Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isiyalo siqondisa ingane ngendlela iphini lokugwedla eliqondisa ngayo isikebhe

ABAZALI

6: Ukuyala

6: Ukuyala

KUSHO UKUTHINI?

Ukuyala kungasho ukuqondisa noma ukufundisa. Ngezinye izikhathi kuhilela nokulungisa ingane uma ingalaleli. Kodwa ngokuvamile kusho ukuyifundisa indlela yokubona okulungile nokungalungile, ukuze ikwazi ukwenza izinqumo ezinhle.

KUNGANI KUBALULEKILE?

Eminyakeni yamuva, abazali abaningi bayekile ukuyala izingane zabo ngenxa yokwesaba ukuthi kungazenza zingazethembi. Nokho, abazali abahlakaniphile babekela izingane zabo imithetho bese beyaziqeqesha ukuba ziyilalele.

“Izingane kufanele zibekelwe imingcele ukuze zikhule kahle, zibe abantu abadala abazimele. Izingane ezingayalwa zifana nomkhumbi ongaqondiseki, ongagcina udukile noma uketukile.”—UPamela.

ONGAKWENZA

Namathela kokushilo. Uma ingane yakho ingayilaleli imithetho oyibekile, yijezise. Uma ilalela, yincome.

“Abantu abaningi abakuthandi ukulalela, ngakho lapho izingane zami zilalela ngiyazincoma. Ukuzincoma kwenza kube lula ukuba zisamukele isiyalo lapho sidingeka.”—UChristine.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”​—Galathiya 6:7.

Zicabangele izingane zakho. Uma ingane yakho yenze iphutha, cabangela iminyaka yayo nekhono layo lokwenza izinqumo. Kungcono ukukhipha isijeziso esihambisana nephutha elenziwe. Ngokwesibonelo, uma ingane yakho isebenzise kabi iselula, ungase uyiphuce yona okwesikhashana. Ngesikhathi esifanayo, gwema ukucasulwa izinto ezincane.

“Uma ingane yami yonile, ngiye ngizame ukubona ukuthi kube yiphutha yini noma yenze ngamabomu. Kunomehluko phakathi komkhuba odinga ukulungiswa nephutha ingane edinga ukuqasheliswa lona.”—UWendell.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.”​—Kolose 3:21.

Yiba nothando. Kulula ngezingane ukwamukela isiyalo futhi zisisebenzise uma zazi ukuthi umzali uyazithanda.

“Lapho indodana yethu yenza amaphutha, sasiyiqinisekisa ngokuthi siyaziqhenya ngayo futhi sasingazikhohliwe izinqumo ezinhle eyayizenzile ngaphambili. Sasiyichazela ukuthi iphutha layo lalingeke liyenze umuntu omubi uma nje yayililungisa, futhi nathi sasizoyisiza kulokho.”—UDaniel.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa.”—1 Korinte 13:4.