IsiZulu
Izikhathi Ezingcono Ziseduze!
/assets/ct/79e1b14fff/images/syn_placeholder_sqr.png
w11 5/1 k. 10
Izikhathi Ezingcono Ziseduze!

Izikhathi Ezingcono Ziseduze!

“Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho . . . Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHUBO 37:10, 11.

UNGATHANDA yini ukubona isiprofetho esicashunwe ngenhla sigcwaliseka? Ngokuqinisekile ungathanda. Kunezizathu ezizwakalayo zokukholelwa ukuthi maduze sizogcwaliseka.

Izihloko ezandulele zixoxe ngezinye zeziprofetho zeBhayibheli ezibonisa ngokucacile ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina.” (2 Thimothewu 3:1-5) UNkulunkulu waphefumulela abalobi beBhayibheli ukuba babikezele lezo zenzakalo ukuze sibe nethemba. (Roma 15:4) Ukugcwaliseka kwalezi ziprofetho kusitshela ukuthi izinkinga esibhekene nazo sekuseduze ziphele.

Kuyokwenzekani uma sekudlule izinsuku zokugcina? UMbuso kaNkulunkulu uyobusa bonke abantu. (Mathewu 6:9) Yizwa ukuthi iBhayibheli lithi izimo ziyoba njani emhlabeni ngaleso sikhathi:

● Indlala ngeke isaba khona. “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:16.

● Izifo ziyophela. “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.

● Umhlaba uyovuselelwa ube musha. “Ihlane nesifunda esingenamanzi kuyothaba, ithafa eliwugwadule liyojabula futhi liqhakaze njengesafroni.”—Isaya 35:1.

Lezi yizibonelo ezimbalwa nje zeziprofetho zeBhayibheli ezikhuthazayo ezizogcwaliseka maduze. Cela oFakazi BakaJehova bakubonise ukuthi kungani beqiniseka ngokuthi izikhathi ezingcono ziseduze.