Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUSHUMAYELA NOKUFUNDISA EMHLABENI WONKE

E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi

E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi
  • INANI LAMAZWE 48

  • INANI LABANTU 4 315 759 010

  • INANI LABAMEMEZELI 703 271

  • INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 732 106

Wabuza Ukuthi Abanye Bangeza Yini

E-Indonesia umzalwane wanikeza indoda epakisa izimoto isimemo seSikhumbuzo sekusele izinsuku ezimbili kube yiSikhumbuzo. Le ndoda engumSulumane yabuza ukuthi bangeza yini nabanye njengoba yayithole isimemo esisodwa. Umzalwane wachaza ukuthi nabanye bangeza. Le ndoda yathi inomkhaya omkhulu, yayisicela ezinye izimemo. Umzalwane wayinika izimemo ezingu-20, wayeseyichazela ukuthi lesi yiSikhumbuzo sokufa kukaJesu nokuthi bonke abantu, kuhlanganise namaKristu namaSulumane, bangeza. Le ndoda yathi izofika nabantu abalinganiselwa ku-60 kuya ku-70.

Lapho inkulumo yeSikhumbuzo isiqalile, sekukhona abangu-248, le ndoda yafika ihamba nabantu abayikhulu—amadoda, abesifazane kanye nezingane kuhlanganise nasebekhulile kanye nowesifazane okwase kuseduze abelethe. Babeqashe izimoto eziningana ezazizobahambisa ehhotela iSikhumbuzo esasiqhutshelwa kulo. Lapho onogada basehhotela bebona lesi sixuku, baqale basenqabela ukungena. Babezibuza ukuthi kungani amaSulumane amaningi kangaka efuna ukungena embuthanweni wamaKristu. Ngemva kokuba laba bantu bebonise onogada izimemo zeSikhumbuzo, onogada babayisa ehholo. Bangu-60 abavunyelwa ukungena ehholo elaligcwele liphuphuma.

Ngemva kwezinsukwana, umzalwane wavakashela le ndoda wayibuza ukuthi abantu eyafika nabo bayijabulela yini inkulumo. Nakuba yavuma ukuthi bonke babeqale baba namahloni okuya, yathi bahlabeka umxhwele ngoba bonke abantu babaphatha kahle, bababingelela futhi babaxhawula. Umzalwane wabe eseyimemela enkulumweni ekhethekile eyayizoba ngeSonto elilandelayo. Kulokhu, yafika namalungu omndeni abalelwa ku-40 nomakhelwane. Njengoba bafika inkulumo isizophela, abadala banquma ukuyiphinda. Usihlalo waphinde wayethula inkulumo, wachaza kafushane isimiso, wayesethula ingoma nomthandazo. Ukuze kusizwe laba bantu abangamaSulumane, kuyo yonke inkulumo isikhulumi sasisebenzisa amagama abawajwayele, anjengokuthi “iNcwadi Engcwele” esikhundleni sokuthi “iBhayibheli” nelithi “umprofethi u-Isa” esikhundleni sokuthi “uJesu.”

Kamuva, umdala wavakashela le ndoda emzini wayo waqala ingxoxo yeBhayibheli nayo esekelwe encwajaneni ethi Lalela UNkulunkulu. Abanye abangu-12 bahlanganyela kule ngxoxo, kuhlanganise nabesifazane abangamaSulumane nezingane ezimbalwa.

Izincwadi Zokufunda Emabhasini

EMongolia: Bethole imvume, abamemezeli bahambisela abagibeli izincwadi

Amabhasi asuka e-Ulaanbaatar, eMongolia, alihamba lonke izwe. Uhambo olunjalo lungathatha amahora angaze abe ngu-48. Abagibeli bazibukela ngaphandle ngamafasitela noma badonse ubuthongo. Nakuba abantu baseMongolia bekuthanda ukufunda, abanikezwa izincwadi emabhasini. Benalokhu engqondweni, abanye abazalwane baseBandleni LaseSonginokhairkhan baya kubashayeli bamabhasi bathi: “Sithanda ukunipha isipho salezi zincwadi ezinhle. Ezindizeni kuhlale kunokuthile okufundwayo ezihlalweni. Uma nicabanga ukuthi abagibeli bangathanda ukuba nezinto ezifundwayo, singababekela izincwadi ezihlalweni.” Abashayeli bamabhasi abangu-8 bavuma. Ngenxa yalokho, abazalwane bahambisa omagazini abangu-299 nezincwajana ezingu-144. Bahlela ukubalethela omagazini abasha uma sebekhona.

Umuntu Okungeyena

Kwelinye lamazwe ase-Asia, abadala ababili bacelwa ukuba bavakashele udade okwase kuphele iminyaka engu-8 epholile. Njengoba babengamazi lo dade, abazalwane bamshayela ucingo bahlela ukubonana naye esitolo sakhe esisemakethe enkulu. Ngemva kokuhambahamba ezindleleni eziningi ezididayo, bagcina besitholile isitolo esinekheli elifana nelikadade. Njengoba bengena, babingelelwa umama owayeneBhayibheli elincane etafuleni lakhe. Ngemva kokusho isibongo sakhe, idolobha lakubo neminyaka yezingane zakhe ezimbili, abazalwane baphetha ngokuthi kwakunguye lo dade opholile. Bathi: “Thina singabafowenu, oFakazi BakaJehova.”

“Mina ngingumKristu,” ephendula ngobuso obubhalwe ukudideka. Indlela asabela ngayo yabamangaza abazalwane. Noma kunjalo, bamnika izincwadi zeBhayibheli futhi wajabula kakhulu. Kepha njengoba abazalwane sebehamba, baqaphela ukuthi babeye esitolo okungesona! Babehlose ukuya esitolo esinenombolo 2202, kodwa inombolo yalesi kwakungu-2200. Omunye umzalwane wathi: “Lwangithi heqe uvalo, kwaba sengathi yizingelosi ezazisiyise kuleso sitolo. Lo mama kanye nodade babenesibongo esifanayo, behlala edolobheni elilodwa futhi izingane zabo zazicishe zilingane! Ukube lo mama wayenesibongo esihlukile futhi eziphumela kwelinye idolobha, sasingavele sazi ukuthi akuyena umuntu esimfunayo.” Ezitolo ezimbili ezilandelayo, abazalwane bamthola udade opholile ebalindele.

“Kwangithobisa ngempela ukuvakasha kwabo ngoba ngisho noma kwase kuphele isikhathi eside kangaka ngipholile, uJehova akazange angikhohlwe”

Ngenxa yalokho kuvakasha okuyiphutha, owesifazane wokuqala waqala ukufunda iBhayibheli nokuya emihlanganweni. Udade owayepholile waqala ukuya kuyo yonke imihlangano nokuhlanganyela njalo enkonzweni. Wathi, “Kwangithobisa ngempela ukuvakasha kwabo ngoba ngisho noma kwase kuphele isikhathi eside kangaka ngipholile, uJehova akazange angikhohlwe.”

Ukuthumela Imiyalezo Esimweni Sezulu Esingesihle

EPhilippines: UGreg uthumela imiyalezo

UGreg no-Alma bathuthela esiqhingini saseCatanduanes ePhilippines ukuze bakhonze endaweni enendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso. Ezinye zezindawo zakhona zigcwele izintaba, ngakho ukuze bafinyelele kwezinye izingxenye zensimu yabo, uGreg no-Alma kumelwe bahambe ibanga elingamakhilomitha angu-19. Ngezinye izikhathi, bagwedla isikebhe isikhathi esingaba amahora amabili beyoshumayela kwezinye iziqhingi. Ngenkathi yemvula kuba nzima kakhulu ukuba bahambe. Kunokuba bavele bazihlalele ekhaya bangashumayeli, banquma ukusebenzisa ngokunenzuzo isikhathi somtitilizo ababesinikezwa inkampani kamakhalekhukhwini wabo, esibavumela ukuba bathumele inqwaba yemiyalezo ngemali ephansi.

UGreg uthi uqala umyalezo ngokubhala igama lakhe. Ube eseqhubeka, “Ngifisa ukuxoxa nawe ngomyalezo oseBhayibhelini.” Omunye umBhalo awuthole usebenziseka kahle uJohane 17:3. Ngemva kokuwucaphuna, ubuza imibuzo emibili: Ngubani uNkulunkulu weqiniso? nothi Ungubani uJesu Kristu? Ube esecela umuntu ukuba aphendule. Uma ephendula, uGreg uxoxa naye ngomunye umBhalo, njengeHubo 83:18. Uma umuntu eqhubeka nokuphendula imiyalezo ayithumelayo, uyambuza ukuthi angathanda yini baqhubeke nale ngxoxo ocingweni. UGreg no-Alma bathi abaningi basabela kahle.

Omunye wesifazane uGreg no-Alma abaxhumana naye wayenemibuzo eminingi ngeBhayibheli, ngakho babelokhu bethumelelana imiyalezo. Lokhu kwaholela esifundweni seBhayibheli. Lona wesifazane waxoxela umshana wakhe kanye nothile ayesebenza naye ngayekufunda. Ngenxa yalokho, bobathathu bagcina bebhapathiziwe.