Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

THOLA IMPUMUZO EKUCINDEZELEKENI

Ungaphila Ngaphandle Kokucindezeleka

Ungaphila Ngaphandle Kokucindezeleka

Ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kungasisiza sigweme ukucindezeleka okungadingekile. Thina ngokwethu asikwazi ukuqeda konke okusicindezelayo. Kodwa uMdali wethu angakwazi. Umise ngisho nomuntu ozosisiza. Lowo muntu uJesu Kristu. Emhlabeni wonke, uzokwenza izinto eziningi ezimangalisayo ezingaphezu kwalezo azenza ngesikhathi esengumuntu emhlabeni. Ngokwesibonelo:

UJESU UZOKWELAPHA ABAGULAYO, NJENGOBA ENZA.

“Bamlethela bonke ababenezifo nezinhlupheko ezihlukahlukene . . . , wabelapha.”—MATHEWU 4:24.

UJESU UZONIKEZA BONKE IZINDAWO ZOKUHLALA NOKUDLA.

“[Labo abazobuswa uKristu] bayokwakha izindlu bahlale kuzo, bayotshala amasimu amagilebhisi badle izithelo zawo. Ngeke bakhe bese kuhlala omunye, ngeke batshale bese kudla abanye.”—ISAYA 65:21, 22.

UKUBUSA KUKAJESU KUZOKWENZA UMHLABA UBE NOKUTHULA NOKULONDEKA.

“Ezinsukwini zayo olungile uyoqhakaza, nokuthula kuyochichima uma nje inyanga isekhona. Iyoba nezikhonzi kusukela olwandle kuze kube solwandle kusukela eMfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba. . . . Inkosi iyozinqoba izitha zayo.”—IHUBO 72:7-9.

UJESU UZOQEDA UKUNGABI NABULUNGISA.

‘Uzohawukela ophansi noswele, uzosindisa ukuphila kwabampofu. Uzobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni.’—IHUBO 72:13, 14.

UJESU UZOQEDA NGISHO NOKUHLUPHEKA NOKUFA.

“Ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—ISAMBULO 21:4.