Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

PHAPHAMA! No. 2 2018 | Izinto Ezingu-12 Ezenza Imindeni Iphumelele

Izinto Ezingu-12 Ezenza Imindeni Iphumelele

Sivame ukuzwa ngezinto eziningi ezibangela ukuba imindeni ingaphumeleli. Kodwa ikhona imindeni ejabulayo. Yini eyenza iphumelele?

  • Phakathi kuka-1990 no-2015 laphindeka kabili inani labantu abaneminyaka engaphezu kwengu-50 abadivosa e-United States. Kanti elabaneminyaka engaphezu kwengu-65 laphindeka kathathu.

  • Abazali badidekile: Abanye ochwepheshe bathi kufanele abazali bazincome njalo izingane zabo, kanti abanye bathi akufanele.

  • Intsha ikhula ingenawo amakhono ewadingayo ukuze iphumelele ekuphileni.

Noma kunjalo, iqiniso liwukuthi . . .

  • Umshado ungajabulisa futhi uhlale njalo.

  • Abazali bangafunda ukuyala izingane zabo ngendlela enothando.

  • Intsha ingawafunda amakhono ezowadinga lapho isikhulile.

Kanjani? Le Phaphama! izixoxa ngezinto ezingu-12 ezenza imindeni iphumelele.

 

1: Ukuzinikela

Amacebiso amathathu angasiza abantu abashadile bajabule.

2: Ukubambisana

Ingabe oshade naye usefana nomuntu ohlalisene naye?

3: Ukuhloniphana

Amacebiso angasiza wena noshade naye ukuba nikwazi ukuphathana nokukhulumisana ngendlela ebonisa inhlonipho.

4: Ukuthethelela

Yini engakusiza ungagxili emaphutheni oshade naye?

5: Ukuxoxa

Kunezinto ezintathu ezingakusiza usondelane nezingane zakho.

6: Ukuyala

Ingabe ukuyala ingane kuyenza izenyeze?

7: Ukufundisa

Yini okufanele uyifundise izingane zakho?

8: Ukuba Isibonelo

Okufundisa izingane zakho kufanele kuhambisane nezenzo zakho.

9: Ukuzazi

Abantu abasha bangakulwela kanjani lokho abakukholelwayo?

10: Ukwethembeka

Kubalulekile ukuba wenze abazali bakho bakwethembe.

11: Ukukhuthala

Ukuzijwayeza ukusebenza ngokuzikhandla usemusha kungakusiza uphumelele kukho konke okwenzayo ekuphileni.

12: Ukuzibekela Imigomo

Ukufinyelela imigomo kungakusiza uzethembe, uqinise ubungane bakho nabanye, futhi uhlale ujabule.

Okunye Okungasiza Imindeni

Izeluleko eziseBhayibhelini zingakusiza emshadweni wakho futhi zenze nomndeni wakho ujabule.