Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

Amanqampunqampu—Avela Emhlabeni Wonke

Amanqampunqampu—Avela Emhlabeni Wonke

Bahlanganyela Abakudawunilodile

Nakuba i-Internet iyindlala eCuba, abantu bakhona sebeyakwazi ukuyithola ezitolo ezivulwe inkampani yezingcingo. Kodwa kumba eqolo. Ngakho-ke, ukuze igatsha lisize abafowethu bazuze kuyi-jw.org, lakhuthaza amabandla ukuba ahlele ukuba kube nommemezeli oyedwa odawuniloda izincwadi, okuqoshiwe nama-video engosini, bese ekuhlanganyela nabanye oFakazi emabandleni endawo. Leli lungiselelo lisebenza kahle.

IHholo LoMbuso Leza Kuqala Kunomakhalekhukhwini

UTeona, oneminyaka eyishumi nodadewabo onengu-8, uTamuna, bahlala eRepublic of Georgia. Babefuna umakhalekhukhwini. Ukuze abasize bawuthenge, ugogo wabo wabathembisa ukubapha emalini yakhe yempesheni inyanga ngayinye. Ngokudabukisayo ugogo wabo washona kungazelelwe. Noma kunjalo, umndeni wapha la mantombazane impesheni yokugcina kagogo ukuze athenge ucingo ayelufuna. Ngemva kokucabanga, la mantombazane abhalela ibandla lawo: “Siyazi ukuthi emasontweni amabili ezayo kuzoqalwa ukwakhiwa kweHholo LoMbuso elisha endaweni yakithi eT’erjola. Ugogo wayefuna ngempela ukusiza kulo msebenzi, ngakho sinqume ukunikela ngayo yonke impesheni yokugcina kagogo ebandleni kunokuba sithenge umakhalekhukhwini. Sicela nisakhele iHholo LoMbuso elihle!”

ImiBhalo YesiGreki Ngolimi LwesiTetum

Ngo-January 17, 2014, eDili, eTimor-Leste, uGeoffrey Jackson weNdikimba Ebusayo wakhulula INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiTetum, ulimi olukhulunywa abantu abaningi kuleli zwe. Ngaphambili, okuwukuphela kwamakhophi emiBhalo YesiGreki ngesiTetum ayenyatheliswa futhi esakazwa yiSonto LamaKatolika, elalenqaba ukuwadayisela oFakazi BakaJehova noma abantu ababesolwa ngokuthi bafunda noFakazi. Noma kunjalo, le nguqulo yamaKatolika yayinezinto eziningi ezinganembile, ezishiyiwe, amagama amadala namaphutha okunyathelisa. Ngokuphambene, mayelana ne-Nguqulo Yezwe Elisha, uDarren, isithunywa sevangeli eTimor-Leste, wathi: “Abantu abaningi bakuleli zwe abafunda INguqulo Yezwe Elisha bahlabeka umxhwele ukunemba kwayo futhi ngokushesha bacela amakhophi ayo. Bakuthola kulula ukuyifunda, bayawathanda namagama ayo agqamile ikakhulu njengoba imizi eminingi ingakhanyi kahle. Abaningi abanayo sebeyafundelwa.”

‘UJehova Ungibona Ngifanelwe Izincwadi Zolimi Lwami’

EMacedonia: Bashumayela ngezincwadi zesiRomany

Ngo-January 2014, kwaqopheka umlando emsebenzini wokuhumushela olimini lwesiRomany, olukhulunywa eMacedonia. Kwamiswa iqembu labahumushi, lanikwa imvume yokukhiqiza izincwadi ngalolu limi hhayi nje kuphela ngezinhlamvu zesiRoma kodwa nangezinhlamvu zesiCyrillic. Lokhu kuwusizo olukhulu kubantu abakhuluma isiRomany abajwayele izinhlamvu zesiCyrillic, okuyizona ezisemthethweni eMacedonia.

Abantu abaningi abakhuluma isiRomany kubathinta inhliziyo ukuthi inhlangano kaJehova yenza izincwadi ngolimi lwabo. Omunye udade wathi: “Njengomuntu okhuluma isiRomany, ngijwayele ukubona ukuthi abantu bezinye izinhlanga bangibukela phansi, ngakho ngiyambonga uJehova ngokuthi ungibona ngifanelwe ukuthola izincwadi ngolimi lwami. Lokhu kungisondeza ngisho nakakhulu kuye.”

“Ngiyambonga uJehova ngokuthi ungibona ngifanelwe ukuthola izincwadi ngolimi lwami”

Ushintsho Ekwengameleni

Kusukela ngo-February 1, 2014, ihhovisi legatsha lase-United States laqala ukwengamela insimu namabandla aseJamaica nawaseCayman Islands. Yeka ubunye obukhona kubamemezeli abangaphezu kwezigidi ezingu-1,2 ensimini yegatsha lase-United States! Lokhu kuhlanganisa amazwe angu-50 ase-United States, iBahamas, iBermuda, iBritish and U.S. Virgin Islands, iPuerto Rico, kanye neziqhingi ezibizwa ngokuthi Turks neCaicos.

Amaphayona EJapane

Abafowethu nodadewethu eJapane bayaqhubeka benomoya ovuthayo wokuphayona, futhi isibalo samaphayona avamile akhonza kuleli zwe eliyisiqhingi singesesine ngobukhulu emhlabeni. Ekuqaleni konyaka wenkonzo ka-2014, kunabangu-2 646 abangene ezinhlwini zamaphayona, okwenyusa isibalo samaphayona saba ngu-65 668. Ngo-March 2014, abamemezeli abangaphezu kwesigamu kubo bonke abamemezeli bangenela uhlobo oluthile lwenkonzo yamaphayona.