Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isiprofetho 6. Umsebenzi Wokushumayela Owenziwa Emhlabeni Wonke

Isiprofetho 6. Umsebenzi Wokushumayela Owenziwa Emhlabeni Wonke

Isiprofetho 6. Umsebenzi Wokushumayela Owenziwa Emhlabeni Wonke

“Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe.”—MATHEWU 24:14.

● UVaiatea uhlala esiqhingini sasePacific esicezile eTuamotu Archipelago. Nakuba iTuamotu ineziqhingi ezincane ezingazodwa ezicishe zibe ngu-80 ezithé chithi saka endaweni engamakhilomitha-skwele angaphezu kuka-802 900, abantu abahlala kule ndawo bathi ababe ngu-16 000. Nokho, uVaiatea nomakhelwane bakhe baye bavakashelwa oFakazi BakaJehova. Kungani? Kungenxa yokuthi bafuna ukuxoxa nabo bonke abantu ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu—kungakhathaliseki ukuthi bahlalaphi.

ABONISANI AMAQINISO? Isigijimi soMbuso sifinyelela bonke abantu emhlabeni. Ngo-2010 kuphela, oFakazi BakaJehova bachitha amahora angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,6 bememezela izindaba ezinhle emazweni angu-236, okusho ukuthi ngokwesilinganiso uFakazi ngamunye wayeshumayela imizuzu engu-30 usuku ngalunye. Eminyakeni eyishumi edlule, oFakazi baye banyathelisa futhi basakaza izincwadi zokufunda iBhayibheli ezingaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-20.

YIZIPHI IZINTO EZIVAME UKUSHIWO? Sekuyiminyaka eminingi kushunyayelwa isigijimi seBhayibheli.

INGABE LEZO ZINTO ZIYIQINISO? Kuyiqiniso ukuthi abantu abaningi baye babashumayeza abanye ngeBhayibheli. Nokho, iningi labo liye lashumayela isikhashana noma lashumayela endaweni encane. Ngokuphambene, oFakazi BakaJehova bashumayela emhlabeni wonke. Bafinyelela izigidi zabantu futhi umsebenzi wabo bawenza ngendlela ehlelekile. Baye babekezela naphezu kokuphikiswa okukhulu okuvela ezinhlanganweni ezithile zabantu ezinamandla nezinonya emlandweni. * (Marku 13:13) Ngaphezu kwalokho, abakhokhelwa ngokushumayela kwabo. Kunalokho, banikela ngesikhathi sabo ngokuzithandela, futhi banika abantu izincwadi ngaphandle kwenkokhiso. Umsebenzi wabo usekelwa ngokuphelele ngeminikelo yokuzithandela.

UCABANGANI? Ingabe ‘izindaba ezinhle zombuso’ ziyashunyayelwa emhlabeni wonke? Ingabe ukugcwaliseka kwalesi siprofetho kusho ukuthi kunokuthile okungcono ngaphambili?

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, buka la ma-video amathathu analezi zihloko: “Faithful Under Trials,” “Purple Triangles,” nethi “Jehovah’s Witnesses Stand Firm Against Nazi Assault,” akhiqizwa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]

“Uma nje uJehova esasivumele, sizoqhubeka sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngentshiseko, sizame ngazo zonke izindlela ukufinyelela abantu.”—INCWADI YONYAKA YOFAKAZI BAKAJEHOVA KA-2010.