Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

I-Worldwide Design/Construction Department

I-Worldwide Design/Construction Department

UKWANDA okusheshayo kwenhlangano kaJehova kwenza kube nesidingo samaHholo OMbuso engeziwe, amaHholo OMhlangano, izakhiwo okuqhutshelwa kuzo izikole ezingokwasezulwini, amahhovisi abahumushi kanye nezakhiwo zamagatsha ezindaweni ezihlukahlukene. Ngenxa yalokho, ngo-October 2013, iNdikimba Ebusayo yamisa umnyango omusha ukuze umsebenzi wokuklama, ukwakha, ukulungisa izakhiwo nokuzinakekela wenziwe ngemali ephansi, kongiwe isikhathi namandla. Lo mnyango omusha, obizwa ngokuthi i-Worldwide Design/Construction Department (WDC), usendlunkulu yomhlaba wonke eBrooklyn, eNew York, futhi uqondiswa yiKomiti Yokunyathelisa YeNdikimba Ebusayo.

I-WDC yengamela iminyango ye-Regional Design/Construction Departments, etholakala emahhovisi egatsha ase-Australia, eJalimane, eNingizimu Afrika nase-United States. Le minyango iqondisa ukuklanywa, ukwakhiwa nokunakekelwa kwezakhiwo emazweni etholakala kuwo. Umgomo wayo ukusheshisa ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso. Phambilini, amaHholo OMbuso ayakhiwa ngosizo lweKomiti Yesifunda Yokwakha noma ngohlelo lokwakhiwa kwawo emazweni antulayo. Le minyango yomibili manje isihlanganisiwe yaba umnyango owodwa ngenjongo yokuba kusheshiswe umsebenzi wokwakha.

Ukuze kunakekelwe lesi sidingo esikhulayo samaHholo OMbuso naweMihlangano, kwamiswa umnyango obizwa ngokuthi i-Local Design/Construction Department egatsheni ngalinye. Lo mnyango uxhumana ngokuqondile neKomiti Yegatsha yendawo. Isici esithakazelisayo salezi zinguquko ukuthi manje wonke amagatsha asengabela izisebenzi zokwakha zesikhathi esigcwele ukuba zisize abazalwane bendawo bakhe amaHholo OMbuso naweMihlangano.

Ngo-April 2014 kwakunemisebenzi emikhulu engaphezu kuka-270 okwakufanele iphothulwe, ehlanganisa amahhovisi abahumushi angu-90, amaHholo OMhlangano angu-35 nemisebenzi ethile emagatsheni angu-130. Ngaphezu kwalokho, kunesidingo esiphuthumayo samaHholo OMbuso, kufanele kwakhiwe noma kulungiswe angaphezu kuka-14 000.

Yeka ukuthi kuluqinisa kanjani ukholo ukubona abantu bakaJehova abanobunye behlula imingcele yobuzwe, amasiko nezilimi ukuze bakhe izindawo eziletha udumo nenkazimulo egameni lakhe elingcwele! “Kunomsebenzi omkhulu okusadingeka wenziwe,” kusho uDan Molchan oseHhovisi LeKomiti Yezisebenzi endlunkulu yomhlaba wonke, “futhi ngenxa yalokhu, siyayazisa imithandazo yabafowethu nodadewethu kanye neminikelo yabo yokusekela lo msebenzi. Kodwa sazisa kakhulu abafowethu nodadewethu abazinikela ngokuzithandela ukuze basize kulo msebenzi.”