha yayidume ngokuba nezinga eliphezulu lobugebengu.

Ngangiyisixhwanguxhwangu futhi ngiziphatha kabi. Ngaphezu kwalokho, ngangishushumbisa izidakamizwa. Ngokuhamba kwesikhathi ngaqaphela ukuthi uma ngiqhubeka naleyo mpilo ngangizophelela ejele noma ethuneni; ngakho ngayiyeka. Ngangena eSontweni Likamoya futhi ngagcina sengingumfundisi.

Ngangicabanga ukuthi uma ngingumfundisi ngingabasiza ngempela abantu. Ngangishumayela nasemsakazweni, ngakho ngaba usaziwayo. Nokho, kancane kancane kwangikhanyela ukuthi amasonto awanandaba nenhlalakahle yamalungu awo—ingasaphathwa eyokuhlonipha uNkulunkulu. Ngaba nomuzwa wokuthi into ehamba phambili kuwo ukwenza imali. Nganquma ukwesula.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngesikhathi ngiqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngazibonela zibekwa nje ukuthi bahlukile kwezinye izinkolo. Zimbili izinto ezangihlaba umxhwele kakhulu ngabo. Okokuqala, oFakazi BakaJehova abagcini nje ngokuthi bathanda uNkulunkulu nomakhelwane; bayakubonisa. Okwesibili, abahlanganyeli kwezombusazwe noma ezimpini. (Isaya 2:4) Lezo zinto ezimbili zangenza ngakholelwa ukuthi ngithole inkolo yeqiniso—indlela enyinyekile eholela ekuphileni okuphakade.—Mathewu 7:13, 14.

Ngaqaphela ukuthi uma ngifuna ukujabulisa uNkulunkulu, kwakuzodingeka ngenze izinguquko ezinkulu. Kwakuzodingeka nginake umkhaya wami kakhudlwana. Kwakuzodingeka nokuba ngithobeke. Kwakungelula ukwenza izinguquko okwakudingeka ngizenze, kodwa ngosizo lukaJehova ngaphumelela. Zamhlaba umxhwele lezi zinguquko umkami. Wayeqale ukutadisha iBhayibheli ngaphambi kwami, kodwa manje wathuthuka ngokushesha. Ngokushesha saqaphela ukuthi sifuna ukuba oFakazi BakaJehova. Sabhapathizwa ngosuku olulodwa.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Mina nomkami sisiza izingane zethu ezintathu ukuba zithuthukise ubuhlobo bazo noJehova futhi siwumkhaya ojabulayo. Ngiyambonga uJehova ngokungidonsela eqinisweni eliseZwini lakhe, iBhayibheli. Liyakushintsha ngempela ukuphila kwabantu! Ngiwufakazi walokho.

“Angisahlushwa Unembeza Futhi Ngizizwa Ngijabule Ngokugcwele.”—UVICTORIA TONG

  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1957

  • IZWE AZALELWA KULO: I-AUSTRALIA

  • UMLANDO: WAKHULA KANZIMA

UKUPHILA KWAMI:

Ngakhulela eNewcastle, eNew South Wales. Ngiyinkosazana ezinganeni ezingu-7 futhi ekhaya kwakunobudlova. Ubaba wayeyisidakwa, umama enobudlova. Umama wayengishaya njalo futhi angithuke. Wayehlale engitshela ukuthi angizwa futhi ngiyosha esihogweni. Lokho kwakungethusa.

Ngangivame ukungayi esikoleni ngenxa yemivimbo engangiba nayo ngemva kokushaywa umama. Lapho ngineminyaka engu-11, abezenhlalakahle bangisusa kubazali bami bangiyisa ekhaya lezintandane, kamuva ngaya ekhaya lezindela. Lapho ngihlanganisa iminyaka engu-14, ngeqa ekhaya lezindela. Ngangingafuni ukubuyela ekhaya, ngakho ngahlala emigwaqweni yaseKings Cross, edolobheni laseSydney.

Ngesikhathi ngihlala emigwaqweni, ngahileleka ezidakamizweni, otshwaleni, ekubukeni izithombe zobulili ezingcolile nasekuthengiseni ngomzimba. Ngolunye usuku kwenzeka into eyangethusa kakhulu. Ngangihlala efulethini lomnikazi we-nightclub. Ngobunye ubusuku, wavakashelwa amadoda amabili. Wathi angiye ekamelweni, kodwa ngangibezwa ukuthi bathini. Umnikazi we-nightclub wayenza amalungiselelo okungidayisa kula madoda. Ayezongifihla emkhunjini wezimpahla angiyise eJapan ukuze ngiyosebenza kwenye i-nightclub. Ngethuka kwaphela nasozwaneni, ngagxuma ngisuka esitezi engangikuso, ngathi galo yephuka.

Ngahlangana nendoda eyayivakashele eSydney, ngayichazela isimo sami, nginethemba lokuthi izongipha imadlana. Kunokuba yenze kanjalo, yathi mangihambe nayo ngiye lapho ihlala khona ukuze ngigeze ngithole nokuya ngasethunjini. Kwaba ukuhlala kwami naleyo ndoda. Ngemva konyaka, sashada.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Lapho ngiqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngahlushwa imizwa enhlobonhlobo. Ngacasuka lapho ngithola ukuthi nguSathane oyimbangela yobubi ngoba phela ngaphambili ngangifundiswe ukuthi nguNkulunkulu obangela ukuhlupheka. Ngathola impumuzo enkulu lapho ngifunda ukuthi akajezisi abantu esihogweni somlilo, imfundiso eyayingethusa kusukela ebuntwaneni.

Yangihlaba umxhwele indlela oFakazi abasekela ngayo zonke izinqumo zabo eBhayibhelini. Baphila ngokuvumelana nalokho abakukholelwayo. Nganginenkani, kodwa kungakhathaliseki ukuthi ngithini noma ngenzani, baqhubeka bengiphatha ngothando nangenhlonipho.

Inkinga enkulu engiye ngabhekana nayo isikhathi eside ukuzizwa ngingelutho. Ngangizizonda ngempela, futhi le mizwa yaqhubeka isikhathi eside nangemva kokuba ngibhapathiziwe njengomunye woFakazi BakaJehova. Ngangazi ukuthi ngiyamthanda uJehova, kodwa ngangizitshela ukuthi akanakumthanda umuntu onjengami.

Isimo sami sengqondo sashintsha cishe ngemva kweminyaka engu-15 ngibhapathiziwe. Isikhulumi esasibeka inkulumo eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova sakhuluma ngoJakobe 1:23, 24. Lawo mavesi afanisa iZwi likaNkulunkulu nesibuko esingasisiza ukuba sizibheke ngendlela uJehova asibheka ngayo. Ngaqala ukuzibuza ukuthi kazi indlela engizibheka ngayo iyafana yini nendlela angibheka ngayo. Kwaqala kwaba nzima ukuwamukela lowo mbono. Ngangisenomuzwa wokuthi ngiyobe ngenza iphutha uma ngilindela ukuba uJehova angithande.

Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, ngafunda u-Isaya 1:18, umBhalo owashintsha ukuphila kwami. Kuwo uJehova uthi: “Wozani, manje, masilungise izindaba phakathi kwethu. . . . Nakuba izono zenu kungenzeka ukuthi zibomvu klebhu, zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa.” Ngaba nomuzwa wokuthi uJehova ukhuluma nami, uthi: “Woza Vicky, masilungise izindaba phakathi kwethu. Ngiyakwazi, ngiyazazi izono zakho, ngiyayazi inhliziyo yakho—futhi ngiyakuthanda.”

Ngehluleka ukulala ngalobo busuku. Ngangisangabaza ukuthi uJehova angangithanda, kodwa ngaqala ukucabanga ngomhlatshelo kaJesu wesihlengo. Khona manjalo, kwangikhanyela ukuthi uJehova ubelokhu engibekezelele, engibonisa ngezindlela eziningi ukuthi uyangithanda. Kodwa kwakunjengokungathi ngithi kuye: “Uthando lwakho alunganele. Umhlatshelo weNdodana yakho awanele ukuhlawulela izono zami.” Kwakunjengokungathi ngitshela uJehova ukuthi angilifuni ilungiselelo lakhe lesihlengo. Kodwa ngemva kokuzindla ngalesi sipho sesihlengo, ngaqala ukuluzwa uthando lwakhe.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Angisahlushwa unembeza onecala futhi ngizizwa ngijabule ngokugcwele. Umshado wami uye wathuthuka kakhulu futhi ngiyakujabulela ukuxoxa ngokuphila kwami ukuze ngisize abanye. Ngizizwa ngisondelana kakhulu noJehova.

‘Umthandazo Wami Waphendulwa.’—USERGEY BOTANKIN

  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1974

  • IZWE AZALELWA KULO: IRUSSIA

  • UMLANDO: WAYETHANDA UMCULO ONESIGQI ESINAMANDLA

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa eVotkinsk, endaweni okwazalelwa kuyo umqambi wezingoma odumile uPyotr Ilich Tchaikovsky. Ekhaya sasihlupheka. Ubaba wayeyindoda ezilungele, kodwa wayeyisidakwa, ngakho ekhaya kwakungemnandi ngempela.

Ngangingakhaliphile kangako esikoleni, futhi njengoba isikhathi sihamba ngaqala ukuzibona ngiyisiphukuphuku. Ngaqala ukuba inkom’ idla yodwa futhi ngangabethemba abanye abantu. Ngangibikelwa uma kufanele ngiye esikoleni. Ngokwesibonelo, lapho kudingeka ngikhulume phambi kwekilasi, zazivele ziyime emthumeni; ngangehluleka ukuchaza ngisho nezinto engizaziyo. Lapho ngiqeda ibanga lesithupha, encwadini yami yemiphumela yesikole kwakubhalwe lokhu: “Amagama amaningi akawazi, akakwazi ukuveza okusengqondweni yakhe.” Lawo mazwi angidumaza kakhulu, angenza ngazizwa ngingento yalutho. Ngaqala ukuzibuza ukuthi ngiphilelani.

Lapho ngisanda kweva eminyakeni eyishumi nambili, ngaqala ukuphuza utshwala. Ekuqaleni, utshwala babungenza ngizizwe ngijabule. Kodwa uma ngiphuze kakhulu, ngangidliwa unembeza. Ukuphila kwami kwakubonakala kungenanjongo. Ngaqala ukuzizwa ngicindezelekile; ngezinye izikhathi ngangizivalela endlini izinsuku eziningi. Ngaqala ukucabanga ngokuzibulala.

Lapho ngihlanganisa iminyaka engu-20, ngaqala ukuthanda umculo onesigqi esinamandla futhi wakudambisa ukucindezeleka enganginakho. Wawungenza ngizizwe nginomdlandla, ngakho ngafuna abanye abawuthandayo. Ngakhulisa izinwele zaba zinde, ngabhoboza izindlebe futhi ngagqokisa okwabaculi engibathandayo. Kancane kancane, ngaba nesimo sengqondo sokungabi nandaba futhi ngaba nolaka. Ngangixabana nabasekhaya mihla namalanga.

Ngangicabanga ukuthi ukulalela umculo onesigqi esinamandla kuzongenza ngijabule, kodwa eqinisweni kwenzeka okuhlukile. Wawungenza omunye umuntu! Lapho ngizwa ngezinto ezimbi ezazenziwa izihlabani zalo mculo engangizithanda, ngaphoxeka.

Ngaphinde ngacabanga ngokuzibulala—kulokhu ngangifuna ngempela ukuzibulala. Kodwa lapho ngicabanga ngokuthi umama uzophatheka kanjani, nganquma ukungazibulali. Wayengithanda kakhulu, futhi kukhulu ayesengenzele khona. Isimo engangibhekene naso sasinzima kakhulu. Ngangingasafuni ukuphila, kodwa futhi ngangesaba ukuzibulala.

Ukuze ngigcine ingqondo yami imatasa, ngaqala ukufunda izincwadi ezilotshwe ababhali baseRussia. Enye indaba engayifunda yayixoxa ngeqhawe elalikhonza esontweni. Njengoba ngiyifunda, ngaba nesifiso esikhulu sokwenzela uNkulunkulu nabantu okuthile. Ngathandaza ngathulula isifuba sami kuNkulunkulu, into engangingakaze ngiyenze. Ngamcela ukuba angibonise indlela yokuphila ukuphila okunenjongo. Phakathi nalowo mthandazo, ngezwa sengathi kukhona umthwalo osindayo osuka emahlombe ami. Kodwa okumangalisa nakakhulu yilokho okwenzeka ngemva kwalokho. Ngemva nje kwamahora amabili, kwafika uFakazi kaJehova wacela ukungiqhubela isifundo seBhayibheli. Ngikholelwa ukuthi uNkulunkulu wayephendula umthandazo wami. Yaqala kanjalo impilo entsha nejabulisayo.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Nakuba kwakungelula, ngalahla yonke into enganginayo ehlobene nomculo onesigqi esinamandla. Kodwa ngaqhubeka ngiwuthanda lo mculo. Uma kwenzeka ngidlula endaweni edlala lowo mculo, ngangivele ngikhumbule ukuphila kwami kwakudala. Ngangingafuni izinto ezinhle ezazigxila engqondweni nasenhliziyweni yami ukuba zidungwe izinkumbulo ezimbi. Ngakho, ngazigwema lezo zindawo. Noma nini lapho ngizithola ngicabanga ngemuva lami, ngangithandaza ngokusuka enhliziyweni. Lokho kwangisiza ukuba ngithole “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.”—Filipi 4:7.

Njengoba ngangiqhubeka ngitadisha iBhayibheli, ngafunda ukuthi amaKristu anesibopho sokuhlanganyela ukholo lwawo nabanye. (Mathewu 28:19, 20) Ngangicabanga ukuthi ngeke ngikwazi ukukwenza lokho. Ngesikhathi esifanayo, izinto ezintsha engangizifunda zazingilethela injabulo enkulu nokuthula kwangaphakathi. Ngangazi ukuthi nabanye kufanele bawazi lawo maqiniso. Naphezu kovalo, ngaqala ukuxoxela abanye ngalokho engangikufunda. Kwangimangaza ukuthi ukuxoxela abanye ngeBhayibheli empeleni kwakungisiza ukuba ngibe nesibindi, ngizethembe. Kwangisiza nokuba ngizigxilise enhliziyweni izinkolelo zami ezintsha.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Manje ngishadile, ngijabule futhi ngiye ngakwazi ukusiza abantu abaningi ukuba bazi iBhayibheli, kuhlanganise nodadewethu nomama. Ukukhonza uNkulunkulu nokusiza abanye ukuba bamazi kuye kwenza ukuphila kwami kwaba nenjongo yangempela.