Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 01

Lingakusiza Kanjani IBhayibheli?

Lingakusiza Kanjani IBhayibheli?

Cishe sonke sinemibuzo ephathelene nokuphila, ukuhlupheka, ukufa nekusasa. Siyakhathazeka nangezinkinga zosuku nosuku, njengokuthi singayithola kanjani imali eyanele ukuze sithole esikudingayo nokuthi singaba kanjani nomndeni ojabulayo. Abantu abaningi bathola ukuthi iBhayibheli aligcini nje ngokuphendula imibuzo ebalulekile yokuphila kodwa libanikeza neseluleko abangasisebenzisa ekuphileni kwabo. Ucabanga ukuthi iBhayibheli lingasiza wonke umuntu?

1. Imiphi eminye imibuzo iBhayibheli eliyiphendulayo?

IBhayibheli liphendula le mibuzo ebalulekile: Kwaba khona kanjani ukuphila? Kungani silapha? Kungani abantu abangenacala behlupheka? Kwenzekani lapho umuntu eshona? Uma wonke umuntu efuna kube nokuthula, kungani kunezimpi ezingaka? Kuzokwenzekani ngomhlaba esikhathini esizayo? IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sizifune izimpendulo zale mibuzo, futhi abantu abaningi bathole ukuthi izimpendulo zalo ziyabanelisa.

2. IBhayibheli lingasisiza kanjani sikujabulele ukuphila usuku nosuku?

IBhayibheli lisinika iseluleko esihle. Ngokwesibonelo, lifundisa imindeni ukuthi ingayithola kanjani injabulo yangempela. Lisitshela ukuthi singabhekana kanjani nokucindezeleka nokuthi singakujabulela kanjani ukusebenza. Uzothola ukuthi iBhayibheli lifundisani ngalokhu, ufunde nokunye okuningi njengoba sifunda le ncwadi ndawonye. Uzovuma ukuthi “yonke imiBhalo [yonke into eseBhayibhelini] . . . iyasiza.”​2 Thimothewu 3:​16.

Le ncwadi ayithathi isikhundla seBhayibheli. Kunalokho, ikukhuthaza ukuba uzihlolele ngokwakho iBhayibheli. Ngakho, sicela ufunde imiBhalo ekulezi zifundo uyiqhathanise nalokho okufundayo.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi iBhayibheli libasize kanjani abantu, ukuthi ungakujabulela kanjani ukulifunda nokuthi kungani kukuhle ukuthola usizo ukuze uliqonde.

3. IBhayibheli lingasiqondisa

IBhayibheli lifana nesibani. Singalisebenzisa ukuze senze izinqumo ezinhle futhi lingasisiza sazi ukuthi yini ezokwenzeka esikhathini esizayo.

Fundani iHubo 119:​105, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • UmBhali waleli hubo wayecabangani ngeBhayibheli?

  • Uyini owakho umbono ngeBhayibheli?

4. IBhayibheli lingayiphendula imibuzo yethu

Omunye wesifazane wathola ukuthi iBhayibheli liyayiphendula imibuzo eyayisimkhathaze iminyaka eminingi. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Kule vidiyo yimiphi imibuzo ayenayo lona wesifazane?

  • Ukutadisha iBhayibheli kwamsiza kanjani?

IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sibuze imibuzo. Fundani uMathewu 7:​7, bese nixoxa ngalokhu:

  • Yimiphi imibuzo onayo iBhayibheli elingase likwazi ukuyiphendula?

5. Ungakujabulela ukufunda iBhayibheli

Abantu abaningi bayakujabulela ukufunda iBhayibheli futhi liyabasiza. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Kule vidiyo, abantu abasha babezizwa kanjani ngokufunda?

  • Kungani bezizwa ngendlela ehlukile manje ngokufunda iBhayibheli?

IBhayibheli lithi lingasifundisa, lisinikeze induduzo nethemba. Fundani eyabaseRoma 15:​4, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ingabe uyasithanda isithembiso seBhayibheli senduduzo nethemba?

6. Abanye bangasisiza ukuba siliqonde iBhayibheli

Abaningi baye bathola ukuthi ngaphandle kokuzifundela iBhayibheli bebodwa kuyasiza nokuxoxa ngalo nabanye. Fundani izEnzo 8:​26-31, bese nixoxa ngalo mbuzo:

Indoda engumTopiya yayidinga usizo ukuze iqonde imiBhalo. Abantu abaningi namuhla kuyabasiza ukuxoxa ngeBhayibheli nabanye

ABANYE ABANTU BATHI: “Ukutadisha iBhayibheli kuwukudlala ngesikhathi.”

  • Wena ungathini? Kungani ungasho kanjalo?

UKUBUYEKEZA

IBhayibheli linikeza iseluleko esingasisebenzisa ekuphileni nsuku zonke, liphendule imibuzo ebalulekile, lisinike induduzo nethemba.

Ufundeni?

  • Singathola izeluleko ezinjani eBhayibhelini?

  • Yimiphi eminye imibuzo ephendulwa iBhayibheli?

  • Yini ongathanda ukuyifunda eBhayibhelini?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Bona ukuthi iBhayibheli layisiza kanjani indoda eyayihlushwa ukucindezeleka kusukela isencane.

Indlela Okwaqala Ngayo Ukuphila Kwami Okujabulisayo

Hlola iseluleko esisebenzayo iBhayibheli elisinikeza imindeni.

“Izinto Ezingu-12 Ezenza Imindeni Iphumelele” (Phaphama! No. 2 2018)

Thola ukuthi iBhayibheli liwulungisa kanjani umbono oyiphutha abaningi abanawo ngokuthi ubani ngempela obusa izwe.

Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli?​—Ephelele